ISILONDA ESOPHELA NGAPHAKATHI

EKUQALENI kwesonto kuphazamiseke umnotho ngenxa kakhukhulelangoqo wesiteleka obuhlelwe yi-Economic Freedom Fighters (i-EFF). Ngalesi siteleka le nhlangano ebibambisene nezinye izinhlangano zepolitiki ithe izwakalisa ilaka layo ngezinselelo ezikhona ezweni, ikakhulukazi inkinga yokushoda nokucinywa kukagesi nenkohlakalo kaMengameli uMnu uCyril Ramaphosa.

Yisiteleka-ke lesi ebesingasekwa yiwona wonke umuntu. Kube nenkulumompikiswano ngokuthi sibe yimpumelelo noma cha. Kuzwakala sengathi kukhona abebezothatha ngokuthi sibe yimpumelelo ngokuthi babone okwenzeka ngo-2021, lapho kwacekelwa khona izimpahla, kwatatshwa ezitolo, okwadlula nemiphefumulo yabantu. 

Yishwa-ke loku ukuthi eNingizimu Afrika sesacabanga ukuthi umbhikisho kufanele ube nodlame, kusatshiswe abantu futhi kube nezenzo zobugebengu. 

Ngabe yilumbo ongathi akakhathazekile ngezinselelo ezikhona eNingizimu Afrika. Kungabe yinkinga kagesi, ukuntuleka kwemisebenzi, inkohlakalo, ubugebengu, udlame nobubha, wonke umuntu uthwele ngenxa yaloku.

Kumanje nje, izibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa azizinhle neze. Kuqale kwavela ukuthi umnotho wehle ngo-1.3% ngekota yesine ka-2022. Kuleli sonto ukunyuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-7.0% ngoFebhuwari kanti amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala akhuphuke ngo-13.6% kulo nyaka odlule. 

Njengoba ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kuqhubeka, osomnotho bathi nakanjani loku kusho ukuthi iBhange loMbuso lizoqhubeka nokunyusa imalimboleko abathi kuzoba phakathi kuka-25 no-50 basis points ngesonto elizayo. 

Yilungelo lanoma wubani ukuteleka eNingizimu Afrika, nokho-ke umbhikisho we-EFF nakuba ungabanga nodlame futhi kungacekelwanga phansi izimpahla, into ophumelele kakhulu ukuyenza wukwenza isimo somnotho sibe simbi kakhulu. 

Kungabukeka kuwusuku olulodwa kodwa wusuku oluzozwela emnothweni lolu ngoba izinkampani bezingasebenzi njengokujwayelekile. Kukhona abazohola imali engaphelele ngenxa yalolu suku njengoba izinto zivele zibiza, nokuzozwela kakhulu kubona nabangaholi mali etheni. 

Ziningi kakhulu izinto esezikhinyabeze umnotho waseNingizimu Afrika, iCOVID-19, udlame lwango-2021, izikhukhula nenzukazikeyi kagesi. 

Umbhikisho wangoMsombuluko ufana nesilonda esophela ngaphakathi, umonakalo esiwenzayo emzimbeni ubonakala sekonakele kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page