Amanqampunqampu osuku
INTATHELI YOMBELE
UKUTHENGA izimpahla, phecelezi ama-retail trade sales, kunyuke ngo-4.1% ngoJuni uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.
Ngokwezibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa izolo, okube nesandla kakhulu kube yizitolo ezidayisa zonke izinto, phecelezi ama-general dealer, okukhule ngo-7.3% nezitolo ezidayisa izimpahla zokugqoka, izicathulo nezimpahla zesikhumba, ukudayisa kwabo okunyuke ngo-6.1%.
Uma kuqhathaniswa inyanga eyodwa, ukuthenga izimpahla kunyuke ngo-1.6% ngoJuni uma kuqhathaniswa noMeyi, kuthi ngekota yesibili yango-2024 kukhuphuke ngo-2.0% uma kuqhathaniswa nekota yesibili ngo-2023.
Inhloko yeSouth Africa Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe lezi zibalo zingaphezu kwabebekulindele futhi bakholwa wukuthi zizolekelela ukuvuselela umnotho okulindelekile ngekota yesibili.
Uthe balindele ukuthi uzophunguka umthwalo kubathengi ngengxenye yesibili yonyaka ngoba kufanele kubengcono ukwehla kwamandla emali futhi neBhange loMbuso lizoqala linciphise imalimboleko.
Khonamanjalo, iNational Empowerment Fund (iNEF) isimemezele ukuthi itshale imali ukuseka iLadina, inkampani yabesifazane abamnyama edayisa izinwele zokufakelwa ezibizwa nge-Brazilian human hair.
Le nkampani, eyasungulwa ngo-2016 wuNks uMpho Monare yize ibhaliswe ngokusemthethweni ngo-2017, idayisa imikhiqizo yayo ezitolo ezinkulu ezifana no-Edgars, Homechoice noFoschini.
Imali etshalwe yiNEF izosiza le nkampani ukukhulisa umsebenzi njengoba iLadina isizoyeka ukuthenga lezi zinwele kwamanye amazwe kodwa izozikhiqizela zona.
Ngemali yeNEF, izothenga imishini yokuthunga, izinwele ezingahlanganisiwe nemoto yokudiliva umkhiqizo. Ithe kade kwabayiphupho leLadina ukusungula ifemu yokukhiqiza lezi zinwele eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi maningi amakhasimende abantu abamnyama akhonze lezi zinwele.
Kwezinye izindaba eziseqhulwini, iComrades Marathon Association inikele ngemali ehlanganiswe ngabagijimi, abalandeli nabaxhasi ezinhlanganweni ezihlukene ezingenzi inzuzo.
Isiyonke imali eqoqiwe kulo nyaka wuR6.4 million kanti ingaphezulu ngoR1.5m uma kuqhathaniswa neyahlanganiswa ngonyaka odlule.
Izinhlangano ezihlomulile yiCHOC Childhood Cancer Foundation SA, iSanparks Honorary Rangers, iDurban & Pietermaritzburg Community Chests, iHillcrest Aids Centre Trust, iRise Against Hunger neChildline KwaZulu-Natal.
- Lolu lwazi lucashunwe kwiStats SA, iNational Empowerment Fund neComrades Marathon Association