Kuntwela ezansi embonini yezokuvakasha ebhujiswe yiCOVID-19. INTATHELI YOMBELE iyabika
KUKHISHWE izibalo ezicacisa kahle ukuthi kwaba nomphumela omubi kangakanani ukubheduka kweCOVID-19 embonini yezokuvakasha. Nokho kancane kancane izinto seziyaqala ukuba ngcono.
Imali engeniswa yizivakashi yehla isuka kuR455.8 billion ngo-2019, yafinyelela kuR260.4bn ngo-2020.
Embikweni iTourism Satellite Account for South Africa (iTSA), oshicilelwe yiStatistics South Africa nokhishwe ngesonto elidlule, kuvele ukuthi kwaphela imisebenzi ewu-320 000 kule mboni ngalowo nyaka njengoba bagcina sebewu-459 533 abantu abaqashiwe.
Isibalo sezivakashi ezingahlali lapha ezweni sehla sisuka ku-14.8 million ngo-2019, safika ku-3.9m ngo-2020 kwazise imingcele yayivaliwe emazweni onke kungavumelekile ukuhamba kwabantu ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo.
“Ukwehla kwezivakashi kwaba nemiphumela eminingi embonini yezokuvakasha. Okokuqala kwezwelwa ngemali engeniswa yizivakashi, imali yakwamanye amazwe abathenga ngayo abangahlali kuleli zwe. Le mali yehla ngo-70.5% ngo-2019 uma kuqhathaniswa nango-2020. Nemali ekhokhwa ngabahlala ezweni uma bevakasha yancipha ngo-32.8% kuno-2019,” kusho lo mbiko.
Izindawo zokuhlala ezithembele kakhulu kwezokuvakasha zehlelwa yimali ngoR17.0bn.
Ngo-2019 ezokuvakasha zazingenise u-3.7% emnothweni wezwe, okusho ukuthi zazingaphezu kwezolimo, ezokwakha, ugesi, igesi namanzi. Ngo-2020, imali eyangeniswa yile mboni emnothweni iwu-2.2%, loku kusho ukuthi ezokuvakasha zathwala kanzima ngisho kunezimboni ezincane.
| Umkhakha | Isibalo semisebenzi eyaphela |
| Ezokuthutha abantu emanzini | Iwu-64 |
| Ezokuqasha ezokuthutha | Iwu-1 993 |
| Ezokuthutha abantu ngezitimela | Iwu-3 485 |
| Ezemidlalo | Iwu-7 892 |
| Ezamabhanoyi | Iwu- 8 266 |
| Izinkampani eziqashela izivakashi | Iwu-8 495 |
| Ezamasiko | Iwu-8 935 |
| Izindawo zokuhlala | Iwu-24 520 |
| Izindawo zokudlela nokucima ukoma | Iwu-63 505 |
| Izinto ezithinta izimpahla zasezitolo ezihambisana nezokuvakasha | Iwu-91 404 |
| Ethutha zabantu emgwaqweni | Iwu-102 063 |
- Lolu lwazi luthathwe kwiTourism Satellite Account for South Africa
Umbiko olandelayo weTSA uzoba nezibalo zango-2021 uzokhishwa kulo nyaka.
“Uzotshengisa ukuthi sekube nomehluko ongakanani embonini kusukela ngo-2020. Likhona ithemba ezibalweni eziyaye zikhishwe yiStats SA. Nakuba isibalo sezivakashi ezingahlali ezweni siqhubekile nokwehla ngo-2021, izibalo zanyanga zonke ziveze ukuthi siqalile ukunyuka lesi sibalo ngo-2022. Uma loku kuqhubeka, yizindaba ezinhle embonini yezokuvakasha emva kobhubhane,” kusho umbiko.

