Izokwehla nakanjani imalimboleko – ongoti
WUSLINDILE KHANYILE
AQINILE amathemba okuthi iBhange loMbuso lingahle linciphise imalimboleko uma selihlangana ngenyanga ezayo njengoba ukwehla kwamandla emali kufinyelele lapho leli bhange lifisa khona.
Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa izolo zitshengise ukuthi ukwehla kwamandla emali kubengcono njengoba kufinyelele ku-4.6% ngoJulayi, kusuka ku-5.1% ngoJuni.
Nokho-ke i-core inflation, lapho kusuke kubhekwa khona amandla emali kodwa kungabalwa ukudla nogesi, khona kube wu-4.5% nokuyiyo ngqo indawo ebifunwa yiBhange loMbuso. INingizimu Afrika izibekele ukuthi ukwehla kwamandla emali kufanele kuhlale kuphakathi kuka-3% no-6% kodwa indawo eyenza iBhange loMbuso likhuleleke yilena ephakathi nendawo.
“Emva kokuma phakathi kuka-5% no-6% izinyanga eziwu-10, ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kube wu-4.6% ngoJulayi kusuka ku-5.1% ngoJuni. Yikona okuphansi kakhulu eminyakeni emithathu njengoba ngoJulayi wango-2021 nakhona kwakumi ku-4.6%. Kunezimpahla eziningi ezinciphile kulo nyaka odlule, ikakhulukazi ezingaphansi kokudla neziphuzo ezingenatshwala, ezokuthutha, ezezindlu nezidingo ezihlinzekwa womasipala,” kusho iStats SA.
Umhlaziyi womnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe lezi zibalo zayizolo zisendaweni iBhange loMbuso elikhululekayo kuyona, nokusho ukuthi kufanele liqale lehlise imalimboleko ngenyanga ezayo.
“Bayathanda abathandi kuzofanele baqale bayehlise imalimboleko, isuke ku-8.25%. Ukuthi bayehlisa ngokungakanani, okwabo loko kodwa yona izokwehla. Uma kukhona ongiphikisayo, singabeka imali, eze uma kungenzekangaka, azolanda imali yakhe.
“Zizoncipha izindleko zokuphila kubantu ngoba abantu bebengasakwazi ukuphefumula,” kusho uDumisa.

USolwazi uBonke Dumisa uthi abathengi bazophefumula
Imalimboleko, phecelezi i-repo rate, yizinga lenzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange uma liwaboleka imali. I-prime rate, izinga lenzalo amabhange awakhokhisa abathengi uma beboleka imali, lihlale lingaphezu kwe-repo rate. Manje limi ku-11. 75%.
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ngoJulayi zehlele ku-4.6% uma kuqhathaniswa noJulayi wangonyaka odlule, kanti yinto lena ebonakala iloku iqhubeka kusukela egcina ukuba phezulu ngesikhathi emi ku-9.0% ngoNovemba wango-2023.
“Yilona zinga eliphansi kunawo wonke kusukela ngoSepthemba wango-2020 lapho lalifinyelele khona ku-3.8%,” kusho iStats SA.
Yize amanani okudla ewonke encipha kodwa awesinkwa nama-cereal ayakhuphuka. Uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, loku kudla kunyuke ngo-5.6% ngoJulayi, kusuka ku-5.2% ngoJuni.
Ukudla okukhuphuke kakhulu ngoJulayi yi-rice (ngo-21.3%), i-pizza nophaya (ngo-111.6%) nesitambu (ngo-6.9%). Amanani empuphu anyuke cishe ngo-5.1%.
“Okuhle wukuthi u-flour wesinkwa, u-flour wamakhekhe, i-pasta ne-macaroni kushibhile kunangonyaka odlule,” kusho iStats SA.
Nokho-ke amanani eziphuzo ezishisayo wona ayaqhubeka nokunyuka. Esewonke amanani alezi ziphuzo anyuke ngo-17% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule esuka ku-16.5% ngoJuni. Okukhuphuke kakhulu yikhofi, ngo-21.8%), kwathi itiye lona lanyuka ngo-15.7%, kwathi i-rooibos yakhuphuka ngo-11.1%.
Uma kubhekwa ezokuthutha, ngaphandle kwezokuthutha umphakathi, amanani ehlile njengoba ebe wu-4.2% ngoJulayi esuka ku-5.5% ngoJuni.
UDumisa uthe uma abantu sebenemali ngenxa yokwehla kwemalimboleko abanye bazonciphisa izikweletu, kuthi abanye kungalindelwa ukuthi bazoyonga ukwenzela ukuthi babeneyokugada ingozi uma kwenzeka isimo siphinde siba sibi.
Usomnotho waseFNB uNksz uKoketso Mano uthe ukwehla kwamanani emhlabeni, ukuzinza kwamanani kawoyela, yirandi elingconywana yizinto okufanele zenze ukuthi ukwehla kwamandla emali kuqhubeke kube ngcono kulo nyaka.

UNksz uMano uthi amanani azoba ngaphansi kuka-4.5% nangonyaka ozayo
“Silindele ukuthi amanani azoba ngaphansi kuka-4.5% obekiwe kula makota ambalwa ezayo kodwa aphinde akhuphuke uma sekushintsha izinto ngonyaka ozayo. Nokho, indlela okwenzeka ngayo kufanele yenze ukuthi abengaphansi kuka-5% kulo nyaka futhi nangaphansi kuka-4.5% ngonyaka ozayo,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/18/kusazosinda-kwehlela-kubathengi-yize-sekuzolunga-usomnotho/