UNksz uNompumelelo Blose weMeme Creations eyenza izimpahla zokuhlobisa, yaseMlaza, eThekwini. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kothunga imihlobiso 

WUTHOBILE ZWANE 

UMSEBENZI wezandla wawuncela kunina akhula embona ethunga izimpahla ezihlukene. Ngokubuka, wagcina esezifundise ukuthunga naye. 

UNksz uNompumelelo Blose weMeme Creations, yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, naye usephila ngezandla zakhe ngokuthunga izimpahla ezihlukene. Agxile kuzona ama-cushion okuhlobisa. 

“⁠Ukuthunga ama-cushion wumsebenzi engazifundisa wona ngokubuka, uma ngenza into abantu basincome isandla sami bathi sihle kakhulu (sihlanzekile) futhi sihlukile. Yilokho okwanginika ugqozi lokwenza ama-cushion ahlukene, amacici nezikhwama,” kulanda yena. Ama-cushion aqala kuR250 kuya phezulu.

Uthi ⁠amakhasimende akhe ngabantu abathengela ukuhlobisa imizi yabo, abanikazi bezitolo zefenisha, abantu abanama-B&B nabantu kuthi izikhwama namacici kona kuthengwa noma wubani othanda isitayela. 

Uthi uma ehambele imibukiso abantu bahlale bemphikisa ukuthi umsebenzi wakhe uwenza ngezandla zakhe, abanye bathi uwenza ngomshini.

UNksz uBlose uthi ukhuthazwa wukugqugquzelwa wumndeni wakhe, ikakhulukazi odadewabo abanamabhizinisi emikhakheni ehlukene abamenza  azikhandle ukufeza iphupho lakhe.

Amanye ama-cushion egabe ngawo iMeme Creations 

Kwizinselelo aseke wahlangabezana nazo emsebenzini ubala ukuswela imali yokufukula ibhizinisi lakhe ukuthi libesezingeni alifisayo nendawo yokubeka umsebenzi wakhe ngoba uthatha indawo eningi.

UNksz uBlose, owumuntu othanda ukucobelela abanye abantu ulwazi, weluleka intsha ukuthi izakhele amathuba omsebenzi. Uthi: “⁠Ngifunde ukuthi ulwazi kumele ngingalugcini kumina kodwa ngiludlulisele nakwabanye abantu ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi ngoba siphila esikhathini esithi kumele sikwazi ukuzisebenza.

“⁠Ngingathi entsheni yanamuhla sesiphelile isikhathi sokulindela ukuqashwa asizifundise ukusebenzisa amakhono esinawo ukuze sikwazi ukuziphilisa sivule amathuba omsebenzi sibambe neqhaza ekukhuliseni umnotho wethu.

“Isifiso enginaso wukufundisa abantu ulwazi enginalo ukuze bakwazi ukuziphilisa ngoba ikhono liyakwazi ukuxosha ikati eziko,” kweluleka uNksz uBlose.

Uthi uvame ukuya emibukisweni yamabhizinisi ehlukene eThekwini nama-flea market ukukhangisa ibhizinisi lakhe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/02/28/usebhukule-kwaze-kwalunga-embonini-yefenisha-oke-wabhekana-nokucwaswa-uxoxe-notebogo-mokwena/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page