Sizigwaza ngowethu uma sibambezela ukuphothula izivumelwano zokuphehla ugesi ovuselelekayo, kuloba uBusi Mavuso

NGIYADUDUZEKA kancane ukwazi ukuthi akuyona yodwa iNingizimu Afrika ebhekene nenkinga kagesi. Njengoba singene esigabeni sesine sokucinywa kukagesi ngempelasonto, i-United Kingdom (i-UK), iMelika ne-European Union (i-EU) nabo bebebhekene nezinkinga ezihlukene.

E-California, eMelika, baxwayise ukuthi ugesi uzocima ngesonto elidlule, ngenxa yokuthi abantu basebenzise ama-airconditioner kakhulu ngoba bekushisa kakhulu kunokujwayelekile. Loku kugqilaze ugesi. I-EU ne-UK babhekene nenkinga yamanani egesi nakagesi ngenxa yokunyuka kwamanani. I-EU ithenga igesi eningi eRussia, njengamanje izama ngayo yonke indlela ukukushintsha loku.

Lezi nkinga zomhlaba nathi ziyasithinta. Amazwe amaningi aphuthumisa izinhlelo zawo zokushintshela kugesi ongaphehlwa ngamalahle. Ngaphandle kwalawo anezinkinga ezidinga ukulungiswa masinyane, amanye amazwe amaningi anezinhlelo zokwakha izindawo zokuphehla ugesi ovuselelekayo.

I-China iyona ehamba phambili kuloku njengoba ihlela ukwengeza ugesi ovuselelekayo owu-100GW njalo ngonyaka, eminyakeni emihlanu ezayo (umthamo kagesi ophindeke kathathu kuloku thina esingakwazi ukukwenza ngonyaka). Loku kusho ukuthi emhlabeni kuzobangiswana ngezinto ezidingekayo ukuphehla ugesi njengelanga nomoya njengoba neNingizimu Afrika isezinhlelweni zokwenza okufanayo.

Umzuliswano wesihlanu wohlelo lokuqoka abaphehli bakagesi ovuselelekayo abazimele ubambezelekile njengoba kungaphothuliwe konke okudingakalayo ukuze labo abaqokiwe baqhubeke nomsebenzi futhi bakwazi nokuthola imali yokwenza loku.

Njengoba kuloku kubambezeleka izinto kodwa amanani ezinto ayanyuka. Ngesikhathi kumenyezelwa abaqokiwe babebiza amanani aphansi u-47c/kWh, okuyinani elalingaphansi ngo-20% kulelo elivame ukubizwa yi-Eskom kodwa manje sekubaphazamisile ukunyuka kwezinto. Asisekho isiqiniseko manje ukuthi yonke noma imisebenzi eminingi isazoqhubeka yini.

Isifundo sokuqala wukuthi kumele umsebenzi ungabanjezelwa. Uma kunesikhathi eside phakathi kokuqoka umuntu nokuphothula izinto, amanani ayanyuka. Ukuba nesikhathi eside phakathi komthengi okhethiwe nokuvala, loku kusho ukuthi maningi amathuba okuthi amanani emakethe azoguquka.

Emzuliswaneni wesihlanu into ebambezelile wukuthi umNyango wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ubudinga ukuqinisekisa ukuthi kunabantu abanele baseNingizimu Afrika ababamba iqhaza. Bayaziwa abantu bakuleli zwe abayingxenye yomzuliswano wesihlanu nokuthi yikuphi abakwazi ukukwenza futhi bekungaphezu kokulindelekile. 

Njalo uma kubambezeleka ukulungisa inkinga yethu kagesi, ziyalimala izimboni eziloku zincipha ngenxa yokubiza kwamanani kagesi nokungathembeki kukagesi. Sizigwaza ngowethu.

Kumele sisheshise ukuthi izinto zonke nezinkontileka ziphothulwe uma sebeqokiwe abantu. Imizamo yokwandisa izinkampani zaseNingizimu Afrika kumele ilandele loko.

Kubalulekile ukuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika zibambe iqhaza kodwa ngeke kuvele kwenzeke ngomlingo nje, yinto ezothatha isikhathi. Ukuze kwenzeke sidinga abantu futhi kumele amanani nomkhiqizo kuhambisane nokutholakala kwamanye amazwe emhlabeni. Nokho into engikhathazayo wukuthi akufanele sibambezele ukukhiqizwa kukagesi omusha.

Manje sesibheke emzuliswaneni wesithupha ozokhiqiza u5.2GW ozodingeka ngesikhathi esisodwa njengoba sekunyuke nezidingo zamanye amazwe emhlabeni (yize kokushicilelwe ngesonto elidlule kubukeka sengathi u-5.2GW uzohlukaniswa kabili kuqalwe ngo-4.2GW, osele kuqhutshekwe nawo ngokuhamba kwesikhathi). Kungenzeka amanani abe ngaphezulu kwalowo omzuliswano wesihlanu kodwa kumele sifunde ukuthi kufanele siphuthumise ukuphothula izinto uma eseqokiwe umuntu. Kufanele sigweme ukuthi izinto zize zinyuke futhi sisheshise ukukhiqiza ugesi omusha.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izibophezele ezinhlelweni ezihlukene zokweseka uhulumeni ukuxazulula inkinga kagesi. Siyazama ukulekelela ukuthi kube namakhono anele. Sisebenze kanzima ukusiza i-Eskom iqale izinhlelo zayo zokwandisa ugesi ovuselelekayo. Lona umzamo wezwe lonke. Kepha kumele sikwenze sikhumbula okwenzeka emhlabeni, singavumeli ukuthi inqubomgomo yethu isiphazamise ukulungisa izinkinga eziphuthumayo.

UmNyango wezaseKhaya usishintshile isinqumo ebesiyinkinga obusenze ngoJanuwari sokuthi zonke izicelo zokuthola imvume yokuzosebenza eNingizimu Afrika kufanele zenziwe ePitoli. Loku kukhombisa ukuthi uhulumeni uyaboniseka futhi ulungise lapho wenze iphutha khona.

Izibalo ezitshengisa ukuthi umnotho wehlile ngekota yesibili ziwubafakazi bokuthi sibadinga kangakanani abatshalimali bakwamanye amazwe ukuze sikhulise umnotho. Kepha izinkampani ezifisa ukuzotshala eNingizimu Afrika zithwala kanzima ngenxa yemidanti eminingi, ukucinywa kukagesi, inkohlakalo nemithetho enzima yokuqasha izisebenzi.

I-BLSA isiyaziwa ngokugxeka uhulumeni kodwa lokhu kwenziwa yintshisekelo yokukholwa wukuthi singayiguqula iNingizimu Afrika. Kufanele sikhumbule ukuthi umnotho wethu usatabalasa njengoba uzama ukuvuka emva kokugwamanda amandla ombuso nokubheduka kweCOVID-19.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page