Badonsa kanzima abaneminyaka ewu-35 kuya kwewu-55 – ucwaningo
WUSLINDILE KHANYILE
YIZE abantu abaneminyaka ephakathi kwewu-35 newu-55 behola kakhulu kunakuqala futhi ngaphezu kwabazali babo kodwa yibona abaxakeke kakhulu uma kubhekwa isimo sabo sezimali.
Loku kuvezwe wucwaningo olwenziwe y-Liberty ne-University of Cape Town Liberty Institute of Strategic Marketing obelugxile kulolu hlobo lwabantu olubizwa nge– The Messy Middle: A focus on mid-careers 35 to 55 olwethulwe izolo.
Lolu cwaningo okukhulunywe kulona nabantu abawu-43 abaqashwe emikhakheni ehlukene kwengezwa nangolunye obeseluvele lwenziwe lutshengise ukuthi laba ngabantu ababhekene nezinto eziningi ngesikhathi esisodwa njengoba besuke besakhulisa izingane, bathenga imizi, bayashada kanti abanye kubona bayahlukanisa imishado.
NgokweStatistics South Africa, bawu-16 million eNingizimu Afrika abantu abanale minyaka. Umqondisi we-UCT Liberty Institute of Strategic Marketing uMnu uPaul Egan uthe kunezinto eziningi esezishintshile ezenza izinto zibenzima kulaba bantu.
“Abantu baseNingizimu Afrika sebephila isikhathi eside kunakuqala, laba abaneminyaka eko-20 sebeyaphuza ukuhamba emakubo bayozimela, nokusho ukuthi kuthi kunakekelwa bona ngapha futhi kunakekelwa nabazali asebekhulile ekubeni izinto emnothweni zishintshile, imisebenzi iyaphela kanti nezindleko zempilo zinyukile,” kusho yena.
Abantu abawu-86% kwabaneminyaka ephakathi kwewu-30 newu-49 bondla izingane, kuthi u-47% wabo bondla abazali nezingane. Lolu cwaningo lutshengise ukuthi into exakayo wukuthi laba ngabantu abahola kakhulu kunemali eyayiholwa abazali babo.
I-actuary e-Liberty Corporate Benefits uMnu uJohn Taylor uthi: “Kodwa futhi akusikho ukuthi ukuswela yinto abayisusela ekhanda labo noma emoyeni, yinto ekhona ngempela. Abantu bayasaba nokulahlekelwa abanakho, bayazibuza nokuthi kungabe kwanele yini.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/09/okufanele-ukuqaphele-uma-unyula-impesheni-kwi-two-pot-system-abeluleki/
U-Taylor uthi kubonakele loku nangokuthi laba bantu yibo kanye abaningi kwabakhiphe imali ezikhwameni zempesheni emva kokuqala kohlelo oluvumela abantu ukuthi bathathe ingxenye yemali yempesheni ngisho singakashayi isikhathi somhlalaphansi.
Inhloko ye-Dispute Resolution eBowmans uNks uLusanda Raphulu ithe yingakho futhi laba bantu kuyibona abahlale bezama amabhizinisi aseceleni ukwengeza emiholweni wabo.
“Yingakho futhi beshintshashintsha nemisebenzi, abantu bazama ukuhola kangcono. Abakunqeni ukuzama izinto ezintsha,” kusho yena.
Njengoba eNingizimu Afrika kwaziwa ukuthi amazinga okonga imali aphansi futhi nabo laba bantu abakwi-messy middle bengakwazi ukonga okutheni kodwa uTaylor uthe kufanele ishintshe indlela okukhulunywa ngayo nabantu ngokonga, bangasolwa kodwa kuzwelwane nabo.
“Sekunesikhathi eside manje sibashumayeza abantu futhi sibasola sithi basalele emuva, nokungasizi ngalutho. Abantu abakugwemi ukonga, iyona imali engekho. Into okufanele siyisho manje wukuthi akukhathaleki ukuthi uqala nini, inqobo nje uma uzogcina uqalile ngoba loko kungcono kunokungaqali nhlobo. Inzalo phezu kwenzalo izowenza umehluko,” kusho uTaylor.
Imali eholwa ngabantu abaneminyaka ephakathi kwewu-35 newu-44 wuR378 937 kanti iyanyuka ibe cishe wuR472 327 uma sebeneminyaka ewu-45 kuya kwewu-54.

