UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uphinde waselula isibonelelo sikaR350. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uzoluma aphephethe ngeSabelomali kule minyaka emithathu ezayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo azonciphisa kuzona ukubhekela izindleko zokukhuphula imiholo yezisebenzi nokwelula isibonelelo esisiza abantu abangasebenzi esethulwa ngesikhathi seCOVID-19 onyakeni wezimali wango-2023/24. Kepha ziningi ezinye izinhlelo zokuntswinya indlela imali esetshenziswa ngayo ezizothulwa eminyakeni emithathu ezayo. 

Loku kuvele kwiSabelomali esibuyekeza futhi sibheke iminyaka emithathu ezayo i-Medium-term Budget Policy Statement (iMTBPS) esethulwe namhlanje.  

Lesi Sabelomali siveze ukuthi kunoR213.3 billion okuzoncishiswa ngawo izindleko eminyakeni emithathu ezayo. Kule mali kukhona uR57.2bn wokubheka ukunyuka kwemiholo noR33.6bn wokulula isibonelelo esiwuR350 ngomunye unyaka njengoba sesizoqhubeka kuze kube sekupheleni kwango-2024/25. 

UmNyango wezeMpilo ngenye yezindawo izembe elizokhala kuzona  njengoba uyalelwe ukuthi kuzofanele uphucule imali oyikhokhela abasebenza isikhathi esengeziwe, kunombiko ophothulwayo ozosiza ngezindleko ezihambisana nokuthathelwa izinyathelo zomthetho kanti kukhona nemali ezothathwa kwisibonelelo ebesihlinzekelwe umshwalense wezempilo njengoba sesizoyiswa ezinhlelweni zokunakekela iziguli ezinomdlavuza.

Isibonelelo esiya komasipala sizoncishiswa ngoR3.4bn, kuthi esezifundazwe sehliswe ngoR6.2bn ngo-2023/24. 

Eminyakeni emithathu ezayo kulindeleke ukuthi uhulumeni usebenzise uR7.41 trillion ekubeni imali ozoyingenisa kulindeleke ukuthi ibe wuR6.3 trn. Isikweletu sikahulumeni sibhekwe ukuthi sifinyelele kuR6.52trn ngo-2026/27, sisuka kuR5.24trn ngo2023/24 kwazise uhulumeni uzoboleka cishe uR553.7bn njalo ngonyaka.

Uma kuqhathaniswa imali eya esikweletini nobungako bomnotho, ngo-2025/26, iNingizimu Afrika izobe isikweleta imali elingana no-77% womnotho, okuzonyuka kusuke ku-73.6% ngo-2023/24. Inzalo ekhokhelwa lesi sikweletu kubhekwe ukuthi ifinyelele kuR455.9bn, isuka kuR385.9bn ngo-2023/24. Le nzalo idla okungenani u-20% wemali kahulumeni.

UmNyango wezeziMali ubalule isikweletu esiphezulu kakhulu njengenye yezinto ezikhinyabeza umnotho njengoba uthe kunobufakazi bokuthi akuyona lena indlela yokukhulisa umnotho kodwa uthe lesi yiSabelomali ozama ngaso ukubhalansisa ukusebenzisa imali ngendlela ephusile nokunakekela abahlwempu emphakathini.

“Ngo-2019, iMTBPS yalinganisa ukuthi isibalo sabantu abazohola izibonelelo sizofinyelela ku-22.5 million ngo-2040/41, nokuzosho ukuthi imali engango-3% womnotho izosetshenziselwa lokhu ngonyaka. 

Lokhu kuyahambisana nemali esetshenziselwa izibonelelo uma singafakwa isibonelelo sesikhashana. Uma leso (isibonelelo sesikhashana) noma isibonelelo esisha sikhokhwa unomphelo, isibalo sabantu abahlomula ngezibonelelo sizonyuka sisuka ku-27.3m ngo-2023/24 sifinyelele ku-40.4m ngo-2040/41 nokuzodla imali elingana no-3.8% womnotho ngo-2040/41 futhi kudingeke enye imali ethe xaxa,” kusho uMnyango wezeziMali. 

Umnyango uphakamise ukuthi isibonelelo esiwuR350 sihlinzekwe kuze kube ngu-2024/25. 

Uthe okungale kwaloko kuzodinga ukuthi wona ngokubambisana nomNyango wokuThuthukisa uMphakathi babuyekeze zonke izibonelelo. 

“Asipheli umoya lesi sibonelelo (sikaR350), njalo ngonyaka sithi siyagcina kodwa siphinde siqhubeke. Uma singakhuluma iqiniso manje, akufanele sicabange ukuthi sizophela ngo-2025 futhi sikuhlinzekele ukuthi kungenzeka lokho,” kusho uMnu u-Enoch Godongwana, uNgqogqoshe wezeziMali esithangamini nabezindaba. 

Enaba ngezinto ezikhinyabeza umnotho, ubalule ukungakhuli kwawo, ukungasebenzi ngendlela kwamabhizinisi kahulumeni amqoka emnothweni i-Eskom neTransnet nokwehla kwemali engeniswa wuhulumeni.  

Eminyakeni emithathu ezayo umnotho ubhekwe ukuthi ukhule okungenani ngo-1.4% ngonyaka. Ngo-2026/27 ulindeleke ukuthi unyuke ngo-1.8%, usuka ku-0.8% kulo nyaka

UGodongwana uthe: “Izingozi esaxwayisa ngazo ngoFebhuwari okubalwa ukwehla kwamanani okumbiwa phansi emhlabeni, okwangenisa imali eningi ngonyaka odlule, ukwehla kwamandla emali nokuwa kwerandi kwenzekile. 

“Ngenxa yaloku imali kahulumeni yehle kakhulu. Imali esishoda ngayo inyuke ngoR54.7bn uma kuqhathaniswa nesasikulinganise ngeSabelomali sango-2023. Lokhu kukhomba ukuncipha kwemali engenile, ukunyuka kwamaholo nenzalo yesikweletu.” 

Imali ezongeniswa wuhulumeni ingaphansi ngoR56.8bn kobekulindelekile ngo-2023/24.

Uchaza umNyango wezeziMali uthe imbangela wukuthi:

  1. Yehle kakhulu inzuzo engeniswe yimboni yezimayini, okwehlise intela eyikhokhile njengoba inciphe ngoR24.6bn noma u-55.4% uma kuqhathaniswa no-2022/23;
  2. Imali uhulumeni ayibuyisele kubakhokhintela ukuhlinzekela i-VAT ibingaphezulu ngoR21.5bn uma kuqhathaniswa no-2022/23. 

Yilezi izizathu ezenza uhulumeni ube nezinhlelo ezinqala zokunciphisa izindleko nokukhulisa umnotho. Ezinye zalezi zinhlelo ngezithinta ukubuyekeza ukusebenza kweminyango nezinhlaka zikahulumeni ukubheka ukuthi yikuphi lapho kungancishiswa khona, ikakhulukazi ezindaweni okubonakala ukuthi azisebenzi kahle noma zihlanganiswe. 

UDkt uMampho Modise, iPhini lomQondisi-Jikelele ophikweni lwemali Yom phakathi, uthe basaphezu kwalo uhlelo lokubuyekeza ukusebenza kukahulumeni ukubheka ukuthi yiziphi izindawo okufanele kushintshwe kuzona. 

“Silwenza minyaka yonke lolu hlelo kanti lapho sibona ukuthi kuyashoda khona, sibe sesithatha abalingani abasuke sebethe xaxa sivale ngabo izikhala. 

“Siqale sibuyekeze indlela esisebenzisa imali ngayo nokuthi izinhlelo zethu zisahambisana yini nezidingo, mhlawumbe njengokuthi kusafanele yini uma sakha indlu yomxhaso sakhe indlu ezimele noma kufanele kube ngamaflethi.  

“Uhlelo lokubuyekeza olubanzi lwenziwe wumqondisi-jikelele (osathatha umhlalaphansi eHhovisi likaMengameli) uDkt uCassius Lubisi. Uma sibheka izinhlelo ezintsha sibheka nokuthi yini esuke iseqhulwini kuhulumeni ophethe ngaleso sikhathi. Sizokophothula loku phakathi kokwethulwa kwenkulumo ebhekiswe esizweni neSabelomali ngonyaka ozayo,” kusho uDkt uModise. 

NoGodongwama ugcizelele ukuthi akekho umuntu ozophelelwa wumsebenzi. 

Indlela imali ezokwabiwa ngayo eminyakeni emithathu ezayo: 

Uhlelo2023/24 obuyekeziwe2024/252025/262026/27
Imfundo eyisiSekeloR319.7bnR322.8bnR335.4bnR350.8bn
Imfundo ePhakemeR133.3bnR140.2bnR145.4bnR152.8bn
EzempiloR264.5bnR268.4bnR277.6bnR290.0bn
Ukuthuthukisa umnothoR239.6bnR254.7bnR281.7bnR287.4bn
EzenhlalakahleR369.7bnR387.5bnR385.1bnR398.8bn
Ezokuthula nokuvikela R234.9bnR234.9bnR236.0bnR256.6bn
Ukuthuthukisa umphakathi R251.9bnR265.6bnR278.4bnR287.5bn
  • Lolu lwazi lucashunwe kwiMTBPS ka-2023

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page