Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sixoxa noLondathina ‘uLonda’ Mbatha, umsakazi woKhozi FM wohlelo iSekuntwela Ezansi olungena ngeSonto ngo-3 kuya ku-6 ekuseni. Uwu-DJ no-MC wemicimbi

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa kakhulu ngoba ngizalelwe emndenini omkhulu, nonabantu abaningi abebehlale bengijabulisa ngokukhipha imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala sengifunda u-Grade 11, ngayivula eFNB.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi kumele uyisebenzise ngokucophelela, wenze izindlela zokuthi izalane, yande.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Nakuba ngingasakhumbuli kahle ukuthi kwakunini kodwa ngangiyodijeya komunye umcimbi, ngahola uR600. Kwathi sengingena emsakazweni, ngahola uR7 500.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngakhokha imali yerenti, enye ngathenga ngayo izimpahla zokugqoka.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulekelela ngezindleko zomngcwabo ka-anti wami owangikhulisa. Okunye futhi kumanje ngilungisa umuzi kagogo, kanti ngisanda kuqala ibhizinisi lokufuya izimbuzi.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali ngokweqile, ngigcine ngithenga izinto engingazidingi ngoba nakhu ngisesitolo nokubolekisa kakhulu ngemali ezihlotsheni nakubangani.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi uma uthola imali noma uhola, zama izindlela zokuthi ikusebenzele.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga umhlaba wokwakha, ngakhe izindlu eziqashisayo, ngithenge i-flat edolobheni ukuze yande bese ngandisa nemfuyo yami.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali? 

Akuthi uma bethola imali bazijwayeze ukuyibeka nokuyisebenzisa ngokucophelela, bangabeki kakhulu injabulo phambili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page