Umthetho uyasebenza ezweni lethu uma sibambisana, kuloba uBusi Mavuso

UKUKHETHA kwamabhizinisi amaningi ngoMsombuluko odlule ukuvala noma ukuthi izisebenzi zihlale emakhaya kukhombisa ukuthi ayekhathazeke kangakanani ngokuvalwa kwezwe okwakuhleliwe, okwakungaholela odlameni nasekuphazamisekeni.

Kwakufanele akhathazeke. Wonke umuntu usakhumbula okwenzeka ngenkathi kutatshwa futhi kucekelwa phansi izimpahla ngoJulayi ngo-2021. 

Izinkulumo eziwubudedengu ebezishiwo osopolitiki ngombhikisho yizo ezilethe uvalo. Uhulumeni uphendule ngendlela efanele. Yize abanye bekhale ngokutshalwa kwamaphoyisa abelekelelwa ngamasosha, yisinyathelo ebesifanele lesi, besihambisana novalo izakhamuzi nosomabhizinisi abebenalo.

Amaphoyisa athembisa ukuthi umthetho uzohlonishwa, avikele abantu nezimpahla kanti akwenzile loko. Loku kufanele sikukhumbule ngendlela esikhumbula ngayo okwenzeka ngoJulayi ngo-2021. 

Uhulumeni ukhombisile ukuthi uyakwazi ukusebenzisa amandla awo. Njengoba osomabhizinisi bebenovalo kufanele, kufanele babuyelwe yithemba ngokuthi siphila ezweni lapho umthetho usebenza khona. 

Abazama ukususa udweshu ngolimi oluqosheme ngeke bakwazi ukusiphazamisa thina esiqhubeka nomsebenzi ngokujwayelekile. Loku kufanele kushintshe indlela esibuka ngayo ubungozi bezimo ezinjena.

Kufanele kusiduduze ukuthi uma sibhekene nezikhathi ezizama ukususa uthuthuva kanjena ngenxa yombango wezepolitiki, akusho ukuthi kuzophazamiseka osomabhizinisi nabantu ekuqhubekeni nempilo yabo. 

NgoMsombuluko sibonile futhi osomabhizinisi nabezokuvikela ukuthi basebenzisana kahle kanje uma bebambisene. 

Uhlelo i-Eyes and Ears Initiative (i-E2) lweBusiness Against Crime South Africa (iBACSA), uphiko lweBusiness Leadership South Africa (iBLSA), lusebenzisana neSAPS National Operational Command Centre, ebisabalalisa ulwazi ngokwenzekayo ngenkathi umbhikisho uqhubeka.

Bonke abantu abayingxenye yalolu hlelo bebeloku baziswa ngokwenzekayo kanti iBACSA ibiyingxenye yabebeqaphile ngoMsombuluko. Ezokuvikela ezizimele zihlinzeke izindiza ezinophephela emhlane nama-drone, izimoto nonogada.  

Bebetshalwe ngokwezincomo ebezenziwe ukulekelela ukuhlonipha umthetho. Kwenze amaphoyisa akwazi ukuhlela futhi aphucula isikhathi akwazi ukufinyelela endaweni ngaso.

Izisebenzi seBACSA bezisebenzisana neNational Joint Operational and Intelligence Structure, iNational Operational Command Centre nama-Operational Command Centre ezifundazweni ukuqikelela ukuthi ulwazi oluqhamuka embonini ezimele luyafinyelela ezinhlakeni eziphezulu kwezobunhloli. Bekumqoka loku ukuze iphumelele imizamo yokugcina nokuhlonipha umthetho ngaleli langa. 

Ayabonga amaphoyisa ngendlela i-E2 ewaseke ngayo ngalesi sikhathi. Ukulwa nobugebengu nokugcina ezokuphepha ngenye yezinjongo ezimqoka kwiBLSA. 

Ngikholwa wukuthi esikubone ngesonto elidlule yizinkomba ezinhle zokuthi uhulumeni nemboni ezimele bangasebenzisana ukuphucula ezokuphepha. Kuningi okunye okungenziwa. 

Siyazi kahle ingozi ekhona ngenxa yobugebengu obuhleliwe nokwanda kwezigameko zokugwazisa osomabhizinisi. Loku ngezinye zezinto iBACSA ezisukumele nokunezimpawu zokuthi kunomehluko esesiqala ukuwenza futhi ngokusebenzisana nezinhlaka zobunhloli.

Siphila esikhathini sentando yabantu lapho wonke umuntu enelungelo lokubhikisha nokubeka uvo lwakhe. Lawo malungelo kufanele asetshenziswe endaweni lapho umthethosisekelo uhlonishwa khona futhi sibe nethemba lokuthi singasebenzisa amalungelo ethu ngokuphepha. 

Ngivamile ukusho ukuthi ukusebenza komthetho kubalulekile ebhizinisini. Kumqoka ukuze wonke umuntu aphephe, avikeleke, kodwa futhi kwenza abamabhizinisi bakwazi ukuhlela, ukutshala nokwakha. 

Umthethosisekelo wentando yabantu uyasivikela ukuze kungaxhashazwa umbuso. Emva kokwenzeke ngesonto elidlule ngibona sengathi singanethemba impela ngezwe esihlala kulona. I-BLSA izoqhubeka izikhandle isebenzisane nesibambisene nabo kuhulumeni ukuze linyuke leli themba.

Iqhaza elibanjwa osomabhizinisi ukulwela ikusasa leNingizimu Afrika alisagcini nje ngokukhankasela ukuthi kube nemigomo efanele kodwa selidlulele nasekubambisaneni nohulumeni emizamweni yawo yokuvuselela izwe

Uma uhulumeni nosomabhizinisi bengazibophezela ekusebenzisaneni ngokushesha futhi kahle, sinethemba lokuthi ngo-2023 izoqala ithele izithelo imizamo yethu yokwenza iNingizimu Afrika indawo engcono kuwona wonke umuntu.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page