I-South African Poultry Association inethemba lokunqoba umkhuhlane wezinyoni. Isithombe: Sithunyelwe

Kuntwela ezansi kubafuyi abakhinyabezwe wumkhuhlane wezinkukhu. Intatheli yoMBELE iyabika

INHLANGANO ebheka abantu abasebenza ngomkhiqizo wezinkukhu ezweni iSouth African Poultry Association (iSAPA) ithi sekuntwela ezansi ngokunqoba umkhuhlane wezinkukhu oshaye kwezwela kubafuyi, ezitolo nasemphakathini.

Imenenja-jikelele yophiko lomkhiqizo wenyama yenkukhu eSAPA uMnu u-Izaak Breitenbach ithe imizamo yabo nezinhlaka zikahulumeni zokulwa nalo mkhuhlane ibukeka ithela izithelo futhi seziqalile izinhlelo zokusimamisa le mboni.

Uthe: “Kuze kube manje ziwu-8.5 million izinkukhu esezihlengwe kule mikhuhlane i-H7 ne-H5, lapho sibala nezevile kancane ku-2.5m okungezenyama nezilinganiselwa ku-6m zamaqanda enyama ejwayelekile.”

Uthe mubi kakhulu umonakalo odalwe yilo mkhuhlane kubafuyi ikakhulukazi ngoba alukho uhlelo lokubafukula uma kubhoka izifo ezinjena.

“Kepha ukushesha ukusukuma kweziphathimandla zemboni ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwesimo kubonakala kuthela izithelo ezinhle,” kusho yena.

Phakathi kwezindlela nezinhlelo abeze nazo ukuxazulula le nkinga yilezi:

  • Kwandiswe isibalo samachwane angenamkhuhlane ukusiza ukwandisa umkhiqizo wamaqanda;
  • Kuqalwe uhlelo lokukhiqiza u-2nd grade wamaqanda;
  • Abakhiqizi bamaqanda badayisa izinkukhu zamaqanda eziwu-83m ukusiza ukwandisa umkhiqizo, ingxenye yazo yokuqala efike ngenyanga edlule;
  • Kuzophinde kusetshenziswe isitoko somkhiqizo obugciniwe ngenkathi kusebusika (zincane izinkukhu ezidayisayo) ukuqeda inkinga yokushoda kwezinkukhu, okuzosiza imboni kakhulu;
  • Kuzohlale kucushwe ngeminye imikhiqizo ethengwa kwamanye amazwe ukuhlomela izinyanga ezintathu ezizayo.

U-Breitenbach uthe ngale mizamo abayenzile banethemba lokuthi izosiza ukubuyisela isimo semboni kwesejwayelekile kuze kushaye unyaka ozayo. 

“Nokho yize sizama ukusimamisa imboni kodwa lo mkhuhlane ubeke impilo yabantu engcupheni, wenza isimo sanzima kubafuyi bezama ukubuyisa imali ebalahlekele, yingakho sibona kufanele kube nomthetho ozokweseka bonke abakhinyabazekile ukuze isimo sibuyele kwesejwayelile,” kusho yena. 

U-Breitenbach uthe bayethemba kuzokwenzeka njengoba iPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile laveza ukuthi uhulumeni uzobheka izindlela zokunxephezela abafuyi abathintekile.

Wengeze wathi: “Ephendula imibuzo kwiNational Council of Provinces, uMashatile wathi kuzoba nesikhwama esiwuR3.5 billion sokunxephezela abakhinyabezekile, ngakho noma kusamele kube kuqale kube nohlelo lokuthi sizocazwa kanjani, kodwa akumele kuthuleke isikhathi eside ngaso.”

Okhulumela umNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya uMnu uReggie Ngcobo uthe akukho okusha osekwenzekile okudlula abakubike ngenyanga edlule.

Esitatimendeni abagcina ngaso bathi uhulumeni usuqale uhlelo lokukhipha imvume yokuthi amaqanda athengwe kwamanye amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page