Kunemizamo yokulwa nezinto ezinqinda abalimi abasafufusa. INTATHELI YOMBELE iyabika
IKHOMISHINI yokuNcintisana izophenya imboni yezolimo igxile kakhulu kubalimi abakhiqiza amaveji nezithelo.
Inhloso yalolu phenyo wukubheka ukuthi ngabe zikhona yini izinto ezinqinda ukuthi kuncintiswane kahle.
Le khomishini ithi ikholwa wukuthi zikhona izinto okungenzeka ukuthi ziphazamisa ukuncintisana kule mboni futhi zinqinda ikakhulukazi abalimi abasafufusa.
Ithi isola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yophenyo eyalwenza ngo-2021 olwaveza ukuthi nakuba amapulazi amakhulu ewu-6.5% kuphela eNingizimu Afrika, kodwa yiwona angenise u-67% wemali ngonyaka wemali u-2017/18.
“Lolu phenyo lwaphinde lwaveza ukuthi sehle kakhulu isibalo samapulazi kule minyaka ewu-20 edlule. Ngo-1993 kwakukhona amapulazi angaphansana kuka-58 000 kanti ngo-2017 abesengaphezudlwana kuka-40 000, okusho ukuthi isibalo sehle ngo-31.4%.
“Nasezifundazweni sehlile isibalo samapulazi kanti izifundazwe ezithinteke kakhulu yiKwaZulu-Natali, iMpumalanga neLimpopo,” kusho ikhomishini.
Ikhomishini yenze isibonelo ngabalimi bamazambane, ethe isibalo sabo sehle ngo-65% phakathi kuka-1993 no-2008 kanti kuqhubekile loku njengoba ngo-2017 bese bewu-532.
“Kukhona okusolisayo ngamanani amaveji nezithelo nendlela ehla enyuka ngayo eNingizimu Afrika. Uphenyo oluhlukene luveze ukuthi amanani aphezulu amaveji nezithelo azwela kakhulu kubantu abangaholi imali etheni okufanele basebenzise ingxenye enkulu yemali yabo ukuthenga ukudla.
“Ukuqonda kahle ukuthi yini imbangela yamanani aphezulu ale mikhiqizo eNingizimu Afrika yinto emqoka ngalolu phenyo.”

Ikhomishini ithe nakuba kwaziwa ukuthi anyukile amanani ngenxa yeCOVID-19 eminyakeni embalwa edlule kodwa ithi kuqhubekile loku ngisho seludlulile ubhubhane.
“Amarekhodi ekhomishini aveza ukuthi ophenyweni oluwu-1 254 oluwu-713 noma cishe u-57% mayelana nezinto amanani azo ayenyuke ngokweqile wawuthinta ukudla, amaveji nezithelo. Kuleso sibalo oluwu-322 lwaluthinta ujinja nogalikhi, (okwanyuka ngaphezu kuka-300% ngesiwombe sesibili seCOVID-19 ngasekupheleni kuka-2020 nasekuqaleni kuka-2021.
“Loku kukhombisa ukubaluleka kwamaveji nezithelo kodwa futhi kungenzeka ukuthi kutshengisa ukuthi kunabantu abathola intuba yokuxhaphaza (abathengi) uma kuba nezimo ezishintshayo embonini,” kuqhubeka uphenyo.
Uphenyo olwenziwa yikhomishini ngo-2021 lwaveza ukuthi ziningi izinselelo ezibhekene nabalimi bamaveji nezithelo, ikakhulukazi abasafufusa.
Ithi lezi yizinselelo ezifana nokungabi nemali eyanele, ukungabi namakhono adingekayo, ukungakwazi ukukhulisa umsebenzi, ukungakwazi ukuthola amanani afanele, ukungakwazi ukufinyelela kahle emakhasimendeni nokungabi nezinsiza ezifanele njengembewu nomanyolo onohlonze, okunqinda abalimi ukuthi bakhiqize ukudla okuphephile futhi okwamukelwa yizitolo.
Abalimi abasafufusa baphinde bahlushwe wukugqoza kwengqalasizinda nokuguquguquka kwesimo sezulu okudala isomiso nezikhukhula.
Ikhomishini iqale ngo-2008 ukubeka eqhulwini imboni ekhiqiza ukudla.

