Usuku lokuvota luzokwaziwa maduze – ungqongqoshe

NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbalwa ukuthi iNingizimu Afrika iye okhethweni lokuhulumeni basekhaya, ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosi Hlabisa uthi uzolumemeza ngoLwesihlanu usuku lokuvota.

Luya ePhalamende olukaR13,5 billion womasipala abangenzi kahle 

USIHLALO wekomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uDkt uZweli Mkhize umemezele ukuthi kuzobanomhlangano ophuthumayo wokubhunga ngemali egodlwe wumGcinimafa ewuR13,5 billion yomasipala abahluleka ukuphatha imali.

INingizimu Afrika idinga isikhwama sezinhlekelele – uHlabisa

EZINSUKWINI ezimbalwa ezidlule kufe abantu abayisishiyagalombili, kwacekeleka phansi ingqalasizinda nemizi yabantu eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eNyakatho Kapa, eFree State, eNorth West naseMpumalanga.

Sisezithendeni zomasipala abawu-10 ababheda kakhulu – uHlabisa 

UHULUMENI uphezu kokuhlanganisa iqhinga lokuphucula omasipala ezweni kanti lo msebenzi uzogxila kakhulu ekubhekene omasipala abayishumi okubheda kakhulu izinto kubona.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page