Ugesi nemigwaqo yiwona mgogodla wokusimama kwamabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela
LELI sonto lilandela lelo uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ethule ngalo iNkulumo eBhekiswe esiFundazweni.
Ngizinike ithuba ngayifunda inkulumo kaNdunankulu, kwazise ngangingalitholanga ithuba lokumlalela ngesonto elidlule.
Ngaphandle kwezidubedube ze-Economic Freedom Fighters ezenzeka ngenkathi kwethulwa le nkulumo, okuyinto esijwayelekile, akukho okutheni ongathi mhlawumbe kwavusa usinga enkulumweni kaNkk UDube-Ncube.
Namanje ngisasho ngithi uma siyizwe, noma isifundazwe, sihluleka ukulungisa inkinga kagesi ukuze bonke abantu baseNingizimu Afrika babe nawo ngendlela efanele futhi silungise imigwaqo yethu ibe sesimweni esenelisayo ukuze izimpahla esizikhiqizayo zihambe ngendlela efanele, yonke eminye imizamo esiyizamayo ukufukula umnotho iyize leze.
Ugesi nemigwaqo esebenza kahle yokuthutha izimpahla yiwona mgogodla wanoma yiliphi izwe.
Uma kuwukuthi izwe alinawo amandla kagesi enele ukuze osomabhizinisi bakwazi ukukhiqiza noma ukwenza imisibenzi yabo ngamabhizinisi abo, loko kuphazamisa amabhizinisi nomnotho wezwe.
Sibona mihla namalanga ukuthi izinkampani ezincane nezinkulu zidiliza izisebenzi ngenxa yokuthi izinkampani azisakwazi ukusebenza kahle ngenxa yokucishwa kukagesi.
Ezinye izinkampani zinejoka lokukhokha ngokweqile uma kuziwa kugesi ngoba sezisebenzisa ama-generator ukuze ziqhubeke nomsebenzi. Loku kusho ukuthi imali obekufanele ngabe iba inzuzo iphelela kudizili.
Uma uthatha ukubheka uma kuhamba isikhathi kuloku kuqhubeka, alikho ibhizinisi elingakwazi ukuthwala lelo joka isikhathi eside, liphinde lisimame. Yingakho amanye amabhizinisi ekhetha ukuvala iminyango yawo ngoba kusuke kungasewona umqondo ophusile ukuthi ibhizinisi liqhubeke lisebenze kodwa libe lingenzi nzuzo.
Siyazi sonke ukuthi ukuhweba kosomabhizinisi ezindaweni eziningi nakwamanye amazwe kulele ekusatshalalisweni kwemikhiqizo eminingi kusetshenziswa imigwaqo yezwe. Eminyakeni edlule sibonile ukushabalala kancane kancane kokuthuthwa kwezimpahla ngezitimela namaguzu. Ingqalasizinda yezitimela icekelwa phansi mihla namalanga. Loku kuphoqa ukuthi izimpahla eziningi eziphumayo nezingenayo ezweni zithuthwe ngamaloli.
Loku-ke akubanga namphumela omuhle emigwaqweni yaKwaZulu-Natali. Sibone kwanda izingozi zamaloli kwalimala imigwaqo ngoba empeleni yayingahlelelwe ukumumatha inani elikhulu lamaloli esesiwabona emigwaqweni yakulesi sifundazwe.
Uma nje ubheka amaloli abheke eRichards Bay, uzobona ukuthi inani lawo linyukile kakhulu kangangokuthi aseqala ukuba yinkinga emigwaqweni; asephazamisa ngisho izimoto.
Uma izimpahla zingakwazi ukuhamba ngendlela efanele, loko kulimaza umnotho wezwe ngezindlela eziningi. Loku akusiniki isiqiniseko njengosomabhizinisi sokuthi sizokhula futhi akuniki abathengi bakuleli zwe ithemba lokuthi izimpahla abazidingayo bazozithola ngesikhathi bezidinga uma bezifuna. Yingakho-ke ugesi nemigwaqo ibaluleke ngendlela enkulu emnothweni wezwe.
Uma ngifunda inkululumo kaNkk uDube-Ncube angitholanga olutheni oluhlukile ngokulungisa ngesivinini lez izinto ezimbili, ngaphandle kokusho ukuthi kuzopheshwa amakhilomitha angatheni eminye yemigwaqo esifundazweni.
Ngaphezu kokungahambi kahle komnotho nokushayeka kwamabhizinisi siyizikhamizi sizithola sibhekene nenkinga entsha yokuthenga amathayi amasha mihla namalanga, ngoba alipheli isonto noma inyanga umshayeli engaqhunyelwanga yisondo noma alinyalelwe yi-rim.
Angizange futhi ngibone olutheni ngezinsiza zosomabhizinisi abancane; ngaphandle nje kweculo elilodwa eliculwa mihla namalanga. Asazi iyozala nkomoni, nanka amehlo akake umbombo.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
