Ayanda amathuba emisebenzi, yize umnotho udonsa kanzima. USLINDILE KHANYILE uyabika

IBUKEKA ithela izithelo imizamo yokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika njengoba isibalo sabantu abasebenzeyo sikhuphukile saba ngaphezu kwalokhu esasiyikho ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19. 

Bahlose ukuqeda ubumnyama ezweni ngenkampani yama-globe onga ugesi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAZALWE futhi bakhulela endaweni yasemakhaya ebingenawo ugesi ngaleso sikhathi. Kuthe uma sebethuthele endaweni ethuthukile kodwa bebebuye bahlale ebumnyameni ngoba ugesi uvama ukucinywa

Usheba umsebenzi awufundele nezolimo ngenhloso yokuziphilisa nokuthuthukisa umphakathi wangakubo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKHULE engawunakile umkhakha wezolimo, impumelelo ekuwona nomehluko ongawenza emphakathini kodwa kunezinto ezimbili ezitshale futhi zakhulisa uthando lwakhe kule mboni. 

Kuntwela ezansi kubafuyi abakhinyabezwe wumkhuhlane wezinkukhu. Intatheli yoMBELE iyabika

INHLANGANO ebheka abantu abasebenza ngomkhiqizo wezinkukhu ezweni iSouth African Poultry Association (iSAPA) ithi sekuntwela ezansi ngokunqoba umkhuhlane wezinkukhu oshaye kwezwela kubafuyi, ezitolo nasemphakathini.

Owashiya izifundo zobuchwepheshe ilandele iphupho layo lokuzisebenza ngokungenisa ngamaketelo ekhethelo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ESIKHUNDLENI sokuphelelwa yithemba ngoba engeke esakwazi ukuqhubeka nezifundo zobuchwepheshe ayezenza kwelinye lamakolishi azimele, insizwa yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, ilandele umqondo owawuke wayifikela wokusungula ibhizinisi.

Uhulumeni uzoluma aphephethe ngeSabelomali kule minyaka emithathu ezayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo azonciphisa kuzona ukubhekela izindleko zokukhuphula imiholo yezisebenzi nokwelula isibonelelo esisiza abantu abangasebenzi esethulwa ngesikhathi seCOVID-19 onyakeni wezimali wango-2023/24.

Wehlisa umthwalo kubantu abanemicimbi ngenqola yeziphuzo ezikhala kahle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA omakhelwane nabantu akhule nabo bejuluka babemanzi te uma sekuyisikhathi sokupha abantu ukudla neziphuzo emicimbini abasuke beyenzile kwenze wafisa ukubethula umthwalo ngokubahlinzeka ngeziphuzo ezidingeka emcimbini.

Kucijwe osomabhizinisi abancane ngemigudu yokusimamisa amabhizinisi. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

UMASIPALA waseThekwini ubambisene nezinhlaka ezihlukene ezibheke ukuthuthukisa umphakathi nosomabhizinisi abasafufusa ucije osomabhizinisi nomphakathi waseClermont, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesibili.

Onentshisekelo yokudayisa nowashiya umqashi ‘ongaboniseki’ usenebhizinisi lakhe lama-snacks. Omunye wabo uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUBONA engakhuli enkampanini ayeyisebenzela kwenza wesula emsebenzini, waqala ibhizinisi loncamnce bokubamba umoya elekelwa wumkakhe

Basizwa yicebo lomngani owayewuthisha phesheya asebenenkampani evubela ikhofi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAKHULE ndawonye eGoli, eGauteng, futhi behlale besekana kukho konke abakwenzayo empilweni, beqinisekisa nokuthi abayeki ukuxhumana yize bese begxile emikhakheni ehlukene.

Uthando lobuciko namasiko luzale ibhizinisi akade afisa ukuliqala. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI labantu abaphothula izifundo zomkhakha abawufundele, naye uqede ukucijelwa i-public relations wagxila emsebenzini awuqeqeshelwe ukuze abeke isinkwa etafuleni.

Ulekelela indawo yangakubo ngamanzi ochuma emkhakheni angawufundelanga. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUDILIZWA emsebenzini nokuphela kwamanzi ngakubo kugqugquzele usomabhizinisi waseSikhawini, enyakatho yeKwaZulu-Natali, ukuthi asungule ibhizinisi elikhiqiza futhi lidayise amanzi asebhodleleni.

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe samnika umqondo webhizinisi lokwakha izindlu. Uxoxe noLUNGI LANGA

ZOLO loku ubengakwazi nokubamba isando. Kepha isifiso sokuzibona ekwazi ukuzilungisela ikhaya lakhe ngaphandle kokuqasha abantu simenze waphumelela ukusungula ibhizinisi lokwakha izindlu zamapulangwe zikanokusho.

Ukuswela imali yokuqhubeka esikoleni kwamholela ebhizinisini lokwenza umsebenzi awufundisa wunina. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGALITHOLI ithuba lokufunda ngemva kokuqeda uMatikuletsheni kumenze  wasebenzisa ikhono alifundiswa wunina ukuziphilisa. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page