Ibhizinisi lakubo latshala uthando kumngcwabi
WUTHOBILE ZWANE
WAKHULA kune-tuckshop kubo kanti babevuswa ngovivi ukuyolanda izinkwa ezidayisayo ngaphambi kokuya esikoleni ngoba imoto yayingakwazi ukusondela esitolo ngenxa yomgwaqo omubi.
UNkk uSilindile Maphumulo, umsunguli weFlam Funeral Services, uthi ngaleso sikhathi wayebona sengathi bayagqilazwa kubo njengoba babelandiswa izinkwa ekuseni kanti wayeqeqeshelwa ibhizinisi.
Uthi ibhizinisi labo lokungcwaba ligabe ngamanani aphansi ngoba baqonda ukuthi abantu abadinga umasingcwabisane kakhulu ngabantu abantulayo nabathembele empeshenini.
Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni waya e-University of Durban Westville (osekuyi-University of KwaZuluNatal Westville campus) eyokwenza iziqu ze-Accounting, nokho angaziqedanga ngenxa yezimo ezithile.
“Ngaqala ngafuna umsebenzi, ngawuthola e-Old Mutual ngasebenza ngiyi-financial planner.
“Ngashiya phansi ngase ngithola eStandard Bank ngenza umsebenzi ofanayo. Ngisebenze khona iminyaka emihlanu. Ngisesebhange ngangijwayele ukubona abantu abashonelwe bezokhipha imali abayitshalile noma umuntu ezofaka isicelo sokuboleka imali, ngaqala ngacabanga ukuthi kusho ukuthi abantu abakuhleleli ukufa,” kukhumbula yena.
Uthi wabona ukuthi abantu bathi bethi babekele izingane zabo imali kodwa uma sebeshonelwe umuntu abone ukuthi kufanele eyongcwaba, asebenzise leyo mali. UNkk uMaphumulo uthi waqala lapho ukwenza ucwaningo lebhizinisi lokungcwaba.
“Ngaphambi kokuthi ngiqale leli bhizinisi lokungcwaba ngaqala ngokuthi ngibe nendawo yokudayisa ukudla okuphekiwe kwesintu ngisasebenza. Kwathi emva konyaka ngenxa yokuthi imali yokuqasha yayimba eqolo, ngaphoqeka ukuthi ngiyivale indawo (yokudla),” kulanda uNkk Maphumulo.
Uthi ngo-2008, nakuba ayengenalo ulwazi olwanele lebhizinisi lokungcwaba, kodwa wazitshela ukuthi uzofunda ngendlela.
“Ngavula igatsha lami lokuqala elaliseManzimtoti, saqala sasebenza. Kwathi uma ngishada ngo-2010, ngaya eGoli kumyeni wami ngoba wayehlala khona ngenxa yomsebenzi. Ngabona ukuthi ngizosala ngedwa nezingane ezincane, ngavele ngabona ukuthi angivele ngihambe nami.
“Ukuya (kwami) eGoli, ibhizinisi lasala lawa. Kwathi ngibuya kwathiwa sikweleta imali eshisiwe. Umuntu owayesisebenzela wathi imali ayikho, kwaba ukuthi siyaphuma kuleyo ndawo, sathola enye saqasha,” kusho yena.
Ithimba leFlam Funeral Services liphumile liyohlanganyela emhlanganweni wonyaka
Uthi ngonyaka olandelayo wabuya eThekwini, wayoqala phansi ngakubo ePark Rynie, ogwini oluseningizimu. Ngokuhamba kwesikhathi ibhizinisi lakhula abantu bejoyina, wavula elinye igatsha eMzinto ngokuqhubeka kwesikhathi.
Uthi izimo zike zanzima kangangokuthi kukhona lapho babengakawazi ngisho ukuholela izisebenzi, kuze kuyilamule umyeni wakhe owayesebenza.
“Ngo-2018 savula igatsha eMkhomazi sifaka amaphepha okuzikhangisa ngiqasha abantu ukuthi bahambe bengena emizini yabantu, abantu bajoyine kanjalo. Emva kwaloko ngabona nami sesivule amagatsha amaningi, kwabalula ukuthi siqhubeke kanti nezinselelo zathi ukwehla,” kusho uNkk uMaphumulo.
Banamagatsha awu-19 KwaZulu-Natali, kuthi abantu abangamalungu kamasingcwabiswane bakhave abantu abawu-92 000 namakhaza amane.
“Siqashe abantu abawu-46, nabanye abasiza uma kuyimpelasonto abawu-65. Uma kumatasa kakhulu senza imingcwabo ewu-20 kodwa uma kungekho matasa siyayenza eyishumi. Onyakeni wezimali odlule singenise cishe uR14 million,” kusho uNkk uMaphumulo.
Sebesimeme ngangokuthi sebesebenza nomyeni wakhe ngokugcwele oseyekile emsebenzini.
- Facebook: Flam Funerals