Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso
SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.
Ukuwa komasipala osekufaka nabathathu kwabakhulu, okukhona kubona owaseGoli, iMangaung neNelson Mandela Bay, kuthinta ngqo ukuhluleka kobuholi nokukwazi ukuphendula ngezinqumo.
Ngeshwa, osopolitiki bomasipala sebetshengisile ukuthi nabo bayingxenye enkulu yenkinga kunokulekelela ukuthola izisombululo.
Ngesikhathi kunokhetho ngo-2021 ngathi omasipala badinga abantu abafanele abazosebenza kubona njengoba ngaxwayisa ngokuthi inkinga enkulu idalwa abantu abasebenza khona nokuthi kuvamile ukuthi “abantu abaphatha izimali kungabi abafanele”.
Ngeshwa osopolitiki bayaqhubeka nokugxila emibangweni yepolitiki nokulwela izinto eziqondene nabo. Umphumela waloku wukuthi izindawo ezilimala kakhulu yilezo ezingathuthukile. Njengoba sekusondele ukhetho lomasipala oluzobangoNovemba, umcwaningimabhuku-jikelele usakhala esifanayo njengoba imali engasetshenziswa ngendlela efanele iphindeke kabili.
NgoLwesihlanu uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe kusukela ngo-2021/22, omasipala abathintekayo banoR145,21 billion abangawusebenzisanga kahle, uR40,14bn okuyimali esetshenziswe ngo-2024/25 kuphela, kwathi abayisebenzise ngaphandle kwemvume yaba wuR118,13bn noR24,12bn omosiwe. Cishe omasipala abawu-116 baphasise izabelomali zezinto abangenamali yazo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/09/asijezisi-omasipala-kodwa-siyabalungisa-umgcinimafa/
Umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke uthule umbiko ngendlela omasipala abasebenzise imali ngayo ngo-2024/25 ePhalamende ngomhlaka-24 Juni.
Umbiko wathi: “Umsuka wokuqhubeka nokungasebenzisi imali kahle nokuhluleka komasipala wukuhluleka kwabantu ukwenza umsebenzi nokuphendula ngezinqumo zabo emazingeni ahlukene omasipala.
“Ukucwaninga kwethu kuphinde kwaqinisekisa ukuthi abaqondene naloku, izimenenja, izimeya nemikhandlu abakwenzi umthetho okulindele kubo noma uyabahlula umsebenzi.”
Uphakamise ukuthi izinhlangano zepolitiki zibheke kakhulu ubuqotho nokuthi umuntu uyawazi yini umsebenzi ngaphambi kokuphakamisa igama lakhe ukuthi enze umsebenzi njengoba ethe uhlobo lwabantu abazokhethwa yilona oluzocacisa ukuthi umbuso ozongena uzophumelela yini lapho lona ozophuma uhluleke khona.
Ngebhadi inqwaba yomasipala abathintekayo bazizibile izixwayiso ezenziwe eminyakeni engaphezu kweshumi. Abantu abakwazi ukusekwa unomphelo, kukhona okufanele kushintshe kanti manje sekufike isikhathi sokuthi kubeseqhulwini ukuthi abantu baphendule.
Amabhizinisi asesho kaningi ukuthi idolobha laseGoli liyinkinga yezwe lonke: uma liwa, imiphumela yako izozwela emnothweni wonke. Imeya yaseGoli uMnu uDada Morero ukhulume nabezindaba ngoLwesithathu. Uvumile ukuthi lukhulu oludinga ukwenziwa ukulungisa izinkinga zemali kanti wengeze ngokuthi iSabelomali sango-2026/27 esiphasisiwe sizokwazi ukukhokhela yonke into.
Nokho, uphinde wathi idolobha alikho enkingeni yize kunzima ukwamukela loku uma ubheka ukuthi izibalo zithini.
UmNyango weziMali udinga ukuthi omasipala babenemali abangabheka ngayo izindleko zabo izinsuku cishe eziwu-32 kodwa idolobha laseGoli linemali yezinsuku eziwu-12. Sekunesikhathi imali ingasetshenziswa kahle, imoswa, ngaphandle kwemvume njengoba iwuR23bn.
Yisimo esiphuthumayo lesi, ikakhulu njengoba lo masipala usalele emuva ngoR3,7bn okweletwa i-Eskom noR1,2bn okweletwa iRand Water ngokwezibalo ezishicilelwe wumnyango weziMali.

I-Eskom ikweletwa wumasipala waseGoli uR3,7 billion
Kuyakhuthaza okwenziwe wumNyango weziMali. Ngonyaka odlule wenza okufanayo komasipala abawu-75, wagodla isabelo sabo ngenxa yokungayigcini imithetho ethile kanti bonke bayithola imali yabo ekupheleni kwango-Agasti uma sebeyifezile imibandela eyayibekiwe.
Ukuthola imali akuvele nje kwenzeke. UmNyango weziMali uyikhokha kancane kancane, umasipala kufanele uqale usayine isivumelwano sokuthi uzobakhokhela kanjani obakweletayo njenge-Eskom noma iRand Water; emva kwaloko imali ikhokhelwa ngqo lowo muntu okweletwayo kanti esele ikhokhwa uma sebukhona ubufakazi bokuthi imali isikhokhiwe.
Umasipala waseGoli unikwe kuze kushaye umhlaka-30 wangoSepthemba ukunciphisa ukusebenzisa imali ngaphandle kwemvume, ukuyimosa nokuyisebenzisa ngokungemthetho ngo-25%.
Ukuwa kukamasipala kuzwela kakhulu kwabampofu. Izinkampani ezinkulu zikwazi ukufaka ama-generator, amapitsi amanzi nokuthatha umshwalense ukugada ingozi uma kubheda izinto kuhulumeni.
Kuyabiza loku kodwa kuyadingeka. Imvamisa amabhizinisi amancane awakwazi ukukhokhela lezi zindleko futhi amanye ayawa noma asengozini yokuwa ngenxa yokuphazamiseka kukagesi namanzi, ingaphathwa eyamanani kagesi namanzi anyuka kakhulu nezinye izindleko zomasipala.
Kodwa njengazo zonke izinto lapho uhulumeni uhluleka khona, amakhaya antulayo adonsa kanzima. Yibona ababamba ulayini belinde ukukha amanzi emathangini, ababanezingane ezigulayo ngenxa yokungathuthwa kahle kwendle noma ukungakwazi ukwenza umsebenzi wesikole ngenxa yokungabibikho kukagesi.
Sesikwenze into ejwayelekile loku, ekubeni akufanele. INingizimu Afrika ngeke ibenomnotho okwazi ukuncintisana neminye uma kuwa omasipala.
Umcwaningimabhuku-jikelele usitshelile ukuthi izinto zonakala kuphi kanti umNyango weziMali manje usuyasitshengisa ukuthi yini umphumela wokuhluleka ukulungisa lezi zinkinga.
Inkinga yomasipala isikhumbuza ukuthi siphuthuma kangakanani isidingo sokuqhubeka nezinguquko ezinqala komasipala okuyingxenye yesigaba sesibili se-Operation Vulindlela.
Loku kubonakele kakhulu ngoMeyi ngesikhathi umNyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko ushicilela umthetho wokubuyekeza ukusebenza komasipala ukuze kuphawulwe ngeziphakamiso ezenziwe.
Ukushintsha izinto komasipala abaningi kangaka okubheda izinto kubona yinselelo enkulu kodwa kubalulekile ukuthi sikwenze futhi izinhlangano zamabhizinisi zizoqhubeka nokuweseka lo msebenzi.
Izinhlangano zepolitiki kufanele zicabange ngale nkinga uma seziphakamisa abantu ezifisa bavotelwe okhethweni lomasipala oluzoba ngoNovemba. Izakhamizi kade zithwala kanzima ngenxa yezinqumo zosopolitiki abaphakamisa abantu abangawazi umsebenzi.
Abazovota ngoNovemba banamandla okukushintsha loku ngoNovemba. Kufanele bafune abantu abaqotho futhi abawaziyo umsebenzi odinga ukwenziwa komasipala ngokushesha.


