Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sixoxa noLwazi ‘uMlwazet’ Mdladla, umsakazi nophrojusa we-Afternoon Experience Drive kwiVIBE FM, umphathi wohlelo emicimbini, umsunguli weBavundulule Awards nomsunguli Still Alive Festival

 Usemncane wawuphiwa imali?

Ngangingaphiwa imali kodwa ngangiyisebenzela. Kwakumele kubekhona engikwenzayo ukuze ngithole imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2011 ngisekolishi, ngavula i-student account yaseNedbank ngoba kwasekuqala ukuba nezimali ezingenayo khona (ngisekolishi).

Yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali ekukhuleni kwakho?

Ngafunda ukuthi imali ukuze ukwazi ukuyiphatha kahle kumele uyisebenzele ngoba imali oyiphiwe ugcina usuyisebenzisa budlabha.

Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza ngonyaka olandelayo ngiqeda sikole. (Ngaqeda) uMatikuletsheni ngo-2008, ngase ngiqala ukubamba amatoho ngo-2009. Ngangihola uR70 ngosuku ngisebenza eJimmy’s Prawns eMhlanga.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawupha umkhulu, ugogo nomama, ngashiya encane yokugibela.

Yini into enhle owake wayenza ngemali?

Wukulungisa ekhaya lapho ngakhulela khona KwaMashu, kwaD. Namanje ngisakhomba ngingesabi.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukufakela imali umuntu engingakaze ngimbone. Ngangizoba nomcimbi wamaciko omkhulu ngo-2015 omkhulu epaki. (Kwashaya ucingo) umuntu wathi uzongisiza ngesteji nomsindo kodwa ucela ngikhokhele iloli elizokuletha uR800. Wacela ngiwufake eShoprite. (Kwathi) sengiwufakile sengimshayela ucingo, angisamtholi. Yagqwamba kanjalo imali. Emva kwaleso sigameko, sengiyacophelela manje ngaphambi kokufakela umuntu imali. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Yebo, ngake ngawudlala uMMM, wahamba nesamba semali yami.

Yisiphi iseluleko esihle owake wasithola ngemali?

Uma ungumuntu kubalulekile ukuba nemithombo eminingi yemali engenayo, ubenamabhizinisi ehlukene, ube nezindlela zokwenza imali eziningi, ungakhangezi endaweni eyodwa.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Kubalulekile ukuthi kubekhona imali eningi engenayo kunephumayo, yingakho uma ngingase ngiwine uR1 million ngingenza into ezongingenisela imali njengesakhiwo noma ngakhe izindlu zokuqashisa ngoba lona liyibhizinisi elingenawo umsindo nombango.

Ungabeluleka uthini abasembonini okuyona ngokuphatha imali?

Kubalulekile ukucabangalela ikusasa, ungacabangeli imanje. Kungathi ima uthole imali uyidle yonke, kungabi noyibekayo. Kubuhlungu ukubona umuntu obephila kamnandi kodwa uma eseshonile kuhanjwe kucelwa ukuhlanganisela ukuze angcatshwe, ngakho-ke ukutshala imali kubalulekile kakhulu futhi ujabulele imali engenayo kunephumayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page