Inhlangano yabalimi i-AgriSA ijabulile ngeSabelomali sango-2023/24 esizokwethula umthwalo emahlombe abakhiqiza ukudla Izithombe: Zithunyelwe

Bathakasile abalimi ngezimemezelo ezethulwe kwiSabelomali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZOHLOMULA nabalimi abakhiqiza ukudla ngentela ebanjwa esikhwameni esisiza abalimala ezingozini zomgwaqo i-Road Accident Fund levy kadizili. Loku kuzokwenzelwa ukunciphisa umphumela wokucinywa kukagesi emananini okudla. 

Lesi simemezelo senziwe wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesonto elidlule ngesikhathi ethula iSabelomali sonyaka u-2023/24.

UGodongwana uthe le mali esetshenziswa ngabemboni yokukhiqiza ukuthenga izinto ezifana nama-generator izoqala ukutholwa nangabalimi abakhiqiza ukudla kusukela ngo-Ephreli. 

Iphawula ngalesi simemezelo, i-Agri SA ithe wusizo lolu oluzokwelekelela ukunciphisa izindleko zokukhiqiza ukudla, nokuzohlomulisa abathengi. 

Le nhlangano yabalimi ithe iyayithokozela imizamo ezokwenziwa ukutakula i-Eskom kodwa ithe isazocubungula kahle ukuthi kuzoba namuphi umphumela kubalimi. 

Ngokusho kwenhlangano ebuyekeza amanani okudla iPietemaritzburg Economic Justice & Dignity (iPMBEJD) amanani okudla anyuke ngo-13.1% uma kuqhathaniswa uFebhuwari wango-2022 nowalo nyaka. 

Ithe ukuze umndeni uthole ukudla okwanele ngenyanga usudinga ukuthenga ngoR4 928.34 esikhundleni sikaR4 355.70. Uma kuqhathaniswa uJanuwari noFebhuwari wango-2023, amanani okudla anyuke ngo-0.2% noma uR10.91, esuka kuR4 917.42 aya kuR4 928.34.

I-PMBEDJD ibheka amanani okudla ezitolo eziwu-44 eGoli, eThekwini, eMtubatuba, eKapa naseMgungundlovu. 

I-Agri SA yengeze ngokuthi kuhle nokuthi uGodongwana umemezele nokuthi kubekwe uR480 billion wokulungisa ingqalasizinda okukhona kuyona neyozokuthutha, amanzi nokuthutha indle. 

“Loku kukhombisa ukuthi umNyango wezeziMali uyakuqonda ukuthi lezi zinto zimqoka kangakanani ekutheni umnotho usebenze kahle nokuthi kube nokudla okwanele ezweni. 

“Yize kusiphoxile ukuthi akukho okwenziwe ukuphungula intela yogwayi neyotshwala kodwa i-Agri SA ithokozile ngesinqumo sokungayinyusi i-Health Promotion Levy,” kusho i-AgriSA. 

Usomnotho wezolimo omkhulu eFNB Commercial uMnu uPaul Makube uthe olunye usizo abalimi abazohlomula kulo yisimemezelo sokuthi intela ebanjwa kuphethroli nebanjwa kwiRAF ayinyuswanga, nathe kuzophungula umthwalo wamanani kaphethroli avele ephezulu.

Uthe: “Imboni kashukela evele izixakekele izosizakala njengoba i-Health Promotion Levy ingeke inyuke eminyakeni emibili ezayo nokuletha ithuba lokuthi kuqhubeke izingxoxo futhi kunika nemboni ithuba lokuthi iqhamuke neminye imikhiqizo.” 

UMakube

I-Health Promotion Levy yintela ebanjwa eziphuzweni ezinoshukela eyethulwa ngo-2018. Enye yezindlela umNyango wezeMpilo olwa ngayo nesifo sikashukela nezinye izifo ezithinta impilo wukukhuluphala ngokweqile kwabantu. 

Amanani okudla anyuke ngo-5% kuya phezulu ngoFebhuwari 2023: 

UkudlaInani
Impuphu u-6%
Isitambuu-5%
I-butternutu-7%
Ispinashi u-14%
Iklabishi u-15%
U-green pepper u-6%
Ama-orintshi u-21%
  •  Imininingwane itholakale kwiPietmaritzburg Economic Justice & Dignity

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page