Usihlalo wePhuthuma Nathi uMnu uMandla Langa uthi asevuthiwe amasheya eMultichoice. Isithombe: Sithunyelwe

Bazohleka bodwa ngezizumbulu zePhuthuma Nathi 

YINTATHELI YOMBELE

ABANIKAZI bamasheya ePhuthuma Nathi, uhlelo lokufukula abantu abamnyama lweMultichoice, bazohleka bodwa njengoba le nkampani isimemezele ukuthi bazokhokhelwa uR1.3 billion. 

Lena yimali abanikazi bala masheya abakhokhelwa yona kulo nyaka wezimali, phecelezi ama-dividend. Bangaphezu kuka-75 000 abantu abanamasheya kule nkampani yezokusakaza nokungcebeleka, okungabantu okubalwa kubona abasizi basezindlini, abenza izingadi, abantu bezitok’fela, abenza imisebenzi abayiqashelwe nosomabhizinisi abancane.

Umuntu uzokhokhelwa uR20.37 isheya kodwa okuzoba wuR16.30 uma sekubanjwe intela ngesonto elizayo.  

Usihlalo wePhuthuma Nathi uMnu uMandla Langa uthe loku kuwubufakazi bokuthi iMultichoice izibophezele ukweseka ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza emnothweni waseNingizimu Afrika.

“Kusukela ngo-2006 iPhuthuma Nathi isikhokhelwe uR19.1bn yiMultichoice, okwenza abanikazi bamasheya bayibone into abayenzayo. Umuntu owathenga amasheya ePhuthuma Nathi ngoR4 000 ngo-2006 usekhokhelwe amavenge (ama-dividend) anguR65 256 uma kubalwa nazokhokhwa ngesonto elizayo, nokusho ukukhula ngo-30% njalo ngonyaka kule minyaka ewu-18 edlule,” kusho yena.

Njengoba bezohlomula abanikazi bala masheya, ngesonto elidlule abantu abanamasheya ohlelweni olufanayo lakwaMTN, iMTNZakhele Futhi bajabhile emva kokuthi le nkampani iphakamise ukuthi kuhlehliswe ngeminyaka emithathu ukuvuthwa kwamasheya abo ngenxa yokuthi inani lamasheya ale nkampani lehlile, okubangwe kakhulu yizinkinga eziseNigeria. 

Nokho-ke yize bezokhokhelwa abanikazi bePhuthuma Nathi kodwa uLanga uthe kukhona abangeke bakhokhelwe ngenxa yokuthi abayiqinisekisile imininingwane yabo yasebhange kanti abanye sebefile, nokusho ukuthi imali kufanele ikhokhelwe izindlalifa zabo. 

“Senza konke okusemandleni ukuxhumana nabanikazi bamasheya noma imindeni yabo ukuqinisekisa ukuthi bayakhokhelwa imali yabo. Sibenomkhankaso wokwenza loku kusukela ngo-2020, kusukela ngaleso sikhathi sesikhokhe uR116 million kodwa kusasele uR215m abanikazi bawo abangavelile,” kuphetha uLanga. 

  • Umuntu owake wanamasheya ePhuthuma Nathi noma uma kunomuntu amaziyo owake wabanawo angaxhumana nale nkampani ku-086 011 6226

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/20/basazolinda-abanamasheya-emtnzakhele/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page