KULELI sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noThemba ‘uTee-Jay’ Mthembu, usomabhizinisi, umphathi wamaciko nomhleli wemicimbi. Uwumsunguli welebuli yezimpahla zokugqoka yezingane iDanasoli Kids Clothing Brand. Uke waba nengosi emisakazweni ehlukene
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngikhule emndenini ohlwempu kakhulu. Ukuphiwa imali ekhaya kwakuyinto eyayiqhelelene nami, ngangiyicosha emgwaqweni kuphela uma ngibe nenhlanhla.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?
Ngangineminyaka ewu-19 ngo-2008, e-Absa.
Yini oyikhumbulayo futhi owayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?
Ngikhumbula ukuthi imali engangiyithola yize incane kodwa yayikwazi ukuphilisa umndeni. Ngafunda ukusebenzisa imali ngendlela futhi ngiyigcinele izinsuku ezinzima.
Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2008 ngisebenza eNando’s, umholo wami kwakuwuR1 800 ngenyanga uma ngingaphosisi.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wami wokuqala ngawunika uMama, ngasala neyokugibela nokudla emsebenzini.
Yini into enhle owake wayenza ngemali?
Into enhle engake ngayenza ngemali wukususa umndeni wami KwaBester (ngaKwaMashu) ngawakhela umuzi eStanger lapho usubehlala khona manje. Ngaphinda ngazakhela owami umuzi eNanda la engihlala khona manje.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Mhla ngiqala ukuba nemali ngagijimela ukuthenga izimoto, ngakhohlwa wukutshala imali ezongiphilisa kusasa. Ngasheshe ngalilungisa lelo phutha ngokuthenga ama-flat edolobheni engangiqashisa ngawo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Yebo, kodwa angikaze ngilahlekelwe yimali eningi kuwo, angikhali kakhulu.
Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?
Iseluleko esihle engake ngasithola esokutshala imali ezindaweni eziningi ezenza inzuzo njengokuthenga amasheya nezakhiwo.
Uma ungawina uR1 million kwi-lottery ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathatha ingxenye ngiyitshale emabhizisini amancane abonakala ezokhula ukuze ngilekelele ukwakha amathuba emisebenzi. Enye ingxenye ngingayifaka ohlelweni engifisa ukulwenza losomabhizinisi abasafufusa okuthiwa iBusiness Shower Seminar, lapho (engingahambela) amadolobha ahlukene sicobelelana ngolwazi, sakhe ubudlelwano singosomabhizinisi ngenjongo yokwenza inzuzo ebonakalayo.
Ungabeluleka uthini abasembonini okuyona ngokuphatha imali?
Ngingabaluleka ngokuthi bacabangisise uma bezofaka imali noma ngabe yikuphi. Abantu abaningi balahlekelwa yimali ngenxa yokweswela ulwazi. Akesizifundise ukwenza ucwaningo olunzulu kuqala, singathatheli izinto phezulu. Bese futhi siyeka ukufuna ukuphila impilo ephezulu isikhathi singakafiki. Uzofika lapho ofuna ukufika khona, ungajahi, esakho iskhathi siyeza. Sebenzisa imali ngendlela.
