Yilungelo lawo wonke umuntu ukubhikisha kodwa kufanele sizibuze ukuthi kuyakha noma kuyabhidliza yini, kuloba uBusi Mavuso

BEKUYISIFISO ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko ube nokuthula njengoba abantu baseNingizimu Afrika bebesebenzisa ilungelo labo. Benginethemba futhi lokuthi ngeke kube nodlame, kusatshiswe muntu futhi kucekelwe phansi izimpahla. 

Sonke siyafisa kuphele ukucinywa kukagesi ukuze umnotho wethu ukhule. Siyazikhandla zonke izinsuku ukufeza loku. Ngiyakuthakasela ukwesekana okwakhayo kodwa ngiyazi ukuthi ukukhuthaza ukuthi kuvalwe izwe akuyisizi leyo mizamo, ikakhulukazi uma sibheka ulimi olubasela umlilo olusetshenziswayo. 

Ukusabisa amabhizinisi, iningi lawo elithwele kanzima ukubhekana nezinselelo ezivele zikhona emnothweni oxakekile ngenxa yokushoda kukagesi ekubeni kuvele kuzibhedela kwenza abatshalimali balapha ekhaya nabakwamanye amazwe bahoshe imfe ngoba babona kuwukubeka imali yabo engozini ukusiza ukwakha lo mnotho.  

Kwenza izisebenzi, amakhamasimende nabahlinzeka ngezimpahla bahlale emakhaya, balahlekelwe yimali. Akukho kuloku okuxazulula izinkinga zethu.

Yize abagqugquzela ukuthi livalwe izwe bethi bakwenza ngoba bekhathalele intuthuko yezwe kodwa izenzo zabo azisizi ngalutho. 

Ukukhuthaza ukuthi kuvalwe izwe yimizamo yepolitiki elwisana nentando yabantu. 

Sonke siyavota. Uma singawuthandi uhulumeni ophethe, singalisebenzisa ivoti lethu. Akufani manje nangesikhathi sobandlululo, lapho sasingakwazi khona (ukuvota), okuwukuthi izindlela esasingazisebenzisa kwakuwukuvala izwe nokuteleka kuphela ukuze kube noshintsho.

Sesinalo manje ilungelo lokubhikisha sizwakalise ilaka lethu futhi sikhethe abaholi bepolitiki esikholwa wukuthi bangasilethela ushintsho esiludingayo. Sinayo yonke into esiyidingayo ukusebenzisa ilungelo lethu, asidingi udlame nokuphula umthetho. 

Into eyaqalwa yizinyunyana zezisebenzi isisetshenziselwa izinhloso zepolitiki nokuphazamisa izinhloso zezinyunyana okungenzeka ukuthi ngabe zithi akubhikishwe ngokusemthethweni.

Uma sibheka ingozi ekhona ngenxa yolimi oluqosheme olusetshenziswayo, ngiyasemukela isinqumo esenziwe abaphathi ukuqikelela ukuthi amaphoyisa ayagada ezweni lonke.

Njengoba iNational Joint Operational Intelligence Structure (iNatJoints) imemezelile ngoLwesihlanu, amaphoyisa abesebenza ukuqinisekisa ukuthi imibhikisho igadiwe ukuvikela ababhikishayo nokuthi lezo zenzo ezingekho emthethweni kubhekwana nazo. 

I-Natjoints icacisile ukuthi ngeke ivumele kuvinjwe imigwaqo futhi kubenodlame. I-Business Leadership South Africa (iBLSA), ngophiko lwayo iBusiness Against Crime olunohlelo i-Eyes and Ears, yeseka amaphoyisa ngokudlulisa imininingwane ngemizamo yokulwa nobugebengu ekwenzile nangoMsombuluko.

Osomabhizinisi kudingeke bacabange ukuthi bazosebenza kanjani ngoMsombuluko. Ukusathiswa nengozi ebikhona kwizisebenzi namakhasimende kwenze kwaba nzima ukuthi amabhizinisi asebenze ngokujwayelekile. 

Kepha bekubalulekile ukuthi sizame okusemandleni ethu. Kule minyaka edlule kudingeke ukuthi sithole izindlela  zokubhekana nazo zonke izinhlobo zezinkinga kanti nangoMsombuluko besibhekene nenye. 

Kungiduduzile ukwazi ukuthi sesikulungele kangcono ukusebenza singekho ehhovisi, nokusho ukuthi ngeke kuzwele kakhulu emnothweni. 

Kuyadumaza ukuthi lo mbhikisho ubunakwe kangakanani. Into okufanele ngabe besigxile kuyona wukwakha amabhizinisi, kunokuwavala. Kufanele ngabe sivuselela indlela umnotho wethu osebenza ngayo, hhayi ukuzama ukuvimba ukusebenza kwawo. 

Yiqiniso ukuthi ukwakha kunzima kunokubhidliza. Imininingwane yemigomo nezinhlaka ezidingekayo ukushintsha umnotho wethu azinakwa ngendlela okwenzeke ngayo ngoMsombuluko. 

Ukuvuma umsebenzi wokuzama ukulungisa izinto kudinga ukuthi abantu bakulungele nokuphendula ngalezo zinqumo, into-ke eshayisanayo naloku abanye abakuthandayo kodumo olungathi shu. 

Thina eBLSA sizoqhubeka sisebenzele ukuletha ushintsho oludingekayo ukuze wonke umuntu avelele eNingizimu Afrika. 

Kuyasijabulisa ukusebenzisana nazo zonke izinhlaka ezinezifiso ezifanayo kodwa asihambisana nezenzo zalabo abaphikisana naloku. 

Ukwethulwa kweResource Mobilisation Fund kusho ukuqala kokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni ukulwa nenkinga kagesi. 

I-BLSA ikholwa ukuthi leli igxathu elilandelayo elimqoka futhi osomabhizinisi baneqhaza abangalibamba.

I-National Energy Crisis Committee isikulungele ukwenza okudingekayo nokuphuthumayo ukulungisa inkinga kagesi kanti iBLSA izibophezele ukwenza konke okufanele ukufaka isandla. Ukwandisa ugesi otholakalayo nothembekile ngezinye zezinjongo zeBLSA.

Isinqumo seS&P Global sokwehlisa indlela iNingizimu Afrika ekleliswe ngayo ngesinye sezikhumbuzo zokuthi umnotho wethu ubambezeleka kangakanani ngenxa yokungaqhubeki kwezinhlelo zokuguqula izinhlaka oludingekayo.

I-S&P ifuna ukubona kuphucuka ingqalasizinda, indlela okuphathwa ngayo amabhizinisi kahulumeni futhi kuncishiswa nesikweletu. 

Silindele ukuthi iS&P iphinde isehlise ngokuhamba kwesikhathi uma kungabi nomehluko. 

Kuzodinga bonke abathintekayo emnothweni wezwe babambe iqhaza ukushintsha izinto kanti osomabhizinisi kufanele basize uhulumeni ukuletha izinguquko ezinqala nezidingekayo ukuze kuzoshintsha indlela esikleliswe ngayo.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page