Dr Kgosientsho Ramakgopa
UNgqongqoshe omusha obheke umNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, obekwe ngemva kokumenyezelwa kwekhabhinethi entsha izolo Izithombe: Zithunyelwe neGCIS

Amehlo athe njo kuNgqongqoshe obheke umNyango kaGesi, umnotho uthwele kanzima nezikhamuzi zikhala mihla namalanga. INTATHELI YOMBELE iyabika

EKUGCINENI ngemva kokwethembisa ukubeka ungqongqoshe omusha ozolungisa inkinga kagesi egubuzele izwe nekhinyabeza umnotho nekhalisa izakhamuzi, umengameli uCyril Ramaphosa ugcine eqoke uDkt uKgosientsho Ramokgopa abewuNgqongqoshe kaGesi izolo ebusuku. 

URamaphosa umemezele nePhini lakhe elisha uMnu uPaul Mashatile. Iphini likamengameli livame ukuhola uhulumeni ezindabeni nosomabhizinisini. 

URamokgopa unikwe umsebenzi wokunciphisa inkinga yokushoda kukagesi, osekuneminyaka ewu-14 ikhona eNingizimu Afrika. Ngonyaka odlule ugesi ucinywe izinsuku eziwu-207.

URamaphosa uthe uRamokgopa uzoba kulesi sikhundla inqobo nje uma inkinga kagesi isekhona. “Ukuze abhekane kahle nale nkinga, ungqongqoshe okhethiwe nguye ozolawula nozophatha yonke into eqondene ne-Energy Action Plan. Loku kuzosiza ukuthi kungabi nokudidizela ngokuthi umsebenzi useminyangweni nakongqongqoshe abaningi, yize kuyinto engeyona inkinga ngokujwayelekile, kodwa uma kunenkinga ayisizi. 

“Ungqongqoshe ulindeleke ukuthi adidiyele ukusebenza kwayo yonke iminyango nezinkampani ezithintekayo ukuze kulungiswe inkinga, asebenzisane nobuholi be-Eskom ukuguqula indlela okusebenza iziteshi eziphehla ugesi ngayo futhi aphuthumise ukuthenga izinto ezizokwenza kuphehlwe ugesi omusha,” kusho yena. 

Umengameli uthe kukhona amandla azowanika uRamokgopa njengokusho kwesigaba 97 soMthethosisekelo ukuze awenze kahle umsebenzi wakhe. 

URamokgopa ubeyinhloko yoPhiko lokuTshala iMali neNgqalasizinda eHhovisi likaMengameli kanti uke waba nguNgqongqoshe wokuThuthukisa uMnotho nezoLimo eGauteng neMeya yaseTshwane. 

Une-PhD in Public Affairs yase-University of Pretoria, i-Master’s in Public Administration yase-University of Pretoria, i-Master’s in Business Leadership yase-Unisa ne-BSC in Civil Engineering yase-University of Durban-Westville (esibizwa nge-University of KwaZulu-Natali).

Esinye isikhundla esisha esimenyezelwe wumengameli esikangqongqoshe ozobheka ukuhlela nokubuyekeza umsebenzi wabanye ongqongqoshe neminyango kahulumeni. Umnyango i-Planning, Monitoring and Evaluation unikwe uNks uMaropene Ramokgopa. 

Yihhovisi leli elake laphathwa wuMnu uCollins Chabane osashona kusaphethe uMengameli uMnu uJacob Zuma. 

UNks uRamokgopa

Isimemezelo sayizolo sandise isibalo seKhabhinethi. Nokho uRamaphosa uthe usejube abasehhovisi lakhe nomNyango wezeziMali ukuthi bahlanganise isiphakamiso sokunciphisa iminyango kahulumeni nezinye izinhlaka ukuze kusebenzeke kangcono.

UKodwa

Ezinye izinguquko ezigqamile wukuxoshwa kukaNksz uLindiwe Sisulu, obenguNgqongqoshe wezokuVakasha. Isikhala sakhe sivalwe ngoNkk uPatricia de Lille. Omunye okhonjwe indlela wuMnu uNathi Mthethwa, obewuNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko. Indawo yakhe ithathwe wuMnu uZizi Kodwa. 

ObewuNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uSihle Zikalala uqokwe wanguNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. 

Abanye bajutshwe kanje: 

  • UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz uKhumbudzo Ntshavheni; 
  • UNgqongqoshe wabesiFazane, iNtsha nabaPhila nokuKhubazeka uDkt uNkosazana Dlamini Zuma; 
  • UNgqongqoshe wezokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uMondli Gungubele;
  • UNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko uNks uThembi Nkadimeng;
  • UNgqongqoshe wakwaHulumeni nezokuPhatha uNks uNoxolo Kiviet; 
  • UNgqongqoshe wezokuThutha UNks uSindisiwe Chikunga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page