Kubekwe intsha nezinduna eqhulwini ngeSabelomali saseKZN. USLINDILE KHANYILE uyabika
UHULUMENI waKwaZulu-Natali wethule iSabelomali azama ngaso ukuvuselela umnotho, ukulungisa amaphutha akudala nokuqhubeka nezinhlelo ezizovulela intsha amathuba emisenzi.
Sesisonke iSabelomali sonyaka wezimali wango-2023/24 siwuR146.2 billion kanti okuseqhulwini kuso yizinhlelo zokulungisa ingqalasizinda ukuze kusebenzeke kahle, ukulwa nobugebengu, ububha nokulungisa inkinga yokushoda kukagesi.
UNgqongqoshe wezeziMali eKZN uNkk uPeggy Nkonyeni uthe ziningi izinkinga ezikhungethe umnotho nabazama ukuzilungisa ngeSabelomali.
“Ukuncipha komnotho womhlaba, inkinga kagesi ezweni, wubugebengu, ukuntuleka kwemisebenzi nezinye izinto ezehlile ezinye zazo okungenxa yempi yeRussia ne-Ukraine ziyaqhubeka nokuba yingozi uma sibheka umnotho womhlaba kanti zinomphumela omubi nasemnothweni wezwe lethu.
“Ngale kokusho ukuthi imali siyabe kanjani, okuyiyona njongo yale nkulumo, kumqoka ukuqikelela ukuthi izinto ziphathwa ngononina kuhulumeni. Loku kuzoqikelela ukuthi izinsizakusebenza zisetshenziswa ngendlela efanele,” kusho ungqongqoshe.
UNkk uNkonyeni uthe nakuba ingeke isabuyiswa imali encishiswe emNyangweni wezeMfundo nezeMpilo kule minyaka edlule kodwa kulo nyaka ngeke le minyango incishiselwe imali.
Eminyakeni yemali emithathu ezayo, umNyango wezeMfundo uzohlinzekwa ngoR9.8bn, owezeMpilo uthole uR6.8bn. OwezokuThutha uzokwabelwa uR26.3bn. Kukhona uR19.5bn oqondene nengqalasizinda.
Ngo-2023/24, umNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo wona uzohlinzekwa ngoR3.4bn. UNkk uNkonyeni uthe lo mnyango uzoqhubeka nezinhlelo zokulungisa izikhumulo zezindiza ezihlukene esifundazweni nezimqoka ukukhulisa ezokuvakasha ezakhinyabezwa kakhulu wukubheduka kweCOVID-19.
Ukuqhubeka nokulekelela intsha, uNkk uNkonyeni uthe iHhovisi likaNdunankulu lizokwabelwa uR100m ozoya esikhwameni iKZN Youth Empowerment Fund esiza kakhulu intsha enamabhizinisi.
Izinhlelo ze-Expanded Public Works Programme zizoqhubeka, kanti zabelwe uR196.5m wokuvula amathuba emisebenzi awu-7 870.
Ngemva kweminyaka kunomdonsiswano phakathi kukahulumeni nezinduna ngemali ezathenjiswa yona, uhulumeni usuzibophezele ekutheni uzozikhokhela kanti lokhu kwabelwe uR631.1m.

