UMnu uZithulele Mdadane, umsunguli weHlumakahle Agribusiness Specialists and Training Institute yaseThekwini KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Ulidlulisela kwabanye uthando lwakhe lwezolimo ukuze bezodla ukudla okunomsoco. UNQOBILE NDLOVU uyabika

MANINGI kakhulu amakhemikhali asetshenziswayo uma kutshalwa ukudla noma kukhuliswa imfuyo. Abacwaningi bathi loku kuholela ekutheni abantu babenezifo ezihlukene. 

Ngenye yezinto ezigqugquzela uMnu uZithulele Mdadane, umsunguli weHlumakahle Agribusiness Specialists and Training Institute, yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ukuthi afundise abantu ukuzitshalela ukudla. 

UMdadane udume ngothando lwakhe lwezolimo nezitshalo zakhe zekhethelo ezitshalwa ngendlela “yakudala” engawasebenzisi amakhemikhali, phecelezi i-organic farming.

NgoMgqibelo uMdadane ubecobelela ulwazi abafisa ukufunda le ndlela yokutshala eMariannhill Monastery Farm, eMariannhil, entshonalanga yaseThekwini. Isifundo sosuku besigxile ekutshaleni amazambane emasakeni. 

“Ukutshala nokufuya kubaluleke kakhulu kubantu ngoba ukudla ozitshalele kona kunomsoco kakhulu kunokuthenga ezitolo. Okunye okuye kudide abantu ngokuzitshalela wukuthi udinga umhlaba omkhulu ukuze uzotshala. Akusilo iqiniso loko, ziningi izindlela zokutshala njengasemasakeni, ezigujini nasezindishini noma emabhakedeni amadala,” kucebisa yena. 

UMdadane uthi ukutshala ‘isidala’ kuhle ngezindlela eziningi. 

Umbele uxoxe nabanye abebezothekela ulwazi kwiHlumakahle.

UNksz uPhumelele Ndlovu uthe: “Ngikhulele endaweni yasemakhaya. Kubabuhlungu kumina uma ngivakashe ekhaya ngihlangane nentsha efundile kodwa ehleli ekhaya ngoba ithi umsebenzi awukho. Ngithe angize lapha namhlanje ukuze ngizothola ulwazi ngibaphakele nabo, mhlawumbe bazokwazi ukuzitshalela badayise abakuvunile.”

UNksz uThobile Zondi uthe ufisa ukuthola ulwazi ngokutshala emasakeni ngoba akanayo indawo eyanele kanti ukukhonzile ukutshala. 

UMnu uNtuthuko Ncwane uthe: “Izambane liyabiza ezitolo futhi kuyabonakala ukuthi amakhemikhali asetshenziswayo uma kutshalwa awukhipha wonke umsoco. Ubona ngokuthi amanye amaveji athatha isikhathi eside engonakali.”

Izethameli zifundiswe ngohlobo lwembewu elungele amazambane okupheka ekhaya, imbewu iBP1 eyenza ukwazi ukuvuna amazambane amakhulu namaningi.

UMdadane uthe kuthatha izinsuku eziwu-90 kuya kweziwu-100 ukuvuna amazambane aselungele ukudliwa. Ubona ngokuthi amahlamvu asheshe ukusha uma uchelela ngamanzi ukuthi amazambane akho aselungile, kubalulekile ukukunakisisa loku ngoba uma ushesha ukuwavuna ayashesha ukonakala. 

Uthe kuhle kakhulu ukutshala esakeni, akudli indawo eningi egcekeni, uyakwazi ukususa isaka ulibeke kwenye indawo uma ngabe ubona ukuthi alitholi ilanga noma umoya kahle lapho olibeke khona, kunciphisa izimbuzane futhi asikho isidingo sokumba umhlabathi uma uzotshala esakeni, okwenza kubelula nakwizaguga.

Izethameli zithole ithuba lokwenza ebezicijwa ngakho

UMdadane ufundise nangezindlela ezihlukene zokuhlanza amanzi. “Ziningi izindlela zokuhlanza amanzi uqede amagciwane kuwo. Enye yazo wukuthola isihlahla esibizwa ngokuthi idolofiya uliqobele emanzini, ulishiye isikhathi esingamahora awu-24. Lawo manzi ayobe esekulungele ukuphuzwa.”

Facebook: Hlumakahle Agriculture

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page