Osamabhizinisi baboleke uR900m ukuzama ukuvuselela amabhizinisi ashaywe yiCOVID-19 Isithombe: yiFreepik

Kumqoka kakhulu kunakuqala ukweseka amabhizinisi asafufusa, kusho owasebhange. USLINDILE KHANYILE uyabika 

AMABHANGE amabili kwamakhulu eNingizimu Afrika aboleke osomabhizinisi futhi asiza namanye amakhasimende awo ngemali ecela kuR900 million ukuze akwazi ukumelana nezinselelo eziqhamuke ngenxa yeCOVID-19. 

Athi amagange ukuba yingxenye yohlelo lokulekelela abantu bathole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.  

Ngemva kokubheduka kohubhane ngo-2020, uhulumeni wamemezela uhlelo i-Bounce-back Scheme, aluhlinzeka ngoR200 billion ukulekelela amabhizinisi ukuthi avuke azithathe.

Isikhulu esiphezulu seFNB Commercial uMnu uGordon Little sithi sebebolekise ngoR870 million emabhizinisini asebenzise lolu hlelo. 

Sithi: “Amabhizinisi amaningi amancane ayawa emva kweminyaka emibili ngoba awakuqondi ukuphatha imali futhi awabi nemali eyanele engenayo ukuze abhekisise izindleko zawo.

“Mkhulu umsebenzi okufanele siwenze ukunakekela amabhizinisi asafufusa. Kubaluleke kakhulu kunakuqala ukuthi amabhizinisi amancane akhule, avule imisebenzi kanti siphokophele ukuthi sibe yibhange elaziwa ngokuthi kulula ukuthola usizo kulo.”

Kule mali iFNB ebolekise ngayo, uR260m uye emabhizinisini aphethwe ngabantu besifazane. 

U-Little uthe basazobonisana nohulumeni ukuthi lolu hlelo luzokwenzeka yini kanyekanye noselwethuliwe lokusiza abantu bakwazi ukufaka ingqalasizinda kagesi ongaphehlwa ngamalahle.

Okhulumela i-Absa uthi babezibophezele kwi-Bounce-back Scheme ukuze basize amakhasimende abo kodwa iningi lamakhasimende abo lalingekho klamuklamu ukwandisa izikweletu elinazo futhi ngoba kwase kuvele kunezinye izindlela abebawasiza ngazo. 

“Eminyakeni embalwa edlule sethule izindlela eziningi zokusiza amakhasimende ethu ngesikhathi sobhubhane okufaka nohlelo lokuvumela amakhasimende ukuthi ahlabe ikhefu ukukhokhela ezinye izikweletu zawo isikhashanyana, usizo olwaluthinta izikweletu eziwuR28bn. Lokiu kuwasizile amakhasimende ethu ngezidingo zemali ngenkathi izwe livaliwe,” kusho umkhulumeli we-Absa. 

Leli bhange lithe lizoba yingxenye yohlelo olusha olumenyezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari oluhlose ukusiza abantu abahlushwa yinkinga yokushoda kukagesi.

Kusukela ngoMashi amabhizinisi azoshintshela kugesi ophehlwa ngelanga azoncishiselwa intela abanjelwa yona ngo-125% wemali azoyikhokhela loku. 

Abantu abazofaka ama-solar panel emizini yabo bazobuyiselwa u-25% wemali abayikhokhile kodwa engeke yeqe kuR15 000. 

Lokhu bangakwenza ukunciphisa intela abayikhokhayo ngo-2023/24 kanti wusizo oluzoba khona unyaka owodwa.

Okhulumela iNedbank uthi babengeyona ingxenye ye-Bounce back Scheme kepha bazolibamba iqhaza kulolu hlelo lukagesi njengokwezingxoxo zeBanking Association of South Africa nomNyango wezeziMali.

Uthe amathimba abo ahlinzeka ngezikweletu asabheka ukuthi yini enye angayenza futhi azame ukuhlunga amakhasimende afanele ukubolekwa imali ukuze awaseke.
AbaseStandard Bank abazange bayiphendule imibuzo abayithunyelelwe wuMbele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page