UMnu uThemba Rikhotso, isikhulu esiphezulu esisha eLand Bank Isithombe: Sithunyelwe

Babheke lukhulu kwisikhulu esiphezulu esisha sebhange lezolimo. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINHLANGANO zabalimi zithi zinethemba lokuthi isikhulu esiphezulu esisha seLand Bank sizovuselela isithunzi saleli bhange futhi lizolekelela ukufukula abalimi abamnyama ababencishwe amathuba. 

Ngesonto elidlule kuqokwe uMnu uThemba Rikhotso ukuthi abe yisikhulu esiphezulu esisha kanti uzothatha izintambo kusukela ngenyanga ezayo. Besekuphele cishe unyaka iLand Bank iholwa wuNks uKhensani Mukhari, obeyisikhulu esiphezulu esibambile. URikhotso uneminyaka ewu-20 embonini yezimali njengoba esebenze eStandard Bank, lapho aphatha khona izikhundla ezihlukene kanti wake wasebenzela leli bhange naseKenya. 

Isikhulu esiphezulu se-Agri SA uMnu uChristo van der Rheede sithe: “Siyakwamukela ukuqokwa kwakhe kwesikhulu esiphezulu esisha. Kubalulekile ukuthi aphuthumise uhlelo (olwethulwa yiLand Bank) lokuzama ukuqoqa izikweletu kwabebehluleka wukubakhokhela futhi aqhube umsebenzi owenziwa yibhodi ephethe njengamanje ukuvuselela isithunzi seLand Bank.”

UNks uThandeka Mbassa, isikhulu esiphezulu esibambile kwi-African Farmers’ Association of South Africa, uthe uma bebheka izinselelo leli bhange eselike laba nazo phambilini, bayakujabulela ukuqokwa kukaRikhotso. 

Wengeze ngokuthi njengoba umNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usanda kumemezela ukuthi uzoxhasa abalimi ngemali kahulumeni nezobolekwa kuleli bhange ukwelekelela abalimi abangasizakali emabhange amakhulu kanti ukuba khona kwesikhulu esiphezulu kuzosiza.  

“Isiphasisiwe i-Agriculture and Agro Processing Masterplan ezoletha uguquko embonini. Siyathemba ukuthi (iLand Bank) izofaka isandla nayo ekuletheni uguquko ukufukula abalimi abamnyama abangasizakali emabhange amakhulu. Phambilini, leli bhange lihlulekile wukwenza lo msebenzi,” kusho uNks uMbassa.  

URikhotso une-BCom in Accounting and Information System yase-University of Natal (esibizwa nge-University of KwaZulu-Natal), i-Master’s in Business Leadership yase-Unisa kanti wenze ne-International Executive Development Programme eGibs ne-Executive Development Program eWharton School ePhiladelphia, eMelika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page