Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM
Usemncane wawuphiwa imali?
Cha, kodwa kwakwenzeka ngesinye isikhathi isalukazi sami uMaDuma singiphe kodwa isikhathi esiningi cha.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngo-2006. Ngifunda uMatikuletsheni, ngavula i-student account yaseStandard Bank.
Yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?
Wukungakwazi ukufeza iphupho lami ngesikhathi ngenxa yokungabinayo imali yokuqhuba imfundo yami. Uthando lwalukhona kodwa imali ingekho. Ekukhuleni kwami ngifundile ukuthi imali ibalulekile kakhulu, ngakho ngaphandle kwemali impilo inzima kakhulu. Kunezinto onesifiso sokuzenza kodwa ngeke ukwazi ukuzenza ngoba imali ayikho. Imfundo yami ephakeme angikwazanga ukuyiqeda ngesikhathi.
Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-2007. Cishe ngangihola uR2 500 ngisebenza eKFC. Nalapho ngasebenza izinyanga cishe ezingaphansi kwezintathu, ngashiya, ngenxa (yesithukuthezi) uma (ingqondo) isendaweni eyodwa isikhathi eside ngosuku.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Noma ngingasakhumbuli kahle kodwa ngiyacabanga imali eningi yaya ekuthengeni ukudla kwasendlini (nezingubo zokugqoka).
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
Ukuthenga ukudla ngithengela abantu abaswele kakhulu empilweni nabangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze balale bedlile. Ngathengela ukudla umuzi ngamunye abantu abangaphezu kwekhulu.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Iphutha engalenza kwaba wukuboleka umngani imali, nokwagcina sesixabana sibanga yona.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
(Hhayi “ibhanoyi”) kodwa yebo, (ngake ngalutheka). Ngangizama indawo yokusondelela ngasenkabeni yedolobha iTheku ngoba izinto zazenzeka kangcono uma uhlala eduze, nalapho ngafaka imali yendawo yokufihla ikhanda ngiphuthuma ngoba lo owayengisiza ethi indawo bazoyithatha njengoba nibaningi nifuna yona lendawo, okungenani faka imali yokubambisa ngempela ngenza kanjalo, kwathi ntambama sengithi ngiyobona indawo, ngafica sekukhala ibhungezi.
Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?
Omunye wabantu abaye bangibonise kwezamabhizinisi wathi: “Mhlongo zijwayeze ukusebenzisa imali ngendlela efanele ezoletha inzuzo ngaso sonke isikhathi. Ukuhlala nemali ibe ingazali kuzokulimaza ngoba yonke into iyashintsha.” Izinga lempilo liyaguquguquka usuku nosuku. Isibonelo, umuntu owabeka uR5 000 eminyakeni eyishumi edlule, zincane kakhulu izinto angazenza manje ngaleyo mali ngoba izinto sezinyukile. Imali ayikusebenzele ngaso sonke isikhathi.
Uma ungawina uR1 million kwi-lottery ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawutshala emabhizinisi (ehlukene), ikakhulukazi amabhizinisi engiwabonayo ukuthi aphethwe ngendlela eqotho, enye ngingayitshala ekutholeni amaqhinga noma umqondo omusha webhizinisi ngokuvundulula abantu abasha abanentshisekelo yokungena emkhakheni wamabhizinisi.
Ungabeluleka uthini abasembonini okuyona ngokuphatha imali?
Imali ibalulekile. Ngaso sonke isikhathi zijwayeze ukusabalala ngemicabango ngebhizinisi lakho ukuze uthole okusha ozokufaka noma ozoqhamuka nako ukuthuthukisa onakho. Uma kuwukuthi kusewumcabango nje kuphela onawo, qala ungalindi ngoba uma ulinda kukhona omunye oseqale okucabangayo. Abantu abanemali nabathanda ukusiza, baye bathande ukusiza umuntu oseqalile ukwenza kunokusiza umuntu osenomcabango nje kuphela.
