Ibambe ngakho ngohlelo lwamabhizinisi ezikhungweni zemfundo ephakeme, kuloba uNtokozo Biyela
KULE ngosi ngithanda sixoxe ngokuhle okwenziwa ngamanyuvesi, ikakhulukazi iNyuvesi yakwaZulu-Natali.
I-UKZN InQubate Enspire wuhlelo oluthatha isonto lokuqeqesha abafundi bale nyuvesi ngamabhizinisi noma ngabe bafunda kuluphi uphiko akukhathaleki ukuthi bafundela muphi umkhakha.
Loku kuthembisa kakhulu uma ubhekisisa ngoba uyabona ukuthi le nyuvesi ingenye yasebonile ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi zonke izitshudeni ezifunda kule nyuvesi kube khona ulwazi ezilutholayo ngamabhizinisi ngaphezu kwalezo zifundo ezisuke zizibhalisele.
Ngibe omunye wabaqeqeshi abacelwe ukuthi bazoqeqesha izitshudeni ezicela kwikhulu. Lapha besikhuluma ngezihloko ezihlukene ezingokusungula ibhizinisi nokuthi yimuphi umehluko phakathi kwe-entrepreneur nosomabhizinisi. Loku kubalulekile ngoba baningi abangawazi umehluko.
Kubalulekile loko ngoba uma bheka abafundi abaningi bavela emikhakheni eyahlukene lapho bengakaze bafundiswe ngokuthi ubona ngani ukuthi wena uqobo unezimpawu zokuba i-entrepreneur nanokuthi yini eyenza umuntu abe i-entrepreneur.
Ziningi izimpawu ezenza umuntu azibone ukuthi uyi-entrepreneur, mhlawumbe nawe mfundi ezingakusiza ukuthi ukwazi ukuzibona nawe ungena ngaphansi kwalolu hlobo lwabantu okufanele babewosomabhizinisi.
Okokuqala ukuthi uwumuntu othanda ukuza nezisombululo zezinkinga ozibonayo ezingakwenzela imali, kulandele ukuthi uwumuntu ongathandi ukuqashwa kodwa uthanda ukuvulela abanye abantu amathuba omsebenzi, ukuthanda ukuba umuntu obona amathuba athile ezintweni eziningi lapho abanye bengawaboni khona, ukuba umuntu ongathandi ukuphathwa njalo utshelwe ukuthi yini okufanele uyenze, yini futhi okungafanele uyenze.
Sibuye saxoxa ngesihloko i-Design Thinking. Lesi isihloko engake ngasibalula kwenye yezingosi ezedlule. I-Design Thinking wuhlobo olusha olwenza amabhizinisi enze izinto ngendlela ehlukile uma enza imikhiqizo yamakhasimendeni.
Kuqala izinkampani zazenza imikhiqizo ngaphandle kokubheka noma ukuthola ulwazi kubathengi ukuthi yini abayidingayo kahle-hle. Ngakho-ke konke obekwenziwa bekuhlawumbiselwa nje ukuthi yini okungase kwenzeke ukuthi idingwa ngabathengi.
I-Design Thinking yenza ukuthi zonke izinkampani zenze ucwaningo olunzulu ekutheni yini ethandwa nefiswa amakhasimende abawenzela lolo hlobo lomkhiqizo kanti futhi abathengi balufuna kanjani. Loku kusho ukuthi noma yiluphi uhlobo lomkhiqizo noma izinsiza inkampani eza nazo zisuke zihlolisisiwe yinkampani ibambisene nabathengi ngaphambi kokusabalalisa umkhiqizo emakethe.
Sibe sesibheka nokuthi hloboluni lobuholi, noma lomholi, olulindeleke kumuntu ofuna ukuba usomabhizinisi. Okubalulekile kunako konke wukuthi wena qobo ukwazi ukuzihola nje uwedwa. Loku kusho ukuthi kufanele ube wumuntu ogcina isikhathi. Ukugcina isikhathi kubalulekile uma uwusomabhizinisi. Loko kusho ukuthi wena njengomuntu uyazihlonipha kanti futhi uhlonipha ngisho nabantu osebenza nabo. Kubalulekile ukugcina isikhathi.
Sibe sesikhuluma nangokuthi kubaluleke ngani ukwenza isiqiniseko sokuthi emkhakheni ongene kuwona ulandela imigudu efanele ukusungula ibhizinisi. Ibhizinisi nebhizinisi lunemigudu ehlukene okufanele ukuthi uma ungena kuyona uyilandele. Kubaluleke ngani futhi ukuthi ibhizinisi lakho libhaliswe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika nokuthi yimiphi imigomo ebalulekile okufanele wonke usomabhizinisi eNingizimu Afrika ayilandele njengokukhokha intela, ukuthelela ibhizinisi lakho, lapho ofanele ulithelele khona kuya ngokuthi ukhethe muphi umkhakha.
Kuyangijabulisa ukubona ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme sezivuleka amehlo ekutheni zihlinzeke izitshudeni zazo ngezifundo zokuqonda ukusebenza nokuphatha ibhizinisi emikhakheni ehlukene.
Loku kunika ithemba lokuthi izitshueni ngeke ziqede izifundo bese zihlala emakhaya zingenzi lutho ngoba naku zithi umsebenzi awukho kodwa manje sezizokwazi ukusukuma ziziqalele amabhizinisi.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
