Asibheke amathuba esingawathola njengoba kunenkinga kagesi, kuloba uNtokozo Biyela
KULE ngosi ngifisa sibheke isimo esingesihle esizithola kuso eNingizimu Afrika. Minyaka yonke kunezinkampani eziningi ezidiliza izisebenzi.
Ngesonto elidlule ngibalule ukuthi iPosi lisezinhlelweni zokudiliza izisebenzi eziwu-6 000 kodwa okwamanje lizoqala ngeziwu-3 000. Lesi sibalo sikhulu kakhulu.
Siyazi futhi nokuthi izinkampani eziningi zikahulumeni kudala zadiliza izisebenzi kanti zisazoqhubeka ukudiliza. Loku kwenza isimo somnotho ezweni singabi sihle futhi kwenza sinciphe isibalo sabantu abakhokhela iSouth African Revenue Service (iSars) intela.
Loku kusho ukuthi umNyango wezeziMali ngeke ube nemali eyanele ukwabela omasipala ukuze balethe intuthuko. Kusho ukuthi futhi abathembele kuhulumeni ukukhulisa amabhizinisi bazobhekana nenkinga yokungakhokhelwa.
Ngaphezu kwazo zonke lezi zinkinga esibhekene nazo siyizwe, naku nokucinywa kukagesi kulimaza umnotho ngendlela engakaze ibonakale. Lesi simo esizithola sikusona silimaza umqondo ngoba manje sizithola sithuka izanya nje singazi ukuthi kufanele sithatheni sihlanganise nani.
Angiyena umuntu ovame ukuqaphela ukuthi ucishwa izikhawu ezingaki ugesi lapho ngihlala khona. Ngiye ngithuke sengibona ugesi uhamba ngingazelele, ngivele ngidinwe ngoba ngisuke ngingalindele. NgoMsombuluko nje ugesi uhambe izikhawu ezintathu. Loku kuyawuxova umoya wami. Ngiyabona sekufanele njalo uma ngivuka ngibheke ukuthi ugesi uzohamba nini ukuze ngihlele kahle usuku lwami.
NgoMsombuluko ngibone kahle ukuthi kulukhuni kanjani ukusebenza uma ugesi ungekho. Awukwazi nokushaya ucingo noma ukubanomhlangano ngobuchwepheshe ngoba i-network isuke ingeyinhle kahle.
Awukwazi ngisho ukubheka izindaba ezisematheni ngoba uma i-network icikizela kusho ukuthi izinkundla zokuxhumana azisebenzi kahle nazo. Kuvele kuphithane ikhanda nje.
Kuye kuthiwe njalo uma kunenhlekelele, kunethuba lokwenza imali. Yingakho sibona sekunabantu abaqhamuka nemikhiqizo eyenza ukuthi abantu bakwazi ukuqhubeka namabhizinisi abo noma umsebenzi abawenzayo ngisho ugesi uhambile.
Yingakho nami ngithanda njalo ukugqugquzela abasafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi babheke ukuthi hlobo luni lwebhizinisi abangaluqala oluzolethela abantu baseNingizimu Afrika isisombululo kulesi simo esikusona.
Kuyajabulisa ukubona abanye abantu, ikakhulukazi intsha, sebezivulele amaYouTube channel abo lapho benza khona izinto ezihlukene ukuqoqa izindaba noma ukukhombisa amakhono abanawo asebezitholela amasenti ngawo.
Abanye basebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana noFacebook, u-Instagram noTiktok.
Ngiyafisa sengathi imiphakathi eminingi ingangakuxwaya ukusebenzisa ubuchwepheshe ukusombulula ezinye zezinkinga enazo. Siyabona ikakhulukazi ukuthi imiphakathi yabelungu ibusebenzisa kakhulu ubuchwepheshe ukuqeda ubugebengu nokusabalalisa imilayezo ephuthumayo.
Ngeke sikubalekele ukuthi isikhathi esikuso, nalapho siya khona zidinga ukuthi sisebenzise ubuchwepheshe kakhulu, ngakho njengoba ngake ngasho kwenye yezingosi ezindala ngathi wonke amabhizinisi kufanele enze imizamo yokufaka ubuchwepheshe ezinhlakeni zebhizinisi ukuze kube lula ukwenza umsebenzi.
Ziningi futhi ezinye izingqinamba esibhekana nazo siwumphakathi uma sidinga izinsiza kuhulumeni. Uke ubone ukuthi ezikhungweni eziningi zikahulumeni kusenolayini abade babantu abazofuna usizo.
Akufanele kube njalo. Yinto edinga ukuqedwa le. Isisombululo silele kithina bosomabhizinisi. Yithina okufanele senze ubuxhakaxhaka bobuchwepheshe obuzokwenza kungabi nolayini emitholampilo, kwandabazabantu njengoba iSars yenzile ezikhungweni zayo.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
