Usomnotho ozimele nomhlaziyi wezomnotho uSolwazi uBonke Dumisa ebeka ilaka lakhe ngokuqokwa kukaNgqongqoshe kaGesi Izithombe: Zithunyelwe neBusa

Ubengadingeki uNgqongqoshe kaGesi kodwa oqokiwe unamava afanele, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

NAKUBA ebengasizwa kahle isinqumo sokuqoka uNgqongqoshe kaGesi kodwa uthi uMengameli uCyril Ramaphosa uqoke umuntu onamava afanele ngokubeka uDkt uKgosientsho Ramokgopa kulesi sikhundla.

Usomnotho nomhlaziyi wepolitiki ozimele uSolwazi uBonke Dumisa ungomunye wabantu abahlaba bahlikiza isimemezelo sikaRamaphosa asibiza nge“nhlekelele”, wathi akakwazi “ukumbangcaza” ancome into angayiboni.

Kodwa izolo uDumisa uthe uRamokgopa uzokwazi ukuwumela lo msebenzi nengcindezi yawo ngoba unolwazi lwezemfundo namava anele kwipolitiki.

“Awudingi ukuqonda indaba kagesi kuphela. I-ANC neHitachi baphuthumisa izinto kwakhiwa iKusile neMedupi, iziteshi ezimbili zikagesi ezisiphindisele emuva ngoba azisebenzi kahle. Udinga unjiniyela oqonda ukwakhiwa kwamabhilidi, ukuthi yini edingekayo ukuze lisebenze kahle isikhathi eside.

“Enye into ‘uSputla’ (uRamokgopa) ubeseHhovisi likaMengameli eqondene nezindaba zengqalasizinda, uyaziqonda zonke izinselelo ezikhona,” kuqhuba yena.

Wengeze ngokuthi kuzosiza ukuthi uRamokgopa uwumuntu we-ANC ngoba enye imbangela yezinkinga ze-Eskom yinkohlakalo engaphakathi enhlanganweni ebusayo nedinga umuntu oyiqondayo indlela leli qembu elenza izinto ngayo.

Dr Kgosientsho Ramakgopa
URamokgopa

URamaphosa uqoke uRamokgopa ngoMsombuluko ngenkathi ememezela izinguquko kwiKhabhinethi. Uthe uzosiphatha lesi sikhundla inqobo nje uma inkinga kagesi isekhona.

“Ukuze abhekane kahle nale nkinga, ungqongqoshe okhethiwe nguye ozolawula nozophatha yonke into eqondene ne-Energy Action Plan. Loku kuzosiza ukuthi kungabi nokudidizela ngokuthi umsebenzi useminyangweni nakongqongqoshe abaningi, yize kuyinto engeyona inkinga ngokujwayelekile, kodwa uma kunenkinga ayisizi.

“Waba yimeya yaseTshwane saze saphela isikhathi ayesibekelwe (esihlalweni). Ngiyabezwa abanye abantu bekhala ngokuthi bekufanele kuqokwe unjiniyela kagesi, hhayi one-civil engineering kodwa yinto engasho lutho leyo ngoba ulwazi oluyisisekelo lwabo bonke laba onjiniyela luyafana.

“Ungqongqoshe ulindeleke ukuthi adidiyele ukusebenza kwayo yonke iminyango nezinkampani ezithintekayo ukuze kulungiswe inkinga, asebenzisane nobuholi be-Eskom ukuguqula indlela okusebenza iziteshi eziphehla ugesi ngayo futhi aphuthumise ukuthengwa kwezinto ezizokwenza kuphehlwe ugesi omusha,” kusho umengameli. URamaphosa uthe kukhona amandla azowanika uRamokgopa ngokwesigaba 97 soMthethosisekelo ukuze awenze kahle umsebenzi wakhe.

UDumisa uthe nakuba kwakukuhle ukuthi i-ANC ilungise umonakalo owenziwa wuhulumeni wobandlululo owawungahlinzeki wonke umuntu ngogesi kodwa yona ngokungalaleli izeluleko zabasho ukuthi kufanele kwengezwe iziteshi zokuphehla ugesi zisuka nje ngoba iziteshi ezazikhona zazingakulungele ukuphakela wonke umuntu eNingizimu Afrika.

I-Business Unity South Africa (iBusa) ithe nakuba nayo ibingasiboni isidingo sikaNgqongqoshe kaGesi kodwa ithe izosebenzisana naye njengoba eseqokiwe.

Isikhulu esiphezulu seBusa uMnu uCas Coovadia sithe bazoxoxisana noRamokgopa ukuzwa ukuthi ucabanga ukuyilungisa kanjani inkinga yokushoda kukagesi. Sithe bazosebenzisana naye ukuqhuba umsebenzi we-Energy Plan.

U-Coovadia

I-Black Business Council ithe ithemba ukuthi izinguquko zizothela izithelo ngoba ikhathele yizethembiso ezingafezwa. Ithe mkhulu umsebenzi ohlalele uRamokgopa kanti ithemba ukuthi uzokubeka eqhulwini ukuqeda ukucima kukagesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page