Isikhungo esicwaninga ngezomnotho iBureau for Economic Research sizokhipha ucwaningo ngokwehla kwamandla emali kuleli sonto. Isithombe: Sithunyelwe

Ucwaningo ngokwehla kwamandla emali lubhekwe ngabomvu

YINTATHELI YOMBELE

KULELI sonto into enkulu ezobhekwa ezimakethe zemali kuzobawucwaningo lokwehla kwamandla emali lweBureau for Economic Research.

Lolu cwaningo lufika ngesikhathi esimqoka kwinqubo yezimali. Seloku iBhange lomBuso lanyusa imalimboleko ngoMeyi, amanani kawoyela ehla ngamandla, kwancipha ukwehla kwamandla emali nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwamazwe ngemva kwesivumelwano seMelika ne-Iran.

Nokho lolu cwaningo lwenziwe ngesikhathi amanani kawoyela esa amagalane nangaphambi kokuthi izimakethe zikholwe wukuthi kuzokwehla ukubhekana ngeziqu zamehlo eMiddle East. Ngenxa yalezo zizathu, lolu cwaningo luzoveza kakhulu ixhala langaleso sikhathi ngokwehla kwamandla emali kunomuzwa wamanje.

Uma kubhekwa ukukhathazeka kweBhange lomBuso ngokuthi amanani kaphethroli aphezulu azoqhubeka, lolu cwaningo luzobhekwa kakhulu ngaphambi komhlangano weKomiti eliNquma iMalimboleko ngenyanga ezayo.

I-Absa manufacturing managers’ index (iPMI) yangoJuni izokhombisa ukuthi ngabe abakhiqizi sebeqalile ukubheka ngale kokunyuka kwamanani kawoyela. Into ezobhekwa kakhulu wukuthi ngabe ukubangcono kwesimo sobudlelwano bamazwe senzengcono ithemba losomabhizinisi kanti inkomba yamanani okuthenga izokhombisa ukuthi ukwehla kwamanani kawoyela kunamuphi umphumela kwizindleko zomkhiqizo.

Khonamanjalo isikali sezikweletu zabantu nezamabhizinisi, ukuthenga izimoto ne-S&P Global PMI sizokhombisa ukuthi amakhaya abantu namabhizinisi bamisa kanjani esimweni sokunyuka kwamanani kaphethroli aphezulu nesimo somnotho esimanzonzo.

Ngale kwalezi zibalo, kuzobhekwa ngamehlo abomvu imibhikisho yokulwa nabantu bokufika abangekho emthethweni kusasa. Kuzobhekwa umphumela wemibhikisho emnothweni.

FUNDA NALAPHA: Abantu baseNingizimu Afrika ababazondi abokufika – ingqapheli

Phesheya, kuzobhekwa isimo semisebenzi eMelika. Ngemva komhlangano weBhange lomBuso ngaphansi kukasihlalo walo uMnu uKevin Warsh, abatshalimali bazobheka izibalo zanyanga zonke zabantu abangasebenzi emkhakheni wezolimo nezibalo zabantu abangasebenzi ukubona ukuthi izimakethe zisakwazi yini ukuthwala umnotho.

Khonamanjalo, ucwaningo lwemboni yomkhiqizo eMelika nase-China luzokhombisa ukuthi isimo somnotho sizobanjani ngesigaba sesibil sonyaka.

EYurophu kuzobhekwa izibalo zokwenhla kwamandla emali ngemva kokuthi i-Nakuba abantu abashaya imithetho bekhathazeke ngomphumela wokunyuka kwamanani kagesi kumanani ezinye izinto, nokho ukwehla kwamanani kawoyela kukhombisa ukuthi izinto zizobangcono.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page