Bakhona, bayaphusha ekuthungeni imifaniswano yesikole
WUTHOBILE ZWANE
UTHANDO lokuzimela empilweni luholele intokazi yaseThekwini ukuthi iqale ibhizinisi lokuthunga imifaniswano yesikole neyezinkampani.
UNksz uNontokozo Xaba, oneminyaka ewu-33, wasungula iSeskhona Syaphusha Primary Co-operative Limited noMnu uSbongiseni Mthethwa ngo-2024, ethunga imifaniswano, amasokisi, amajakhethi, obhaka nezigqoko kwesikole. Amanani awafani, kuya ngephethini, indwangu nokuthi ikhasimende lifunani.
Le ntokazi edabuka eHighflats, eningizimu yaKwaZulu-Natali, kodwa ekhulele eMlaza, eThekwini, ithi yathola ithuba lokucijwa yi-Igoda Incubator ohlelweni olufundisa ukuthunga nolwazi lokusungula ibhizinisi lokuthunga.
“Ngathi uma sengiqede khona, ngaqala ukuzithungela, ngithungela nabanye abantu, ngavula nekhasi ezinkundleni zokuxhumana ngikhangisa umsebenzi wami,” kusho yena.
Ngaleso sikhathi uthi wayehlala nogogo wakhe eNgonyameni, ngaseMlaza, lapho ajoyina inhlangano yomphakathi yabantu besifazane abethungela umphakathi, okwagcina kuyibhizinisi lokuthunga imifaniswano.

Imifaniswano ye-Imbeleko Academy ethungwe yiSeskhona Syaphusha
Uthi ekuqaleni ibhizinisi lalikhula kahle njengoba izikole eziningi zaqala ukufaka ama-oda. Ngokuqhubeka kwesikhathi kwabanezinselelo ezinjengokungathembani, izinkinga zemiholo nokungavumelani ngemali.
“Umsebenzi wawusukhula kakhulu kodwa uma sicela ukukhushulelwa imali, kungavunywa. Ngabona lapho ukuthi sengidinga ukuzimela ngokuqala into yami,” kusho uNksz uXaba.
FUNDA NALAPHA: Ulapha ubuhlungu abuzwa esemncane ngokuthunga imifaniswano yesikole
Enye yezinselelo aseke wabhekana nazo wukungabinemali eyanele yokuqala ibhizinisi, njengoba umsebenzi wokuthunga udinga imali yokuthenga izindwangu nemishini.
“Ngangingenamali eyanele yokuqala. Ngenhlanhla ugogo wabona ukuthi ngiyazimisela, wangisiza ngemali encane ayenayo. NoMthethwa wafaka isandla,” kusho yena.

Obhaka abathungwe yiSeskhona Syaphusha
Uthe ikhasimende lakhe lokuqala elikhulu yisikole esizimele saKwaNyuswa, entshonalanga yaseThekwini, i-Imbeleko Academy. Okunye okumenza aziqhenye ngomsebenzi wakhe wukuthungela iCoastal College, okwamfundisa ukusebenza ngaphansi kwengcindezi nokuphatha ama-oda amakhulu.
Kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi, uthi kubalulekile ukwenza ucwaningo olunzulu ngebhizinisi ofisa ukuliqala. “Kubalulekile ukwenza ucwaningo ngoba uma usaqala imali ingena iphinde iphume. Ngesinye isikhathi ungacabanga ukuthi ibhizinisi alihambi kahle,” kusho yena.
Uthe kubalulekile ukukholelwa kuwena nombono wakho, ngoba abantu abaningi bangewubone uma usaqala.
Uthi: “Abanye abantu bayahleka noma bakutshele ukuthi into oyenzayo ngeke iphumelele. Kubalulekile ukuzethemba nokukholelwa embonweni wakho.”
ISeskhona Syaphusha isiqashe izisebenzi ezinhlanu kanti uNksz uXaba unesifiso sokudala amanye amathuba emisebenzi njengoba ibhizinisi likhula.
Ufisa ukukhulisa inkampani ibenefemu enkulu nesitolo esidayisa izimpahla zabo. “Ngifisa ukubanefemu yami nesitolo semifaniswano, ngibenendawo enkulu yokusika imisiko neyokusebenza namahhovisi. Ngifuna ukuqasha abantu abaningi futhi ngikwazi ukuthungela izikole eziningi,” kusho yena.
Facebook: Seskhonasyaphusha
Instagram: @Seskhonasyaphusha
Tik Tok: Seskhonasyaphusha

