UmNyango wezeziMali awunavalo ngokufakwa kweNingizimu Afrika kwi-grey list. USLINDILE KHANYILE uyabika
NGEKE kuphazamiseke ukusebenza kwemboni yemali eNingizimu Afrika ngenxa yokufakwa kwezwe ohlwini lwamazwe angenzi kahle ukuhlonipha imithetho elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.
Usho kanje uMnyango wezeziMali ngesinqumo sokufaka izwe ohlwini olubizwa nge-grey list, isinqumo esimenyezelwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) ngoLwesihlanu.
Umnyango uthe uzoqhubeka nokulungisa izinto ezisadinga ukulungiswa iFATF ekhale ngazo uqhubeka lapho waqala khona kusukela le nhlangano yaqala ukushaya amakhala ngo-Okthoba wango-2021.
“UmNyango wezeZimali uthi ezintweni ezibaluliwe akukho okuthinta ngqo izinto okufanele zenziwe yimboni yezezimali. Loku kukhombisa umsebenzi omkhulu owenziwa ngamabhange nabemishwalense ukuqikelela ukuthi bayayigada ingozi.
“Ngakho-ke umNyango wezeziMali ulindele ukuthi ukuqashelwa okuthe xaxa ngeke kuyiphazamise imboni yezezimali futhi ngeke kuthinte izindleko zokuba nebhizinisi eNingizimu Afrika. Nokho loku sizokuqapha ngeso lokhozi,” kusho umNyango wezeziMali.
Le nhlangano egada ukungena nokuphuma kwemali amazweni ithe mkhulu umsebenzi osuwenziwe yiNingizimu Afrika ukutshengisa ukuthi izimisele ukulungisa izinto ezixegayo futhi iyabona ukuthi izinikele.
Nokho iFATF ithe leli zwe linezinto eziyisishiyagalombili okusafanele lizilungise. Ithe kufanele linyuse amasokisi ekulekeleleni uma kuphenywa imali ephumayo yabantu abathathwa njengengozi, liphucule indlela okusebenza ngayo labo abaqondene nokugada ukuthi bathathelwa izinyathelo abangayihloniphi imithetho yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa amaphekulazikhuni, ukuqinisekisa ukuthi izikhulu eziwaziyo umsebenzi ziyakwazi ukuthola masinyane imininingwane yokuthi imali ephumayo isuke izohlomulisa bani, abomthetho bavame ukucela imininingwane ngemali ukuphenya uma kunezinsolo zokushushumbisa imali noma zokuxhasa amaphekulazikhuni, kwande ukuphenywa nokushushiswa kwabasolwa ngalezi zenzo, liphucule ukubona nokudla izimpahla zabasolwayo, liqinisekise ukuthi lihlale libuyekeza ukuthi ingakanani ingozi yokuthi kubekhona abaxhasa amaphekelazikhuni ukuze icebo lokulwa nako lizohlale limi ngomumo futhi kunswinywe abantu nezinkampani ezisolwa ngaloku.
IBhange loMbuso nalo lizibophezele ekuqhubekeni nokuqinisekisa ukuthi amabhange ayayihlonipha imithetho futhi ayagada ukuze kusheshe kubonakale uma kukhona okusolisayo ukugwema ukushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zabashokobezi.
Elinye izwe iFATF elifake ohlwini i-grey list yiNigeria. Abevele ekhona kulolu hlu nasaqhubeka yi-Albania, iBarbados, iBurkina Faso, iCayman Islands, iDemocratic Republic of Congo, iGibraltar, iHaiti, iJamaica, iJordan, iMali, iMozambique, iPanama, iPhillipines, iSenegal, iSouth Sudan, iSyria, iTanzania, iTurkiye, i-Uganda, i-United Arab Emirates neYemen.
Amazwe akhishiwe kulolu hlu yiCambodia neMorocco.

