Asingadikibaliswa wukucinywa kukagesi, ushintsho lusemome, kuloba uBusi Mavuso

NGABE osomabhizinisi sebekulungele ukuba nogesi osebenza kahle? Kulula ukugcina sesikhohlwa wukubaluleka kokuba nesisombululo esizosisiza isikhathi eside ukuphehla nokusabalalisa ugesi ngenxa yokucinywa kukagesi okungapheli.
Kepha loku akumele kusivale amehlo singaziboni izinguquko ezibalulekile ezenzeka kwinqubomgomo. Zizoholela ekutheni izimboni ezizimele kube yizona ezizophehla futhi zidayise ugesi kanti ngilindele ukuthi ziphinde zisabalalise omunye wawo.
Loku kuzothatha iminyaka. Manje yisikhathi sokuthi amabhizinisi akuhlelele loku. I-Eskom iyaqhubeka nokuhlelwa kabusha okwenzeka ngaphakathi okuzoyihlukanisa ibe neminyango emithathu: owokuphehla, owokusabalalisa nokuwuhambisa ugesi.
Kwaphela unyaka odlule isisenzile isinqumo sokuhlukanisa le nkampani kathathu. Lolu hlelo luzophothulwa ngokuphelele mhlazane le minyango isiyizinkampani ezizimele ngokusemthethweni, zingasekho ngaphansi kwe-Eskom. Uphiko lokuhambisa ugesi luzosebenza ngokuzimela lukwazi ukuthenga ugesi kunoma wubani odayisa ugesi ngamanani aphansi. Uphiko lokuphehla ugesi e-Eskom luzoba ngenye yezinkampani ezizobe zifuna ukuhlinzeka ngogesi kodwa ugesi omningi uzohlinzekwa ngabanye abaphehli abazimele.
Ngonyaka odlule umthetho olawula imboni kagesi i-Electricity Regulation Act uchitshiyelwe ukuze izinkampani zikwazi ukukhiqiza ugesi ongafinyelela ku-100MW ezingazisebenzisela wona.
Okunye okuvunyiwe wukuthi lo gesi zingawudayisela izwe namanye amakhasimende. Loku kuvula ithuba lokuthi labo abazimisele basungule izinkampani zokusabalalisa ugesi nongadayiselwa amakhasimende ngqo.
Usungaqala ucabange ukuthi loku kuzobukeka kanjani – imboni yokuhlinzeka ugesi encintisanayo ukudayisela amakhasimende kuye nezidingo ezikhona. Iziteshi zikagesi zezinkampani zizosebenza kangcono zazi ukuthi ugesi ezingawusebenzisi zingawudayisa. Abatshalimali abamanqika njengamanje ngenxa yogesi ongathembekile sebengasondela kusetshenziswa izinkontileka eziqinisekisa ukuthi ugesi bazoba nawo.
Kukhona izingqinamba okumele kudlulwe kuzona ngaphambi kokuthi kwenzeke loku. Ukuchitshiyelwa komthetho olawula imboni kagesi sekuhlangene nenye inselelo njengoba iNational Electricity Regulator of South Africa iphikelela nendlela yokubhalisa ewumcikilisho. Ukuhlukaniswa kwe-Eskom kuzoba nzima ngoba i-Eskom ibishe ezikweletini futhi kuzofanele ebakweletayo bavume ukuthi ihlukaniswe nokushintsha amalungelo abo. Yizingqinamba okungelula ukubhekana nazo lezi.
Ngicabanga ukuthi singasho ukuthi bazoyithola indlela yokudlula kuzona. Umengameli nomNyango wezeziMali ngohlelo i-Operation Vulindlela bagxile ekususeni lezi zingqinamba.
Izinkampani eziningi sezizithulile izinhlelo zazo zokuqala ukwakha iziteshi kanti zilinde ukuthi kudlulwe kulezi zingqinamba. Ukuqala ukwakha sezilinde kususwe lezi zinto ezivimbile. Uhlelo e-Eskom luyaqhubeka kanjalo nokuthola isisombululo ngesikweletu sayo okufaka nokuhlukanisa uphiko lokukhiqiza.
Ekugcineni sizoba nemboni yokuhlinzeka ugesi ephelele enabaphehli abaningi abazobe beqhudelana bebodwa, abawusabalalisayo ngendlela efanele nemboni enkulu abathengi abazokwazi ukuthenga kuyona ugesi. Izoletha ugesi esiwufisayo sonke, othembekile futhi ophehlwa ngamanani aphansi. Uzophehlwa ngendlela eyonga imvelo, hhayi lona esiwusebenzisa manje ophehlwa ngamalahle futhi uzokweseka umnotho wethu ngenxa yezinto ezidingekayo ukuyakha nokuyinakekela.
Inselelo yamabhizinisi wukukhumbula ukuthi le nkinga kagesi ekhona izodlula. Kunekusasa elihle esililindile, osekudingeka manje wukulihlelela kahle.
Ayikho into engcono yokuqeda ukungasebenzi kahle njengokuthi kuncintiswane embonini. Ezimbonini ezine ezimqoka ukuze umnotho usebenze kahle, ezintathu azisebenzi kahle – ukuhlinzeka ugesi, ojantshi namachweba namanzi. Imboni yezokuxhumana isebenza kahle – yile mboni lapho uhulumeni wadedela khona imboni ezimele emva kokuthi iTelkom yayikade iyinkampani kahulumeni ngokuphelele. Ukube kwavunyelwa imboni ezimele nase-Eskom naseTransnet ngaleso sikhathi, ngabe izwe lethu lisebenza kangcono kunaloku.
Ukuhlehlisa ukuvala umzuliswano wesihlanu wokufaka izicelo zokuphehla ugesi ngendlela engasebenzisi amalahle kuyathusa. Sekwehlise amanani kanti ingcindezi ngenxa yamandla emali izothwalisa kanzima abakhiqizi bakagesi abazimele ngoba imali osekulindeleke ukuthi bayikhokhe ukuqala umsebenzi isinyukile.
Ukuba nogesi owanele ngenye yezinto eziseqhulwini likahulumeni kanti kudingeka sisuse noma ngabe yini efuna ukuphazamisa ukuthi sizuze loku ngokushesha.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
