Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZethu ‘Ze2’ Nhlangulela, umculi we-afro pop nama-piano. Udume ngengoma ethi Okokugcina ayicula no-Oskido, uYoung Stunna noX-Wise. Useke wasebenza noZakwe, uSipho Magudulela noKabza De Small
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokugibela uma ngiya esikoleni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqale ngo-2015, ngayivula eFNB.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi uma uthola imali kumele uzame izindlela zokwenza ukuthi izalane yande.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-2015 enkampanini eseJacobs, ngibhala uR100 ngosuku.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo izidingo zengane yami eyayincane ngaleso sikhathi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuhlale ngiqinisekisa ukuthi izingane zami zithola yonke into eziyidingayo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga izimpahla ngesikweletu.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kumele uzijwayeze ukonga nokubeka imali, uqaphele indlela oyisebenzisa ngayo ukuze ingamosheki.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathatha uhhafu walo ngiwusebenzise ezidingweni zasekhaya, ngilungise konke okushodayo bese esala lapho ngilekelele ngayo amaciko eza ngemva kwami ukuphucula ubuciko bawo ukuze engadluli ebunzimeni engidlule kukho.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abagweme ukuzifakela ingcindezi yokuthenga izinto ezibizayo ngoba befuna ukubukwa ngabantu. Abaphile impilo engangamandla abo, bangamoshi imali ezintweni ezingenasidingo.
- WuSimangaliso Ntshangase