Usesebenzela ukungena emakethe enkulu okhiqiza ugologo womoba. INTATHELI YOMBELE iyabika
UBHUKULELA ukugcina zonke izimfanelo ezidingekayo ukuze umkhiqizo wakhe ongajwayelekile ufinyelele kubathengi futhi umngenisele imali oqale ibhizinisi lokugaya ugologo womoba ngoba kwehla isivuno esikhiqizwa ngamasimu omoba.
Usebenzisa izinsalela zomoba ukwenza le gin.
UNksz uGugulethu Masuku, oneminyaka ewu-36, ongumnikazi wepulazi iZifezeke Sugarcane Farm eliseHeatonville, eMpangeni, KwaZulu-Natali, wenza ugologo i-gin obizwa nge-rum Agricole nama-sparkling cider ngamanzi kamoba.
UNksz uMasuku uthi umndeni wakubo unesikhathi ulima umoba kusukela kukhokho bakhe. Yena ulima umoba epulazini elingamahekthare awu-431.
Uthi: “Eminyakeni eyedlule kufike isomiso, sashayeka singabalimi bomoba. Amasimu ethu abekhiqiza umkhiqizo omncane, sigcine singayenzi inzuzo. Besilahlekelwa ngoba imali esiyisebenzisile sitshala bekwenzeka ingabe isaphuma uma sekuvuniwe. Abalimisi (ama-agricultural extension officer), bebesikhuthaza ukuthi sizame ezinye izindlela zokwenza inzuzo ngomhlaba esinawo, okungaba wukutshala ezinye izitshalo noma ukufuya.”
Uthi yena watshala imifino kodwa imakethe ayithola ibikhokha emva kwesikhathi eside.
“Kuningi engakucabanga engingakwenza ngomoba noma amakhasi awo, ngavinjwa ukuthi imali yokuthenga imishini edingekayo anginayo. Ukwenza ugologo yikona engabona kungcono ngoba uyakwazi ukucela umuntu akuhluzele uma ungenayo imishini njengami,” kusho yena.
Uthi ukwenza lo gologo wakufundiswa wumlimi omhlophe. Sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili aqala ukwenza ugologo kodwa uze wakwazi ukuba nomkhiqizo awuphethe esandleni eminyakeni emibili eyedlule.
Nokho akakakwazi ukuwudayisa ezitolo. Okwamanje ukwazi ukuwenzela ukuzithokozisa, okusho ukuthi angakwazi ukuwupha omunye umuntu kodwa kungabinamali ayitholayo ngawo.

“Akulula ukungena kulo mkhakha. Kudingeka amalayisensi amaningi; eyokukhiqiza, eyokusabalalisa utshwala, eyokwazi ukunika abantu abafuna ukuwuzwa, eyokudayisa bona utshwala, eyokudayisa umkhiqizo wakho ngaphandle kwaleli zwe uma uzowudayisa nangaphandle.
“Bekumele ngisebenzisane nabanye abantu ukuze ngikwazi ukuhluza umoba ube sesimweni sokuthi wenziwe omunye umkhiqizo.
“Iningi lamalayisensi akhokhelwa kabili. Ukhokhela ukufaka isicelo nokuthi usuyaqala ukuyisebenzisa futhi njalo ngonyaka uyayivuselela. Isicelo semvume yokukhiqiza sibiza ngaphezulu kukaR2 250, uma usuqala ukuyisebenzisa ukhokha ngaphezu kukaR14 000. Okwamanje nginayo imvume yokuthi ngikhiqizele ukuzithokozisa. Ngike ngazama ukudayisa online kodwa nakhona ngavinjwa yimigomo ethize ebengingayazi nokuthi ikhona,” kusho uNksz uMasuku.
Uthe abaxhasi abaningi bayamchitha uma ecela usizo ngoba bethi abamxhasi umuntu okhiqiza utshwala.
“Kumele ngichaze ukuthi akubona utshwala nje lobu kodwa kushintshwe umkhiqizo wezolimo, okusho ukuthi ngeke ngize ngibesezingeni lokukhiqiza utshwala obuningi njengemboni.
“Kulo nyaka nginethemba lokuthi ngizokwazi ukuwathola wonke amalayisensi adingekayo bese ngiqala ukudayisa. Ama-oda senginawo,” kusho yena.
Ukhuthazwa wukumenywa kwamanye amazwe azokhuluma ngokukhiqizwa kwalo gologo. Kulo nyaka umenywe eJapan, yize engakadayisi.”Ukufunda ukwenza i-rum agricole kuyajabulisa ngoba uyazi ukuthi indlela ohlanganise ngayo izithako zakho ngeyakho kuphela, akekho ongakuphuca lelo khono,” kusho yena ngokuziqhayisa.

