UmCwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke ethula umbiko wakhe ePhalamende namuhla. Uyakhala ngomasipala abakhulu abangaphuculi isimo sabo sokuphatha imali. Isithombe: wuSlindile Khanyile

‘Akufanele omasipala beneliswe yimibiko emihle kodwa enogcobho’

WUSLINDILE KHANYILE

BANINGI kakhulu omasipala abajatshuliswa wukuthi bathola imibiko emihle kodwa enogcobho kanti abanye bavele bahlale bakhululeke lapho kodwa akuyona into okufanele ikhuthazwe leyo.  

Usho kanje umCwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke namhlanje ngesikhathi ethula umbiko otshengisa ukuthi omasipala bayiphathe kanjani imali ngonyaka wezimali u-2022-23.

UNksz uMaluleke uthe kulabo masipala abawu-110 abathole umbiko omuhle kodwa onogcobho, abawu-77 bazikhululekele nje ngaloko. Uthe kufanele bagqugquzelwe ukuthi bafune ukuthola imibiko engenagcobho.  

“Kulabo masipala abawu-110, kukhona abanye bomasipala abahlupha kabi uma sikhuluma ngohlobo lwempilo ephilwa yizakhamuzi zabo nendlela abasebenzisa imali ngayo. Kufanele sikhathazeke ngokuthi yize laba omasipala benemibiko emihle kodwa enogcobho, abakwazi ukubika kahle uma kufanele baphendule ngokuhlinzeka izidingo emphakathini,” kukhala yena.

UNksz uMaluleke uvamile ukugcizelela ukuthi umbiko omuhle awusho ukuthi yonke into ihamba kahle uma kubhekwa nendlela izidingo ezihlinzekwa ngayo kodwa uyisiqalo esihle futhi esibalulekile ngoba usho ukuthi loku okungenani okufanele imikhandlu ikwenze uma kukhulunywa ngokuphatha nokusebenzisa imali yomphakathi iyakwenza futhi iyakwazi ukuphendula imibuzo eqhamukayo.

Lo mbiko owethulwe namhlanje awuqhathanisi nje unyaka wezimali odlule kuphela kodwa ubheka nonyaka wezimali u-2020-21, okwakuwunyaka wezimali wokugcina kahulumeni womasipala omdala. 

Kusukela ngaleso sikhathi kuloku kuqhubekile ukuhlehlela emuva komasipala njengoba kuloku isibalo somasipala abathole imibiko emihle sehlele kwewu-34, sisuka kwewu-38 ngo-2021-22 newu-41 ngo-2020-21. Njengoba benemibiko emihle kodwa enogcobho iwu-110, yayiwu-105 ngonyaka wokugcina kanti ngo-202-21 yayiwu-100. 

Abathole imibiko emibi sebewu-85, kusuka kwewu-84 newu-83. Abathole emibi kakhulu bayisithupha kusukela ngonyaka wokugcina kanti ngo-2020-21 babebane.

Engahlanganisekanga imibiko yabo isingcono, njengoba sebewu-12, besuka kwewu-22 ngonyaka wokugcina newu-28 ngo-2020-21. Abagcina bengakwazanga ukuletha imibiko yayo bayishumi, besuka kwababili nowodwa ngo-2020-21. 

“Komasipala abathole imibiko emihle, abawu-30 sebeneminyaka beyithola kanti into esiyibonayo ngabo wukuthi kuyaqikelelwa, imithetho iyahlonishwa futhi kunezindlela zokugwema ukungenzi kahle. Akusho ukuthi yonke into ihamba kahle kulabo masipala kodwa okungenani okufanele bakwenze, bayakwenza. Sisengaphikisana ngokuthi ngabe bazihlinzekile yini zonke izakhamuzi ngezidingo,” kusho uNksz uMaluleke. 

Abanye bomasipala asebeneminyaka bethola imibiko emihle yiKing Cetshwayo, uKhahlamba noMhlathuze baKwaZulu-Natali, iMidvaal eGauteng, iWinnie Madikizela Mandela eMpumalanga Kapa, iNkangala eMpumalanga, abawu-18 baseNtshonalanga Kapa nabanye.

Eqhubeka nombiko wakhe, umcwaningimabhuku-jikelele ukhale ngomasipala abakhulu, phecelezi ama-metro, njengoba behlehle emuva njengoba ngonyaka wokugcina babebabili omasipala abakhulu ababethole imibiko emihle kodwa kulo mbiko uwodwa, njengoba i-Ekurhuleni ihlehle emuva. 

Nango-2020-21 wawuwodwa. Ukhalile wathi labo masipala yibona abathinta kakhulu izimpilo zabantu eziningi.  

Ngokwalo mbiko, imali eyabelwa omasipala abakhulu iwu-R279.8 billion, okuwu-58% wesabelomali sonke kanti babheke u-46% wemizi yonke.

“Komasipala abancane kukhona inkinga yokushoda kwabantu kanti akulula ukuheha abantu abanamakhono. Nokho, akufanele kubenjalo komasipala esithi bakhulu. Yize kunjalo, u-75% awukwazi ukuhlanganisa imibiko ethembekile ngendlela ohlinzeka ngayo izidingo. 

“Ukungazinzi kwezepolitiki okuhlasele laba omasipala kunomphumela omubi ekwenzeni lezi zinhlaka zibe buthaka. Eminyakeni emibili besiloku sixwayisa ngokuthi ukungakwazi ukuhlanganisa imibiko nhlobo nokungasebenzi kahle komasipala kuyayithinta yini indlela okuhlinzekwa izidingo ngayo. Akuseyona into esingaphikisana ngayo manje, ngeke zihlinzekwe izidingo lapho izinto zingenziwa kahle khona ,” kusho uNksz uMaluleke.  

Ngale kokuncipha komasipala abathole imibiko emibi kakhulu, okunye akuncomile uNksz uMaluleke wukwehla kwemali ekhokhelwe ama-consultant, njengoba isiwuR1.35bn, isuka ku-R1.63bn. 

“Kuyaqala ngqa eminyakeni ewu-11 siyigadile le mali ukuthi sibone yehla,” kusho uNksz uMaluleke.

Usihlalo wekomiti lasePhalamende elengamele omasipala uDkt uZweli Mkhize uthe basazowucubungula kahle umbiko kaNksz uMaluleke futhi kunezinto abazodinga omasipala baziphendule.

Nokho uthe kucacile ukuthi izinto eziningi zizolunga uma kuwukuthi abaholi bepolitiki bazimisele ukuthi zilunge.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/21/awupheleli-emalini-kuphela-umsebenzi-wabacwaningimabhuku-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page