IMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi kuningi okuzohlonyulwa ngabantu ngomsebenzi wokuthuthukisa idolobha, ama-catalytic project kaR217 billion. Izithombe: Zithunyelwe

Kubekwe uR217bn ozoguqula izinto eThekwini – imeya

WUTHOBILE ZWANE 

UHLELO lokuthuthukisa nokwakha imisebenzi ezoshintsha umnotho eThekwini uma seluphothuliwe luzodala imisebenzi ewu-300 000. 

Isho kanje iMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba izolo ngesikhathi ihola ithimba lezikhulu zaleli dolobha, okubalwa kuzo imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbele, amakhansela nezinye izikhulu zomkhandlu ukuyohlola ukuthi iqhubeka kanjani imisebenzi ezoshintsha umnotho, phecelezi ama-catalytic project.

Leli thimba lihambele izindawo ezihlukene, okubalwa kuzo iPoint, Waterfront, iCentrum, iDurban Film City, iGiba Business Estate, i-Avoca Node, iCornubia Integrated Development, iDube TradePort, i-Oceans Mall neWestown Shongweni nezinye.

“Kusukela ekuseni sihambela izindawo ezihlukene zama-catalytic project futhi sigculisekile ngomsebenzi osuwenziwe kuze manje. Ngokubambisana, silungisa idolobha, sikhulisa umnotho, sakha amathuba omsebenzi futhi siheha abatshalizimali,” kusho uXaba.

Uqhube wathi bavakashele izindawo ezingaphezu kweziwu-16 eziseThekwini. Baqale enkabeni yedolobha, badlulela ePinetown, eShongweni , eSibaya, esikhumulweni sezindiza iKing Shaka bebheka wonke umsebenzi owenziwayo. 

“Imali etshalwe kulo msebenzi ibalelwa kuR217 billion futhi izokwakha amathuba emisebenzi angaphezu kwawu-300 000, kubalwa imisebenzi ngesikhathi sokwakha, eminye uma sekuqediwe ukwakhiwa kulezi zindawo,” kusho yena.

UXaba ngenkathi evakashele eminye imisebenzi yokuthuthukisa idolobha izolo 

Uthe iTheku seliphenduke indawo yokwakha, umsebenzi athe wenziwa lula wukuzinikela kwezisebenzi zikamasipala nabatshalimali. 

“Nathi siyidolobha kumele sikhokhe ngaphezu kukaR10.5bn ukuze sibahlinzeke ngemigwaqo, izitamkoko, sithuthukise yonke ingqalasizinda, amanzi, ugesi ukuze (umsebenzi) wenzeke,” kusho imeya.

Uthi akuwona wodwa uhulumeni owakha amathuba emisebenzi kodwa imisebenzi eminingi iqhamuka embonini ezimele. 

“Ngiwubonile uR217bn, ngawuthinta nangezandla ukuthi ngempela ukhona, kwabonakala ukuthi laba bantu bebengaya kwenye indawo kodwa bakhethe idolobha (lethu). Sicela ukuthi umuntu ozothuthukisa eThekwini, asingangeni ngendlovu yangena, sifune izinto ezingenasidingo ngoba siyabaxosha laba bantu, baphuma bayotshala imali kwezinye izindawo.”

UNksz uNokwanda Mpofana wethimba lama-catalytic project uchaze ngomhlaba omdala osazokwakhiwa kabusha kube iDurban Film City, okuzoba wumsebenzi oholwa yimboni ezimele ozothatha cishe uR7.5bn. 

“Sizezingxoxweni nomthuthukisi ukuqinisekisa ukuthi kusukela ohlangothini lwedolobha, senza izinsiza zitholakale kule ndawo. Lo msebenzi uzoba yi-studio samafilimu esisezingeni lomhlaba okuhambisana nezokuvakasha okuzokwenza iTheku libeneqhaza elibalulekile embonini yamafilimu,” kusho yena. 

Uqhube wathi loku kwakha kuqale kulo nyaka, kuphethwa ngo-2036 kanti kuzodala amathuba emisebenzi awu-50 000, kuthi imali ezokwenziwa ngonyaka kube wuR100 million

Isikhulu esiphezulu eFundamentum Property Group uMnu Carlos Correla sithe le nkampani izibophezele ukuletha uguquko ngentuthuko yalolu hlobo. 

Sithe lo msebenzi uzolethela umphakathi amathuba okuphila, umsebenzi nempumelelo. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/27/osomabhizinisi-basemelika-bathembisa-ukutshala-ethekwini/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page