UNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana uMnu uVelenkosini Hlabisa uthi bahlanganisa iqhinga lokushintsha omasipala. Isithombe: wuSlindile Khanyile

Sisezithendeni zomasipala abawu-10 ababheda kakhulu – uHlabisa 

WUSLINDILE KHANYILE

UHULUMENI uphezu kokuhlanganisa iqhinga lokuphucula omasipala ezweni kanti lo msebenzi uzogxila kakhulu ekubhekeni omasipala abayishumi okubheda kakhulu izinto kubona.

Usho kanje uNgqongqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana uMnu uVelenkosini Hlabisa ngesikhathi ephawula emva kombiko osanda kwethulwa wumCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ochaza indlela omasipala abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali u-2022-23.  

UHlabisa uthe labo masipala abayishumi baseFree State, eMpumalanga Kapa naseNyakatho Kapa.  

“ImiNyango wokuBusa nokuBambisana, owokuHlalisa abaNtu, owaManzi nokuThutha iNdle, okaGesi namaNdla, oweziMali nowezokuThutha isihlanganise ikomiti okuzothi emva kwezinsuku eziwu-21 liqhamuke neqhinga lokushintsha izinto komasipala abangasebenzi ngendlela efanele. Njengoba sekusele izinyanga eziwu-26 ngaphambi kokuthi siye okhethweni lohulumeni basekhaya, sizoba nezinto esizozibekela zona ukuthi kufanele zenzeke ezinyangeni ezintathu, eziyisithupha nasemva konyaka,” kusho yena.  

Uthe bazogxila kulaba omasipala abayishumi ukucubungulisisa ukuthi kwenzekani kubona.  

“Okunye esizokwenza wukuthola imininingwane yokuthi wobani abakhona kubona. Izimenenja ezibaphethe, ziqeqeshelwe miphi imisebenzi ngoba uma kwatshalwa umuntu okungafanele, ngeke uyithole imiphumela efanele. Wubani isikhulu esiphezulu sezimali, siqeqeshelwe ini ngoba kwezinye izindawo abantu abaphethe izimali kusuke kungafanele baqashwe kodwa imikhandlu iyakuphasisa ukuqashwa kwabo.

“Wubani umqondisi we-technical services, wubani umqondisi we-corporate services? Uma labo bantu bengaqeqeshelwe lowo msebenzi kuzoba nezinkinga. Sizobheka ukuthi wubani imeya, ubani usomlomo ngoba umkhandlu ungenza isinqumo esingafanele kodwa usomlomo asiphasise uma naye engawazi umsebenzi,” kwengeza uHlabisa. 

Lo mbiko owethulwe uNksz uMaluleke ngoLwesibili awuqhathanisi nje unyaka wezimali odlule kuphela kodwa ubheka nonyaka wezimali u-2020-21, okwakuwunyaka wezimali wokugcina kahulumeni womasipala omdala. 

Kusukela ngaleso sikhathi kuloku kuqhubekile ukuhlehlela emuva komasipala njengoba kuloku isibalo somasipala abathole imibiko emihle sehlele kwewu-34, sisuka kwewu-38 ngo-2021-22 newu-41 ngo-2020-21. Njengoba benemibiko emihle kodwa enogcobho iwu-110, yayiwu-105 ngonyaka wokugcina kanti ngo-202-21 yayiwu-100. 

Abathole imibiko emibi sebewu-85, kusuka kwewu-84 newu-83. Abathole emibi kakhulu bayisithupha kusukela ngonyaka wokugcina kanti ngo-2020-21 babebane.

Engahlanganisekanga imibiko yabo isingcono, njengoba sebewu-12, besuka kwewu-22 ngonyaka wokugcina newu-28 ngo-2020-21. Abagcina bengakwazanga ukuletha imibiko yayo bayishumi, besuka kwababili nowodwa ngo-2020-21. 

Omasipala abakhulu bahlehle emuva njengoba ngonyaka wokugcina babebabili omasipala abakhulu ababethole imibiko emihle kodwa kulo mbiko uwodwa, njengoba i-Ekurhuleni ihlehle emuva. 

Nango-2020-21 wawuwodwa. UNksz uMaluleke ukhalile wathi laba omasipala yibona abathinta kakhulu izimpilo zabantu eziningi. Ngokwalo mbiko, imali eyabelwa omasipala abakhulu iwu-R279.8 billion, okuwu-58% wesabelomali sonke kanti babheke u-46% wayo yonke imizi.

“Uma sithatha iMaluti a-Phofung (eFree State), kusukela ngo-2009 imibiko yayo imibi ngale ndlela yokuthi ingahlanganiseki nhlobo kanti sekuphele emithathu ingasayilethi kwakuyiletha imibiko, kufanele kube wukuthi abaholi bepolitiki abatshala abantu abasebenza lapho bazimisele ukuthi izinto zishintshe,” kusho uHlabisa. 

Ungqongqoshe uthe akungatshazwa ukuthi umbiko omubi wezimali unomphumela endleleni izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/27/akufanele-omasipala-beneliswe-yimibiko-emihle-kodwa-enogcobho/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page