Kusho ukuthini ukujula ngolwazi lwezezimali, kuloba uNokwazi Chonco
KUKANGAKI uya esitolo uyothenga isinkwa kodwa ubuye uphethe inqwaba yezinto ongazidingi? Kukangaki uthi awazi wenzeni ngemali yakho, ungakwazi ukuphendula ngemali oyisebenzisile?
Lezi yizibonelo zendlela abantu abasebenzisa ngayo imali benganakile, lungekho uhlelo olucacile abalubekile.
Kuhle ukuqaphelisisa konke okwenzayo ngemali yakho, uzibophezele. Yazi umehluko phakathi kwezinto ozidingayo ezibalulekile nezinto ozithandayo. Yiba nesabelomali osisebenzisa nyanga zonke.
Ungavumeli imizwa yakho ilawule indlela osebenzisa imali ngayo; mhlawumbe uma uphatheke kabi ujwayele ukuthenga kakhulu ukuze uzizwe ungcono. Zazi izinto ezenza usebenzise imali kungenasidingo.
Ukuqaphela nokwazi ngemali kuchaza ukuthi uyazi umi kuphi ngemali yakho, sithini isimo sakho sezezimali; yiba neqiniso. Ngokwazi isimo sakho samanje, kulula ukuhlelela ikusasa.
Ukunaka indlela yokusebenzisa imali nobudedengu
Uma unolwazi futhi uqaphela indlela osebenzisa imali ngayo usuke unamandla okulawula imali yakho. Uma ungenalo ulwazi lwezezimali, imali yakho ilawula wena. Izinhlelo zakho azihambi kahle.
Ukungabi nolwazi lwezezimali kukhombisa ukuthi awufundisekile ngokwezimali, ngakho-ke awukwazi ukwenza izinqumo ezinhle zezimali.
Qaphela zonke izinqumo (ezinkulu nezincane) ozithathayo ngemali yakho. Zonke izinqumo zinomphumela kwikusasa lakho lezezimali.
Zithini izinkolelo zakho ngemali? Yimiphi imikhuba emihle nemibi oyithole ekhaya noma emphakathini? Imikhuba esiyicosha ekuphileni kwethu inomphumela ekutheni sicabanga kanjani ngemali nezinqumo esizithathayo. Izinkolelo nemikhuba nakho kunomphumela.
Ngakho kubalulekile ukuzazi. Yiziphi izinto ezenza ufune ukuthenga kungenasidingo noma uthenge kuze kweqe? Buthini ubudlelwano bakho nemali? Uyazethemba ukuphatha imali noma uyayisaba? Imali uyihlanganisa nani – impumelelo, amandla, ukuphepha njll?
Imbangela yokungacabangisisi
Kumele siqale ngokuzazi. Ngimephi ngezimali zami, futhi ngifunani? Uma lokhu kungacacile ngeke sikwazi ukuya phambili, ngeke sikwazi ukubeka izinhlelo zezimali ezizosiphumelelisa.
Ukuzihlolisisa kuyisiqalo. Yazi futhi ukuthi uwumuntu onjani umakuza emalini (uthenga kakhulu, uncishana kakhulu, uyayesaba imali njll).
Emva kokuzihlolisisa usuyabona ukuthi umi kuphi ngemali. Yikuphi lapho osebenzisa khona imali kakhulu? Yini edala ukuthi ugcine ungasilandelanga isabelomali sakho? Abanye bethu abasibhali phansi isabelomali, sisigcina emqondweni. Uma sikhuluma ngokucabangisisa nolwazi lwezimali kuyacaca ukuthi zonke izinto kumele zibhalwe phansi. Kuhle sifunde ukuthi imizwa yethu ineqhaza elingakanani ekucabangeni kwethu ngemali nokuyisebenzisa.
Asiyazi imikhuba yethu emibi, sizame ukuyilawula. Yazi ukuthi yini ekwenza uhlale ufuna ukuthenga. Abanye abantu bayahluleka ukugcina imali, sengathi bengaloku bethengile. Thola isizathu ukuze wazi ukuthi uzokugwema kanjani.
Asingaphili sengathi silele, asicabangisise konke esikwenzayo ngemali yethu.
Zonke izinqumo zemali esizenzayo kufanele zibe nomphumela omuhle empilweni yethu manje, nakusasa.
- UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali
