Zibambe ziqine somabhizinisi, kusazoshuba esimweni somnotho wezwe, kuloba uNtokozo Biyela
MFUNDI wale ngosi ngiyethemba uphephile emva kwesiteleka ebesingoMsombuluko. Kuyacaca ukuthi siyizwe sesifike esikhathini lapho singeke sisakwazi ukubekezelela ubunzima nengcindezi esiphila nako.
Yingakho kunabantu abasukume babamba iqhaza esitelekeni ukuzwakalisa ilaka labo.
Kepha ngithanda sibheke ingxenye yezamabhizinisi thina ngoba le ngosi imayelana nawo, kodwa-ke ngake ngashoq ukuthi ibhizinisi nepolitiki kuyahambisana. Ngomsombuluko sibone izindawo eziningi emadolobheni amaningi zivala thaqa. Yini eyenze loku na?
Amabhizinisi amaningi afunda isifundo ngezehlo zango-2021 ngenkathi kunezidubedube zikamazitapele KwaZulu-Natali ukuthi uma bezohlala bangayishayi ndiva indaba yesiteleka ebesihlongozwa bangaba sengcupheni yokulinyalelwa ngamabhizinisi nezimpahla zabo.
Ukutatshwa kwezimpahla ezitolo eziningi eKZN kwashiya abaningi besele dengwane bengasenayo imisebenzi futhi bengasenazo izindawo lapho bengakwazi ukuthola izinto abazidingayo emphakathini. Yilesi sizathu esenze ukuthi osomabhizinisi abaningi bathathe isinqumo sokuvala amabhizinisi abo.
Abadayisa izimoto bakhethe ukuzisusa bayozifihla ezindaweni lapho ababhikishi bengeke bafinyelele khona. Yingakho sibone kushaya umoya emabhizinisini adayisa izimoto.
Amanye amabhizinisi aqinise ezokuphepha ngokuqasha izinkampani zonogada ukuthi zizoqapha amabhiziniisi abo ngoba bona bengeke bakwazi ukususa izimpahla bayozibeka kwenye indawo.
Ezinye izisebenzi azikwazanga ukuya emsebenzini ngoba bezingenayo indlela yokuya emsebenzini ngoba kunezindawo lapho amabhasi namatekisi abengahambi khona. Eminye imigwaqo ibivalwe ngamatshe namathayi avuthayo.
Osomabhizinisi nezisebenzi balahlekelwe ngalesi siteleka. Amabhizinisi alahlekelwe ngenxa yokuthi awakwazanga ukuhweba njengenhlalayenza, kanti izisebenzi zilahlekelwe ngenxa yokuthi amabhizinisi amaningi ngeke alukhokhele lolu suku ngoba belungelona iholidi. Yebo, kungaba wusuku olulodwa vo kodwa kuzozwela ekupheleni kwenyanga uma amabhizinisi esebala imali ayingenisile. Ziningi izisebenzi ezingeke ziyithole imiholo ephelele, kwazise izolo kade kuyiholidi futhi, ngakho-ke izinkampani eziningi ngeke zikwazi ukuhweba.
Izimboni bezimile nse ngoba miningi imikhiqizo ebingakwazi ukunyakaza njengoba bekungahambi loli, kungahambi sitimela, kungahambi bhasi, kungahambi tekisi kwezinye izindawo. Emachwebeni amakhulu bekuthule nakhona kungangeni mikhiqizo evela phesheya futhi kungaphumi mkhiqizo oya phesheya.
Sisazozwa emasontweni azayo ukuthi ngabe ingakanani imali elahlekile ngenxa yalolu suku uma sibheka umnotho waleli zwe. Kungenzeka ukuthi amanye amabhizinisi aphoqwe ukuthi avale ngoMsombuluko bese kungamabhizinisi angamile kahle kanti loku kuvala kushayela isipikili sokugcina kuwona. Ngeke esakwazi ukuqhubeka ngenyanga ezayo.
Uma ngibheka nje, anginalo ithemba lokuthi lesi bekuyisiteleka sokugcina sisibona siyiNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi ziningi iziteleka ezinje ezisazokwenzeka ngoba angiboni izinto zishintsha maduze ngaphambi kokuthi siyizwe sifike ku-2024, lapho sizoba nokhetho izwe lonke.
Okwamanje kusafanele sizibambe ziqine ngoba kusazoshuba. Izwe alikakabi sesimweni lapho sithi khona wonke umuntu wenelisekile ngezinto ezenzekayo.
Ngithi-ke kuwena somabhizinisi zibambe ziqine; lezi zinyanga eziwu-12 ezizayo zisazoba wumqansa. Zama ukubeka okuthile eceleni ukuze uma leso sikhathi sendlala sifika wazi ukuthi uphephile.
- UBiyela umeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
