I-Std Bank ingenise inzuzo ewuR22bn
YINTATHELI YOMBELE
I-STANDARD Bank ishicilele izolo imiphumela yayo yohhafu wokuqala wonyaka u-2024 etshengise ukuthi inzuzo eyingenisile ikhule ngo-4% yafinyelela ku-R22.0 billion.
Leli bhange, okuyilona elikhulu kunawo wonke amabhange e-Afrika ngenxa yezimpahla elinazo ezilingenisela imali, lithe isibalo samakhasimende alo asaqhubeka nokulisebenzisa sinyuke ngo-5% safinyelela ku-19.5 million.
Amakhasimende asebenzisa ubuchwepheshe baleli bhange eNingizimu Afrika akhuphuke ngo-7%. U-41% wenzuzo uqhamuke kwamanye amazwe elisebenzela kuwona e-Afrika, lapho amazwe okuyiwona ahambe phambili kubalwa i-Angola, iGhana, iKenya, iMauritius, iMozambique, iNigeria, i-Uganda neZambia.
Isikhulu esiphezulu eStandard Bank uMnu uSim Tshabalala sithe: “Indlela esenze ngayo kungenxa yokukhula kophiko lwethu lwamabhange nokukhula kwemali engeniswa ngamabhizinisi ethu omshwalense nangamela izimpahla ezingenisa imali. Ukukhula kwenzuzo eNingizimu Afrika kusekwe wukuphucula esikwenzayo endleleni esibolekisa ngayo… sizibophezele ukuqhubeka sisebenzise amathuba akhona ezwekazini ukuze sikhule futhi nesisebenzisana nabo bayibone into abayenzayo.”
Leli lithe ihlanganise uR21bn wemali ezobheka ukuxhasa izinhlelo ezinakekela imvelo nezinye ezihambisana nalowo msebenzi, phecelezi i-sustainable finance, ngesigamu sokuqala sango-2024. Ihlose ukuhlanganisa uR250bn ngo-2026.
Liphawula ngelikulindele emnothweni, leli bhange lithe libheke ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, kuthi ngonyaka ozayo ukhule ngo-1.8%. Emazweni ase-sub-Saharan Africa, lapho leli bhange lisebenzela khona (ngaphandle kweNingizimu Afrika), lilindele ukuthi umnotho ukhule ngaphezu kwango-4%.