Akakhulume ngezenzo
KUNETHEMBA elincane elivuselelekile kuleli sonto emva kokumenyezelwa kukaDkt uKgosientsho Ramokgopa wangungqongqoshe omusha, uNgqongqoshe kaGesi.
URamokgopa, onconywayo ngokuba namava afanele ngenxa yemfundo yakhe nesipiliyoni kwezombusazwe, ubhekwe ukuthi aqhamuke nesisombululo esizoqeda inkinga yokucima kukagesi ekhubaza umnotho.
Uwunjiniyela futhi uwusopolitiki. Yebo, akayena unjiniyela kagesi kanti vele akadingi ukuba wuyena ngoba bakhona labo baqashwe wu-Eskom, kodwa kuzosiza ukuthi uwunjiniyela ikakhulukazi njengoba lolu hlobo aluyilo kuyilolu oluqonda kahle imisebenzi yokwakha. Kufanele abantu baseNingizimu Afrika baqale bahlomule ngeKusile neMedupi. Inkulu imali esetshenziswe kwakhiwa lezi ziteshi.
Kumanje abakhokhintela bazokhokha uR250 billion kodwa ongabasizi ngalutho. Sekukhulunywe kakhulu ngezinkinga ze-Eskom nokuthi yini edingekayo ukuze zilunge.
Ezombusazwe sidalo sazo zinemicikilisho futhi osopolitiki bayawathanda amakomidi, amakhomishini nokucwaninga into engapheli, ikakhulukazi uma bengenaso isixazululo. Sithemba ukuthi uRamokgopa ngeke akwenze loku. Izixazululo ziyaziwa, azilula, kodwa ziyaziwa.
Abantu badinga ugesi osebenza kahle ukuze bahlele impilo yabo kahle futhi ukuze baqhube bakhulise amabhizinisi abo.Ziningi izinselelo ezihlupha osomabhizinisi, abadingi uhulumeni uqhubeke nokubenzela phansi.
Seloku ebekiwe uRamokgopa uzwakala eyiqonda inkinga kagesi futhi eyigagu ekutheni uzoyixazulula kanjani. Ubugagu bakhe, imfundo yakhe namava kwipolitiki nesiko lokwenza izinto kwinhlangano ebusayo, i-ANC, kunika ithemba. Kepha akwenele.
URamokgopa akakhulume ngezenzo, hhayi ngomlomo.
