UKhomishana weKhomishini yokuNcintisana uNks uDoris Tshepe, ezophenya ngezinto ezinqinda ukuncintisana ngamaveji nezithelo Izithombe: Zithunyelwe

IKhomishini yokuNcintisana izofakela izibuko ukusebenza kwabalimi bamaveji nezithelo eyokuvaleleka ngaphandle kwabalimi abancane. WUSLINDILE KHANYILE

LUYAQALA ngoLwesihlanu uphenyo lweKhomishini yokuNcintisana oluzobheka imboni yezolimo olugxile kumaveji nezithelo ukubheka ukuthi azikho yini izinto ezingqinda ukuncintisana. 

Lolu phenyo olubizwa ngeFresh Produce Market Inquiry (iFPMI) lwethulwe ngokusemthethweni eTshwane, eGauteng, ngesonto elidlule. 

Imigomo ezolandelwa yamenyezelwa ngenyanga edlule ngokwesigaba 43B somThetho wokuNcintisana 89 owashicilelwa ngo-1998.  

UKhomishana uNks uDoris Tshepe uthe: “Kusuka ngo-2008, mboni yokudla nokugaya imikhiqizo yezolimo iloku iseqhulwini kwikhomishini ngenxa yokuthi inesandla esikhulu emnothweni futhi inamandla okwenza wonke umuntu abambe iqhaza ekukhuliseni umnotho. Yingakho iKhomishini isebenzisa iFPMI izimisele ukuphenya yonke into ethinta ukukhiqiza amaveji nezithelo ukuze iqonde ukuthi kusetshenzwa kanjani kanjalo nezinto okungenzeka ukuthi zinqinda ukuncintisana nokubamba iqhaza kwabanye abantu.” 

Lolu phenyo luzogxila ezingxenyeni ezihlukene zale mboni, okufaka ukudayisa umkhiqizo usuka kumlimi uya ekhasimendeni (okungaba yisitolo sokudla, abawugayayo nokuwudayisela amanye amazwe). 

Ikhomishini izobheka ukuthi isebenza kahle yini imboni kubhekwe nezindawo okusetshenzelwa kuzona, izinto ezisetshenziswayo nokuthi zibathinta kanjani abalimi nezinto ezinqinda ukuthi abantu bangene kule mboni, bakhule futhi babambe iqhaza.

IPhini likaKhomishana wokuNcintisana uMnu uHardin Ratshisusu lithe uma zikhona izinto ezivelayo, lolu phenyo luzokwenza iziphakamiso ngezinto ezingenziwa ukuphucula ukuncintisana nokulekelela ukuthi abantu bonke babambe iqhaza kahle ukuze kuhlomule abathengi. 

URatshisusu, iphini likaKhomishana wokuNcintisana

Uphenyo luzogxila kumaveji nezithelo ezihlanganisa u-70% womkhiqizo. Izithelo kuzoba ama-aphula, umndeni wama-orintshi, ubhanana, iganandoda namagrebhisi. Amaveji kuzoba amazambane, u-anyanisi, ukherothi, iklabishi, utamatisi nespinashi. 

Umlimi uMnu uZithulele Mdadane weHlumakahle Agriculture uthe lolu wuphenyo okufanele ngabe kade lwenziwa. Nokho uthe akanaso isiqiniseko sokuthi iziphakamiso ezizoqhamuka kulona zizosiza yini. 

“Abalimi, ikakhulukazi abancane, abakwazi ukuncintisana futhi abavikelwa yiminyango kahulumeni efanele. Amanani awalawulwa, ukuba nohlonze komkhiqizo neminye imigomo yokuqinisekisa ukuthi ukudla kuphephile ayilandelwa. Abakhiqizi abakhulu baphula cishe yonke imithetho okufanele yenze ukuthi kuncintiswane kahle ngokuvumelana ngamanani nokufuhlela umkhiqizo ongekho ezingeni uma kusuke kungesona isikhathi salowo mkhiqizo. 

“Bengingathanda uma ikhomishini ibingabheka nokuthi ukucima kukagesi kunamphumela muni enzuzweni nasekutheni amabhizinisi ezolimo akwazi ukusebenza kahle. Ngisishayela ihlombe isinqumo seKhomishini kodwa ngibuye nganeno,” kusho yena. 

Ngo-2006 kuya ku-2007 ikhomishini yaqhumisa isitswebu ezinkampani ezidayisa isinkwa njengoba kwavela ukuthi ziyahlangana ngokubizisa isinkwa, okwagcina kuwehlisile amanani. 

Amanani okudla anesandla esikhulu ekunyukeni kokwehla kwamandla emali. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule ziveze ukuthi ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-7.0% ngoFebhuwari. Kusukela ngonyaka odlule amanani okudla anyuke ngo-13.6%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page