Inxanxathela yezitolo zezimpahla ezinamagama iletha ithemba ngomnotho waKwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUVULWE ngokusemthethweni i-Oceans Mall inxanxathela yezitolo edle ngamagama ezimpahla zokugqoka zomntakabani eziqalayo ukufika eThekwini, KwaZulu-Natali, okubhekwe ukuthi kulekelele ukuvuselela umnotho walesi sifundazwe.
Le nxanxathela yezitolo eyakhiwe wuqweqwe lukasomabhizinisi uMnu uVivian Reddy idle uR1.3 billion kanti iyingxenye yohlelo lwengqalasizinda oluxube izinto eMhlanga, eThekwini, lulonke olubize uR4.3bn.
Umcimbi wangoLwesihlanu iPlatinum Walk Launch, ubuhanjelwe Isilo uMisiZulu kaZwelithini, osomabhizinisi, amalungu ebhodi ePublic Investment Corporation (iPIC) abangabanye babantu abatshale imali kulo msebenzi nosaziwayo.
Obemele uhulumeni uMnu uSihle Zikalala, uNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ezweni lonke, uthe ukuvulwa kwe-Oceans Mall kusho ukuthi isifundazwe siyasebenza futhi nokutshala kwePIC imali kukhombisa ukuwethemba umnotho waseKZN.
“Njengoba abanye begxile kokungekuhle nokungahambi kahle ezweni lethu nasemnothweni, siyazi ukuthi singazethemba izingwevu zosomabhizinisi ezifana noMnu uReddy ukuthi zisihole ekuboneni amathuba aletha izixazululo ezinselelweni zethu.
“Akungatshazwa ukuthi le ntuthuko isishintshe izinto enyakatho yeTheku. Kuyasikhuthaza ukuthi le nxanxathela yezitolo isivele idale imisebenzi ewu-3 500 ngesikhathi kwakhiwa newu-1 250 yabantu abaqashwe ngokugcwele. Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi u-65% wabantu abanezitolo lapha ngabantu abamnyama kanti babambisene nePIC enezabelo,” kusho yena.
Ezinye zezitolo zomntakabani ezikhona kule ndawo yiMaXhosa Africa, iGucci, iVersace, iD&G, iJimmy Choo, iBurberry, iMichael Kors nezinye.
Le nxanxathela ihambisana nehhotela lomntakabani iRadisson Blu.
Ukuphothulwa kwalo msebenzi kuke kwabambezelekela ngenkathi kugasela iDelangokubona eyayifuna ukunikwa ingxenye yomsebenzi ngenkani. Lokhu kwenzeka ngenkathi uZikalala esewuNdunankulu eKZN.
“Nge-Infrastructure South Africa (uhlelo), siyazikhandla ukuphuthumisa ingqalasizinda esikholwa wukuthi izosiza izwe lethu ukulwa nezinselelo zobubha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani sibe siletha ingqalasizinda eyisisekelo.
“Sizimisele ukulwa nenkohlakalo, ubugebengu nezigebengu embonini yezokwakha ezenza imigomo yethu yokuletha uguquko kwezomnotho kube negama elibi. Siyaqhubeka nokunxusa abomthetho ukuthi balwe nalobu bugebengu obucekela phansi umnotho wethu,” kusho yena.
Kuyaqala eThekwini ukuthi kube khona lezi zitolo njengoba bezitholakala eSandton, eGoli, eGauteng, naseV&A Watefront, eKapa, eNtshonalanga Kapa.
Ngale kweCOVID-19, umnotho waseKZN uphazanyiswe yimibhikisho okwatashwa kuyo izimpahla ngoJulayi ngo-2021okwashiya umonakalo kaR50bn nezikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli ngo-2022 ezadala umonakalo kaR5.8bn eThekwini.

