UmCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke uyakhala ngokunganakelelwa kwamabhilidi kahulumeni. Isithombe: Umbele

Kunomehluko endleleni imali kahulumeni ephathwa ngayo kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe. USLINDILE KHANYILE uyabika 

IYAPHUCUKA indlela izifundazwe neminyango kahulumeni esebenzisayo imali ngayo. Nokho izinto zisagqoza eminyangweni namabhizinisi kahulumeni okuneqhaza elikhulu emphakathini.

Loku kuvele embikweni womcwaningimabhuku-jikelele ngombiko wezimali wezifundazwe, iminyango namabhizinisi kahulumeni, iPublic Finance Management Act (iPFMA) yonyaka wezimali u-2022/23. 

Lo mbiko owethulwe umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ePhalamende izolo, uveze ukuthi yandile iminyango nezifundazwe ethole imibiko emihle. 

Iwu-418 imibiko ecwaningiwe ngo-2022/23 kanti imiphumela iveze ukuthi ewu-147 ithole imibiko emihle engenagcobho, ewu-162 ibimihle kodwa inogcobho, ewu-69 ibimibi kodwa inezinto ezingalungiseka, emine ibimibi kakhulu kuthi eyisihlanu ibishoda ngendlela yokuthi ubungeke ukhishwe umbono ngayo. Kukhona iminyango namabhizinisi kahulumeni awu-31 okungaqediwe ukucwaningwa kwamabhuku ayo. 

Eminyangweni ethole imibiko emihle ibiphethe u-16% kaR3.10 trillion obucwaningwa. UNksz uMaluleke uncome ukuthi iyabonakala imizamo yokuphucula izinto njengoba ebalule nokuthi ethole imibiko emihle, ewu-53 kuyona yiminyango ebeloku ithola imibiko emihle kusukela waphatha izintambo lo hulumeni wasekhaya oneminyaka emine wakhethwa.

Umcwaningimabhuku uveze ukuthi kuneminyango ewu-37 okusele kancane ithole imibiko emihle. Nokho uphinde wagcizelela ukuthi umbiko omuhle awusho ukuthi abantu bahlinzekwa kahle ngezidingo njengoba ethe kusabhimba uhlelo uma kubhekwa indlela imisebenzi ehlelwa, egadwa nebikwa ngayo. Ukhale nangezinselelo ezithinta ukuphatha ingqalasizinda nengcindezi yezimali uhulumeni obhekene nayo. 

“Selokhu uqalile lo hulumeni ophethe, kunezinkomba zokuthi iyathuthuka indlela uhulumeni ezweni lonke nasezifundazweni obika ngayo ngemali nendlela oyisebenzise ngayo nokuhlonipha umthetho. Nokho, labo bantu (umsebenzi wabo) othinta kakhulu abantu baseNingizimu Afrika nemali kahulumeni basilele. Loku kwengeza ingcindezi emalini kahulumeni,” kusho uNksz uMaluleke.

Iwu-139 kwewu-193 iminyango namabhizinisi kahulumeni abaneqhaza elikhulu emphakathini obekufanele bethule imibiko ngo-2022/23. Kuleyo ebingabalwanga kukhona amakolishi okuqeqeshela amakhono awu-50, iProperty Management Trading Entity, iWater Trading Entity neCommission on Restitution of Land Rights, imibiko yawo ibayingxenye yeminyango abangaphansi kwayo.

Umcwaningimabhuku-jikelele uncome ukuthi u-74% wabantu abebecwaningwa uyakwazi ukushicilela imibiko ethembekile, nathe yinto okufanele igqugquzelwe. 

Lilonke, sinciphile isibalo sabantu abathole imibiko emibi kakhulu, yize umcwaningimabhuku-Jikelele exwayise ngokuthi kungenzeka kushintshe loku uma kwenzeka kuba khona othola lo mbiko kwabawu-31 imibiko yabo engakacwaningwa.

Ngo-2022/23 iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele licwaninge imisebenzi yengqalasizinda ewu-137 kanti ligxile kakhulu emisebenzini ethinta izikhungo zezempilo, izikole, izindlu, imigwaqo nojantshi, ingqalasizinda yamanzi nezakhiwo zikahulumeni ezinjengeziteshi zamaphoyisa. 

“Umsebenzi wethu ubufaka ukuhambela izindawo ezihlukene namathimba anamakhono ahlukene okucwaninga asebenzise ulwazi ukuhlola indlela umsebenzi oqhubeka ngayo nezinga lawo. Sibike ngesikutholile emisebenzini ewu-112 (okuwu-82%) wemisebenzi esiyivakashele. Esikutholile wukuthi imvamisa imisebenzi yengqalasizinda ibambezelekile, idla imali engaphezu kwalena ebihlelelwe futhi ayikho ezingeni. Kuyabambezeleka nokusetshenziswa kwengqalasizinda entsha esiyakhiwe,” kukhala uNksz uMaluleke. 

Wengeze ngokuthi kunamabhilidi kahulumeni awu-2 394 angasetshenziswa futhi iningi lawo elinganakekelwa kahle futhi elingekho esimweni esihle. La mabhilidi akhokhelwa izinto ezifana nentela yezakhiwo yize engasetshenziswa. 

Ukusebenzisa imali kungagunyaziwe kusaqhubeka nokuba phezulu. Umbiko uveze ukuthi eminyakeni emine edlule le mali ibewuR28.22 billion kanti ngo-2022/23 ibiwuR4.59bn. Imali engasetshenziswanga ngendlela efanele ngo-2022/23 ibiwuR63.37bn. 

Izifundazwe zilawula cishe u-24% wemali noma uR742.70bn wemali esetshenzisiwe. UNksz uMaluleke uthe izifundazwe eziphucule ukwenza izinto kakhulu yiNorth West, iKwaZulu-Natali neMpumalanga Kapa. INtshonalanga Kapa, iMpumalanga Kapa, iKZN neGauteng yizona zifundazwe ezithole imibiko emihle eminingi kakhulu. 

Isimo semibiko:

Imibiko eyethulwe emva kwesikhathi Imibiko egcine ingethulwangaImibiko ebambezelekile kucwaningwaImibiko egcine iphothuliwe  kwebibambezelekile
I-AlexkorI-South African AirwaysI-Denel and Denel Vehicle Systems I-SSF Association 
I-Passenger Rail Agency of South AfricaI-North West Transport Investments GroupUmNyango wezeMpilo eLimpopoI-Petroleum Oil and Gas Corporation 
ITaletso TVET CollegeI-Denel AerostructuresI-Agricultural Land Holding Account I-SA Maritime Safety Authority 
I-Coastal TVET CollegeI-Government Printing WorksIngonyama Trust 
I-Compensation FundI-Local Government SetaIMayibuye Transport Corporation 
I-National Student Financial Aid SchemeI-Railway Safety RegulatorI-Special Investigating Unit
I-Unemployment Insurance Fund I-Road Traffic Infringement Agency
I-African Exploration Mining and Finance Corporation 
I-Central  Johannesburg TVET College 
  • Kucashunwe embikweni womcwaningimabhuku-jikelele wePFMA wango-2022/23

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page