Inkinga yesikweletu sikagesi eGoli imqoka kwikusasa le-Eskom nedolobha uqobo, kuloba uBusi Mavuso
NGEKE kulunge eNingizimu Afrika uma kungawa idolobha laseGoli. Indlela izinto ezenzeka ngayo ngogesi kulo mkhandlu isiyingozi ngempela. Isikweletu esiwuR5,3 billion leli dolobha elisikweleta i-Eskom asikhokheki ngendlela efanele kanti imiphumela yaloko icace bha ngesonto elidlule.
I-Eskom inike lo mkhandlu ithuba lokuphefumula kancane ngesikhathi ivuma ukuhlehlisa ngezinsuku eziwu-30 ukuqhubeka nohlelo olugunyazwe i-Promotion of Administrative Justice Act, umthetho le nkampani ephehla ugesi okufanele iwulandele ngaphambi kokucima ugesi, kuleli dolobha.
Kufinyelelwe kulesi sivumelwano emva kokungenelela kukangqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramakgopa.
Kodwa ngesikhathi imemezela isinqumo sokuhlehlisa ukucima ugesi, i-Eskom ithe leli dolobha lihlulekile ukukhokha ngomhlaka-5 wangoJuni nokwakuwumnqamlajuqu eyayibekelwe wona ukukhokha, yize selikhokhe uR1,2bn kusukela kwaqala lolu hlelo. Njengoba umkhandlu uhlulekile ukukhokha, i-Eskom isiyaqhubeka nohlelo oluzoholela ekutheni igcine icime ugesi ewuphakela iCity Power.
Ukubheda kwesimo sezimali eGoli kuzokwenza kubelukhuni ukuthi leli dolobha likhokhe isikweletu salo esidala. Ucwaningo lwethu lutshengisa ukuthi leli dolobha cishe lisemuva ngonyaka ukukhokhela abahlinzeka ngezidingo nemisebenzi kanti ne-Eskom ibalwa kubona.
Umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uzohlangana kuleli sonto ukubhunga kabanzi ngale nselelo yaseGoli nokuthi yini engenziwa ngamabhizinisi ukuseka imizamo yokulivuselela. Mkhulu umsebenzi.
Sekuyisikhathi leli dolobha lingakwazi ukungenisa imali elibikezela ukuthi lizoyingenisa uma lethula isabelomali. Incane imali eliyisebenzisayo ukunakekela ingqalasizinda, ingaphathwa-ke eyokutshala imali kwingqalasizinda entsha. Indlela imali eningi esetshenziswa ngayo, liyahluleka ukuhlinzeka izidingo ezizokwenza amabhizinisi akwazi ukuncintisana nokufaka isandla ekukhuliseni umnotho waseNingizimu Afrika.
Umkhandlu waseGoli ungeminye yeminingi ekweleta i-Eskom kodwa yiwona omkhulu kunayo yonke kanti ukulungisa isikweletu sawo kuzoyisiza kakhulu i-Eskom, nayo ezama ukuvuselela izinto.
Njengoba ngasho emasontweni amabili edlule, lesi sikweletu singezinye zezimpawu zokungaphathwa ngendlela efanele kwaleli dolobha, osekunesikhathi amabhizinisi ekhala ngengozi yako emnothweni.
Ukulungisa isimo sezimali eGoli akubalulekile kuleli dolobha kuphela. Kumqoka ekusimamiseni i-Eskom nasekutheni kubenemboni kagesi ekwazi ukuncintisana, lena esiyifunayo.
Amabhizinisi azinikele ekusekeni isixazululo esizosiza ukuxazulula inkinga yemali i-Eskom eyikweletwa omasipala. Nokho, kufanele sibe siqhubeka nomsebenzi wokuletha izinguquko kule mboni njengoba kusho komhlahlandlela weKomiti eliNgamele iNkinga kaGesi, nosekukhathulwe indima enkulu eminyakeni edlule ngenxa yawo.
Lo mhlahlandlela uzoholela embonini kagesi ezobanezinkampani eziningi ezincintisanayo, nokuzosiza amakhasimende.
Okunye okubalulekile kulo mhlahlandlela wukusungula inkampani ezimele yokusabalalisa ugesi nezokwenza wonke umuntu ophehla ugesi akwazi ukusebenzisa ingqalasizinda yokuwusabalalisa ngendlela efanayo, kungabibikho ozocwaseka. Umgomo ucacile ukuthi le nkampani yiyona okufanele ibewumnikazi wengqalasizinda, hhayi nje ukuthi ingamele ngoba yenzela i-Eskom.
Loku kuzoqinisekisa ukuthi ayikho inkampani ecwasekayo. Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wakuseka loku ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoFebhuwari ngesikhathi i-Eskom ithi ihlela ukuyisungula yona le nkampani futhi iphinde ibewumnikazi wengqalasizinda. Umengameli ukugcizelele futhi akusho esitatimendeni asikhiphe ekuqaleni kwale nyanga.
Ukuthi wubani umnikazi wengqalasizinda kumqoka ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, yiyona ndlela ecacile yokuheha abatshalimali abasha abangafaka imali kwingqalasizinda, into edingeka ngokushesha eNingizimu Afrika.
Okwesibili, kumqoka uma imboni izoncintisana kahle ukuthi wonke umuntu abenethemba lokuthi uzokwazi ukusebenzisa ingqalasizinda ngendlela efanayo. Uma kunenkampani okuzothiwa ayenze lo msebenzi kodwa ingqalasizinda kungeyona eyayo, kufana nokuthi emjahweni umuntu angene futhi abewunompempe.
FUNDA NALAPHA: Uhulumeni ukitaze izakhamuzi ngentela nokulungisa omasipala kwiSabelomali
Ukuhlukanisa lezi nkampani kubambezelekile kakhulu kanti namanje akukacaci ukuthi kuzokwenzeka nini. Ikomiti elisungulwe wumengameli uRamaphosea ukuphothula lo msebenzi, lilulelwe isikhathi sokuthula umbiko walo ekupheleni kwenyanga.
Lokhu kumenyezelwe ngesikhathi iHhovisi likaMengameli liqinisekisa ukuthi inkampani ezimele ezosabalalisa ugesi izobawumnikazi wengqalasizinda. Nokuhlukanisa le nkampani akuyona into elula, i-Eskom inezikweletu zayo kanti abantu ebakweletelayo bafuna isiqiniseko sokuthi ngeke babenenkinga yokuthola imali yabo uma isihlukanisiwe. Loku yinto eyenziwa kahle kwamanye amazwe. Kuyenzeka uma abantu bezimisele.
Amabhizinisi azimisele ngoba umvuzo mkhulu, hhayi nje ngenxa yokuthi izophucuka indlela ugesi ohlinzekwa ngayo kodwa nangenxa yokwehla kwamanani ngokuqhubeka kwesikhathi. Kusukela kwaqala ukucinywa kukagesi eminyakeni ewu-18 edlule, amanani kagesi anyuke ngokuphindwe kashumi, okungaphezulu kakhulu kwamandla emali.
Ngaphambi kwaloko, amanani kagesi abephansi kakhulu, okungenye yezinto eziyimbangela yokuthi kungatshalwa imali ekwandiseni indlela ophehlwa ngayo. Impendulo manje wukuthi kubenemboni encintisanayo ukuze amakhasimende abenabantu abaningi angakhetha kubona.
Njengoba ngasho emasontweni amabili adlule, amabhizinisi akulungele ukuseka angabambisana nabo kuhulumeni, inqobo nje uma beqotho. Ukuthi wumkhandlu waseGoli noma i-Eskom noma amanye amabhizinisi kahulumeni, akusho lutho, akukhathalekile, inqobo nje uma kunohambisana nokuzibophezela emigomweni ezokhulisa umnotho.
Sizoyeseka i-Eskom iqoqe imali ekweletwa yona kodwa futhi siyaqhubeka nokugxila ekutheni kufanele kubenemboni ekwazi ukuncintisana kahle.


