Baphinde abangacatshangelwanga osomabhizinisi abasafufusa umengameli ebeka ongqongqoshe abasha, kuloba uNtokozo Biyela

ISIMO esizithola kusona eNingizimu Afrika asisihle neze, isonto nesonto silwa izimpi ezihlukene. Uma kungeyona inkinga kagesi, eyamanzi, eyemigwaqo, ukuphela kwemisebenzi, ukuwa kwamabhizinisi nokuntuleka kwemisebenzi entsheni esanda kuthola iziqu.

NgoMsombuluko sizithole sisenkingeni enkulu siyisizwe silinde ukuthi uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa amemezele ukuthi yibaphi ongqongqoshe abakhiphayo, yibaphi abagudluzela kweminye iminyango, ibaphi abasha abafakayo. 

Njengenjwayelo silindisiwe siyisizwe. Ngake ngabhala kule ngosi ngonyaka odlule ukuthi kubalulekile ukugcina isikhathi. Uma uwumuntu ophethe, kufanele ukwazi ukugcina isikhathi. Loko kusho ukuthi uyabahlonipha abantu osuke uze kubona noma ozokhuluma nabo.

Sesibone kaningi ukuthi uRamaphosa akanandaba nabantu abaholayo. Loku ukubona ngokuthi njalo uma ezokwethula inkulumo esizweni akafiki ngesikhathi ihhovisi lakhe elisuke lithe uzofika ngaso. Loku futhi kusho ukuthi akahlelekile noma ithimba lakhe alihlelekile. 

Siyisizwe sisenkingeni, kuningi esibhekene nako. Nokushintshwa kongqongqoshe kwenza ukuthi singahlaliseki kahle ngoba wonke ungqongqoshe ongenayo uza nendlela yakhe entsha yokwenza izinto nendlela yakhe yokucabanga.

Isikhathi esikusona siyisizwe asisadingi abantu abeza nezinhloso zabo kodwa sidinga ukuthi abantu abakhethwayo beze nezisombululo ezidingwa ngabantu baseNingizimu Afrika. Izwe lilimele, abantu bakithi bayopha. Isimo sempilo simanzonzo ezweni lonke abantu abasenanhliziyo.

Luningi ushintsho ebesithembe ukuthi uRamaphosa uzoza nalo kodwa kwacaca nje ukuthi inhloso yokushintsha ongqongqoshe bekuwukujabulisa iqeqebana lalabo akade bemeseka kwipolitiki nokuhlala kwakhe esikhundleni sokuba wumengameli weqembu elibusayo. Uma ubabheka bonke lababantu abafake ezikhundleni uyazibonela nje ukuthi yinganekwane yodwa le, siyizwe ngeke siye ndawo. 

Akubanga khona guquko laphaya emNyangweni wamaBhizinisi amancane, oseloku kwathi nhlo ungqongqoshe okhona ayikho into etheni aseke ayenza noma aqhamuka nayo. 

Kuningi okumele sikushintshe ukuze siphumelele njengezwe, ikakhulukazi ukusimamisa umnotho wezwe. Uma ubheka uyabona nje sengathi uhulumeni wethu uzimisele impela ukufaka abantu abangazi lutho kuzo zonke izikhundla. Loku kulimaza izwe nomnotho wezwe.

Nabantu abathenjiwe ukwenza impilo yabantu ibe ngcono noma basizakale emabhizinisini abasebenza ezinkampanini ezifana neNational Lotteries Commission neKwaZulu-Natal Growth Fund, yibo kanye abadicilela phansi imizamo kahulumeni yokusiza abantula imali yokuqhubekela phambili. Benza lezi zikhungo zibe wumhume wabaphangi lapho noma ubani ezixephulela khona emkhomeni.

Sisenkingeni siyisizwe. Akasekho nje umuntu ononembeza ofuna ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele ngaphandle kokuthola intshontsho. Akasekho nje umuntu ofuna ukuholela umsebenzi awuqashelwe kuphela. Bonke abantu sebefuna ukuholelwa okungaphezu kwabakutholayo ukwenza umsebenzi wabo. 

Kanti sizophelela kuphi siyisizwe? Siyakuphi uma isimo sinje? Siyobiza bani asabele kuphi ukuze kulunge  izinto?

Ukuhlala kuleli zwe kuvele kulethe ukhwantalala nje usacabanga isimo esiphila ngaphansi kwaso. Ngisho sekunezinkomba zokuthi izwe lethu alenzi kahle njengoba selifakwe ohlwini lamazwe athathwa ngokuthi kukhona angakwenzi kahle ukugwema ukushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekulazikhuni, phecelezi i-grey list, kodwa nalapho abaholi bethu ababoni ukuthi sekonakele, basaqhubeka nokudlala imidlalo nepolitiki. 

Mhlawumbe lesi yisikhathi sokuthi siyizakhamuzi sisukume sizibambele mathupha ngoba ebesibathembe ngezimpilo zethu badlala ngazo.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page