Sinyukile isibalo sabantu besifazane abangasebenzi ngekota yesibili yango-2024, ngokusho kweStatistics South Africa. Isithombe: iStock

Sebewu-8.4m abantu abangasebenzi ezweni – izibalo

YINTATHELI YOMBELE

ISIBALO sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyuke safinyelela ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, sisuka ku-32.9% ngekota yokuqala. 

Ngokwezibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) namhlanje, isibalo esibuka izinto ngeso elibanzi sitshengisa ukuthi abantu abangasebenzi ezweni bawu-42.6%.  

Loku kusho ukuthi isibalo sabantu abaqashiwe sinciphe ngabawu-92 000, safinyelela ku-16.7million kanti abangasebenzi bande ngabawu-158 000, njengoba sebewu-8.4m.

Lezi zibalo ziveze ukuthi kuyaqhubeka nokuthinta kakhulu abantu besifazane loku njengoba ngekota yesibili isibalo sabantu besifazane abasebenzayo sehle ngo-28 000, safinyelela ku-7.4m, kwathi abaqashiwe bakhuphuke ngo-93 000, njengoba sebewu-4.1m. 

“Loku kuholele ekutheni isibalo sabesifazane abangasebenzi sinyuke sisuka ku-35.2% ngekota yokuqala yango-2024, saya ku-35.8% ngekota yesibili yango-2024,” kusho iStats SA. 

Abantu asebephelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi banyuke ngo-147 000, kuthi isibalo sabantu abangabambi qhaza emnothweni ngenxa yezinye izizathu ezingahlangene nokuphelelwa wumdlandla sehle ngabantu abawu-75 000 uma kuqhathaniswa amakota amabili. Loku kunyuse isibalo sabantu abangabambi qhaza emnothweni ngabawu-72 000, safinyelela ku-16.3m ngekota yesibili yango-2024.

Izifundazwe lapho isibalo semisebenzi sinciphe khona yiseNtshonalanga Kapa ngo-65 000, iMpumalanga Kapa ngo-50 000 neKwaZulu-Natali ngo-49 000 kanti lapho sinyuke khona yiseGauteng ngo-42 000, eLimpopo ngo-31 000 neMpumalanga Kapa ngo-25 000.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/06/kusinda-kwehlela-emnothweni-waseningizimu-afrika-ukhula-kancane-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page